Ngo-2021
UbuPristi bungaMandla kaNkulunkulu
Ngo-Agasti 2021


“UbuPristi bungaMandla kaNkulunkulu,” ILiyahona, yango-Agasti 2021

UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yango-Agasti 2021

UbuPristi bungaMandla kaNkulunkulu

UNkulunkulu usibusisa ngamandla obupristi. Izibusiso zobupristi zingatholwa yibo bonke abantu.

Ubupristi bungamandla kaNkulunkulu. Usebenzisa lamandla ukubisisa bonke abantwana Bakhe futhi abasize babuyele ukuyophila Naye. UNkulunkulu unike abantwana Bakhe emhlabeni amandla obupristi. Ngalamandla, abaholi bobupristi bangahola iBandla, abaphathi bobupristi bangenza izimiso ezingcwele, njengokubhabhadiswa, okusisiza ukuba sisondele kuNkulunkulu. Bonke abesilisa nabesifazane abathola ngokufanelekile izimiso zobupristi futhi abagcina izivumelwano (izethembiso ezingcwele) bayakwazi ukuthola amandla kaNkulunkulu.

Isithombe
isidlo esingcwele

Amandla ObuPristi Anikwa uJoseph Smith

Ngenkathi uJesu Kristu esemhlabeni, Wayehola iBandla Lakhe ngamandla obupristi. Waphinde wanikeza abaPhostoli Bakhe lamandla. Emakhulwini eminyaka ngemuva kokufa kwabo, amalungu amaningi alishiya iBandla. Balishintsha ngokungalungile ivangeli kanye nendlela iBandla elisebenza ngayo. Ubupristi bukaNkulunkulu abuzange busaba khona emhlabeni. Ngo-1829, uJesu wathumela uJohane umBhabhadisi kanye nabaPhostoli uPetru, uJakobe, noJohane ukuba banikeze uJoseph Smith ubupristi. YiBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kuphela emhlabeni elinaleli gunya elivela kuNkulunkulu.

Isithombe
ukubuyiselwa kobuPristi bukaMelkisedeki

The Voice of Peter, James, and John (Izwi likaPetru, uJakobe, noJohane), nguLinda Curley Christensen noMichael T. Malm

IziKhiye zobuPristi

Izikhiye zobupristi ziyigunya lokuqondisa ukusetshenziswa kobupristi, njengokunika imvume yokwenza izimiso. UJesu Kristu uphethe zonke izikhiye zobupristi. UMongameli weBandla nguyena kuphela umuntu emhlabeni ongasebenzisa izikhiye zobupristi ukuqondisa lonke iBandla. Ngaphansi kokuqondiswa nguye, abanye bangasebenzisa izikhiye ezithile ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Abaholi abafana nababhishobhi kanye nomongameli bezikhonkwane basebenzisa izikhiye zobupristi ukuhola emawadini nasezikhonkwaneni zabo. Ngoba ubizo lokusebenza luqhamuka kubaholi abanezikhiye zobupristi, abesilisa nabesifazane abasebenza obizweni basebenzisa igunya lobupristi ngesikhathi benza imisebenzi yabo.

UbuPristi bukaMelkisedeki nobuPristi buka-Aroni

UbuPristi bunezingxenye ezimbili: ubuPristi bukaMelkisedeki kanye nobuPristi buka-Aroni. NgobuPristi bukaMelkisedeki, abaholi beBandla baqondisa wonke umsebenzi wangokomoya weBandla, njengomsebenzi wabefundisi bevangeli nowasethempelini. UbuPristi buka-Aroni busebenza ngaphansi kwegunya lobuPristi bukaMelkisedeki. Busetshenziselwa ukwenza izimiso ezifana nokubhabhadisa kanye nesidlo esingcwele.

Isithombe
umbhabhadiso

Izibusiso zobuPristi

Ngezivumelwano nangezimiso, uNkulunkulu wenza izibusiso zobuPristi ukuba zitholakale kubo bonke abantwana Bakhe. Lezi zibusiso kubalwa kuzo ukubhabhadiswa, isipho sikaMoya oyiNgcwele, isidlo esingcwele, nezimiso zasethempelini. Abesilisa nabesifazane abembathisiwe ethempelini bathola isipho samandla kaNkulunkulu obupristi ngezivumelwano zabo. Singazithola futhi izibusiso zobupristi zokwelashwa, induduzo, kanye nokuholwa.

Isithombe
abasanda kushada bese thempelini

Ngabe imiBhalo eNgcwele Ithini ngobuPristi na ?

Ubupristi obabukhona ezinsukwini zasendulo buyafana nobukhona manje (bheka uMose 6:7).

Izikhiye zobupristi zisiza ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi weNkosi siwenza ngendlela ehlelekile (beka IMfundiso neziVumelwano 42:11).

Abesilisa abaphethe ubupristi bangabusebenzisa “ngokwemigomo yokulunga kuphela” (IMfundiso neziVumelwano 121:36).

Eminye yemisebenzi yalabo abaphethe ubupristi ichaziwe kwi Mfundiso neziVumelwano 20:38–67.

Shicilela