“Ukuzakha Ube Ngumuntu Okufanele Ube Nguye,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoSepthemba 2021, 6–7.
UMyalezo waNyanga zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngoSepthemba 2021
Ukuzakha Ube Ngumuntu Okufanele Ube Nguye
Izindlela ezinhlanu zokwakha impilo enenjabulo nentokozo.
Ngesikhathi iNkosi iyalela uJoseph Smith ukuba akhe iThempeli laseKirtland, Ayizange imshiye ukuba azitholele ukuthi uzokwenza kanjani konke lokho eyedwa. Yembula isu elalizoholela empumelelweni.
INkosi yasho nokusho yathi, “Mayakhiwe indlu, hhayi ngendlela yomhlaba.” “Mayakhiwe ngendlela engiyoyitshengisa” (IMfundiso neziVumelwano 95:13–14). INkosi yabe isinika imiyalelo yokuthi lizokwakhiwa kanjani ithempeli (bheka IMfundiso neziVumelwano 95:15–7).
Siyakubonga ukuthi, kuningi iNkosi esisikhombise kona kunokwakha amathempeli nje kuphela. Iphinde yasinika imiyalelo yokusisiza ukuba sibe ngumuntu okufanele sibe nguye. Ngesikhathi siyilandela, sizokwakha izimpilo zethu “hhayi ngendlela yasemhlabeni” kodwa ngendlela iNkosi esiyale ngayo.
Nazi izindlela ezinhlanu zokwakha impilo enenjabulo nentokozo egxile kuJesu Kristu.
Yakha Isisekelo Esiqinile
Umklami wokwakhiwa kwezindlu noma umakhi uzokutshela ukuthi isisekelo esiqinile sibalulekile kunanoma yisiphi isakhiwo. UHelamani wafundisa ukuthi isisekelo esihle kakhulu sezimpilo zethu “yidwala elinguMkhululi wethu, onguKristu, iNdodana kaNkulunkulu” (uHelamani 5:12). UKristu singamenza abe yisisekelo sethu ngokuba size Kuye futhi silandele izimfundiso Zakhe. Ngabe uzibona wenza kanjani ekwenzeni uKristu isisekelo sempilo yakho na?
Siza Abanye
Enye indlela enhle kakhulu yokwakha izimpilo zethu, siyithola ngesikhathi “sehla senyuka sisiza iNkosi futhi sisiza labo esinabo”, ngokusho kukaMongameli uDieter F. Uchtdorf, owayenguMeluleki wesiBili kubuMongameli bokuQala ngalesosikhathi.1 Ngesikhathi usiza abanye, wenza lokhu uJesu ayekwenza futhi ufunda ukufana Naye. Futhi awuzukubusisa izimpilo zalabo obasizayo nje kuphela, kodwa nawe uzothola izibusiso.
Yenza Uhlelo ozoluLandela Njalo lokuKhuleka nokuFunda imiBhalo eNgcwele
Enye indlela yokwakha impilo enenjabulo ukwakha ubudlelwane noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu. Indlela enhle kakhulu yokukwenza lokho ukukhuleka nokufunda imibhalo engcwele.
UMongameli u-Uchtdorf wathi: “Ukuze siqinise ubudlelwane bethu noNkulunkulu, sidinga isikhathi sisodwa Naye. Uma sigxila emkhulekweni nsuku zonke kanye nokufunda imibhalo engcwele… lokho kuzoba ngenye yezindlela ezinhle zokuzama ukusondelana eduzane noBaba wethu oseZulwini.”2
Umkhuleko yithuba lokuxhumana noBaba wethu oseZulwini. Uyasazi, uyasithanda, futhi uyafuna ukuzwa kithi! Uma sikhuleka ngokuzithoba, sibonga, futhi sicela izinto esizidingayo, Uyalalela futhi uhlezi ephendula ngendlela nangesikhathi Sakhe.
Ayikho indlela eyodwa elungile yokufunda imibhalo engcwele. Okubalulekile ukuthi uyakwenza! UMongameli uRussell M. Nelson usifundise wathi, “Ukugxila nsuku zonke ezwini likaNkulunkulu kubalulekile kakhulu ukuze siphile ngokomoya.”3 Ukuchitha isikhathi emibhalweni engcwele nsuku zonke, nakanjani, kuzokusiza wakhe impilo enokholo namandla.
Hlala Unabantu Abakukhuthaza ukuba Wenze Okuhle.
UBaba oseZulwini ufuna ukuba sixhumane futhi sakhe ubudlelwane nabanye—ikakhulukazi umndeni nabangani. Sivamise ukwakhiwa yilabo esichitha isikhathi nabo. Noma bengamalunga eBandla noma bengesiwo, kufanele uhlezi unabantu abakusiza ukuba uliphile ivangeli, ugcine imithetho yeNkosi, futhi ube umuntu othandekayo. Ungaphinde usize nalabo abaseduze nawe ukuthi nabo benze okufanayo. Ngabe yimuphi kubangani bakho okusiza ukuba wakhe isisekelo sakho ngokulunga na?
Thola Injabulo Ekwakheni Isisekelo Sakho
Ziningi ezinye izindlela ongakha ngazo impilo yakho ukuba ibe namandla ngokomoya futhi ibe nenjabulo, okubalwa kuzo ukuya enkonzweni kanye nokudla isidlo esingcwele, ukwenza futhi ugcine izivumelwano, kanye nokulandela izeluleko zabaprofethi abaphilayo.
Kubalulekile ukukhumbula ukuthi zonke lezi zinto zithatha isikhathi futhi ziyasetshenzelwa. Kukho konke ukwakha nokufunda okufanele sikwenze, awudingi ukukwenza wedwa. INkosi izokusiza nsuku zonke njengoba uzama ngakho konke okusemandleni akho ukwakha impilo wena kanye Nayo eningaziqhenya ngayo futhi ezokulethela intokozo.
© 2021 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, September 2021. isiZulu. 17473 783