Ngo-2021
UbuPristi bukaNkulunkulu
Ngo-Agasti 2021


“UbuPristi bukaNkulunkulu,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngo-Agasti 2021, 20-21.

UMyalezo waNyanga Zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Agasti 2021

U buPristi buka Nkulunkulu

IMfundiso neziVumelwano 84

Okufanele kwaziwe yintsha yonke mayelana nobupristi nokuxhumana kwayo nabo.

Isithombe
intsha

Usuke waqaphela ukuthi kudida kanjani ukusetshenziswa kwegama elilodwa ngezindlela ezimbili? Isibonelo, ngesiNgisi igama elithi earth (umhlaba) lisho inkanyezi ezungeza ilanga esiphila kuyo kanye nenhlabathi engaphansi kwezinyawo zethu. Womabili amagama alungile, kodwa ukusetshenziswa kwegama ngalinye kuya ngokuthi ukhuluma ngani ngalowo mzuzu. Okudida kakhulu wukuthi uma igama elithi earth (umhlaba) kuqondwe ngalo inkanyezi ezungeza ilanga, lokho kufaka phakathi nomqondo we nhlabathi, ngoba inhlabathi ikuyo inkanyezi ezungeza ilanga .

Ukuchaza igama elithi ubuPristi

Igama elilodwa esilisebenzisa ngezindlela ezimbili kuleliBandla lithi ubupristi. Leligama lisho wonke amandla negunya likaNkulunkulu. Noma kunjalo, siphinde silisebenzise futhi igama elithi ubupristi ngendlela engaphelele—ukuchaza “amandla negunya uNkulunkulu alinikeza abaphathi bobupristi abagcotshiweyo ukuba benze zonke izinto ezidingekayo ukusindisa abantwana baNkulunkulu.”1

Ubupristi obunikwe umuntu akuwona wonke amandla kaNkulunkulu. Lelishadi elilandelayo libonisa leliphuzu.

Kulelishadi ubona izibonelo zamandla kaNkulunkulu, angenasiphelo futhi angenamkhawulo. Ngaphakathi kwalawo mandla, ubona futhi nezibonelo zamandla negunya lobupristi bukaNkulunkulu abunikeza, noma abupha, amadoda afanelekile ukuphatha eBandleni likaKristu.

Izibonelo zeGunya lobuPristi eMpilweni Yakho.

Zonke izibusiso zobupristi zingatholwa yiwo wonke amadodakazi namadodana athandekayo kaBaba oseZulwini. Uhlu lwesibili lumele lezo zibusiso eziza kuwe ngomuntu ophethe okhiye bobupristi noma osenikiwe igunya lobupristi.

Yilona hlelo lolu uNkulunkulu alumisele ukuhlela nokuphatha iBandla Lakhe emhlabeni. Ezinye izibonelo zegunya lobupristi bukaNkulunkulu kubalwa kuzo umongameli womgwamanda wamadikoni noma wabafundisi onezikhiye zokuhola umsebenzi womgwamanda wakhe, isibusiso sikababa esinikezwa ekhaya, nezimiso nezivumelwano zasethempelini.

Amadoda, Abesifazane, nobuPristi

Yize ukugcotshelwa esikhundleni sobupristi kunikezwa amadoda kuphela, uMongameli uDallin H. Oaks, uMeluleki wokuQala kubuMongameli bokuQala, uchaze umgomo obalulekile: “Ubupristi bungamandla negunya laphezulu eliphethwe ngokuthenjwa ukuze lisetshenziselwe umsebenzi kaNkulunkulu ukuze kuzuze bonke abantwana Bakhe. Ubupristi akubona labo abagcotshelwe esikhundleni sobupristi noma labo abasebenzisa igunya labo. Amadoda aphethe ubupristi awabona ubupristi. Akufanele sibize amadoda agcotshiwe njengo bupristi.2

Yize abesifazane bengagcotshelwa ebupristini, uMongameli uRussell M. Nelson wachaza wathi,“uma uhlukaniselwa ukusebenza obizweni ngaphansi kokuqondiswa yilowo ophethe okhiye bobupristi … unikwe igunya lobupristi lokusebenza kulolo bizo.”3 Ezinye izibonelo zalokhu kubalwa kuzo ubumongameli bamakilasi amaNtombazane, abefundisi bevangeli besifazane abashumayela ivangeli, abaholi emawadini nasezikhonkwaneni abahlukaniselwa ukufundisa nokuhola, nabenzisa izimiso ethempeleni.

Amandla obuPristi Abusisa Wonke Umuntu

Izibusiso enizitholayo nina bafana namantombazane zingezenu ngezivumelwano enizenzayo ngenkathi nibhabhadiswa kanye nezivumelwano enizozenza ethempelini. Noma engekho ophethe ubupristi ekhaya lakho, usengabusiswa ngamandla obupristi bukaNkulunkulu empilweni yakho njengoba ugcina izivumelwano ozenze Naye (bheka ku 1 Nefi 14:14).

Njengoba siphila ngokwezivumelwano zethu, sithola izibusizo ezisiqinisayo futhi ezisibusisayo. Siyakumema ukuba udlinze ngezibusiso zobupristi empilweni yakho—izibusiso zamandla obupristi bukaNkulunkulu obungapheli nalezo eziza ikakhulukazi ngegunya lobupristi elinikezwe eBandleni likaNkulunkulu.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. nguDale G. Renlund noRuth Lybbert Renlund, The Melchizedek Priesthood: Understanding the Doctrine, Living the Principles (2018), 11.

  2. nguDallin H. Oaks, “The Melchizedek Priesthood and the Keys,” ingqunguthela yebandla lonke yangoa-Ephreli 2020 (i-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2020, 69).

  3. uMongameli uRussell M. Nelson, “Spiritual Treasures,” ingqunguthela yebandla lonke yangoa-Okthoba 2019 (i-Ensign noma iLiyahona, yangoNovemba 2019, 78).