Ngo-2021
Ingqungquthela yeBandla Lonke: Umhlangano weBandla woMhlaba Wonke
ngoSepthemba 2021


“Ingqungquthela yeBandla Lonke: Umhlangano weBandla woMhlaba Wonke,” iLiyahona, yangoSepthemba 2021

UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yangoSepthemba 2021

Ingqungquthela yeBandla Lonke: Umhlangano weBandla woMhlaba Wonke

Silalela abaprofethi nabanye abaholi beBandla ngesikhathi sengqungquthela yeBandla lonke. Basifundisa lokho uNkulunkulu afuna sikuzwe.

Isithombe
ingaphandle leSikhungo seNgqungquthela

Njalo ngo-Ephreli nango-Okthoba, iBandla libamba imihlangano ewuchungechunge ebizwa ngokuthi yingqungquthela yeBandla lonke. Abaholi bafundisa futhi bafakaze ngoJesu Krestu nangevangeli Lakhe. Ingqungquthela yeBandla lonke ibanjelwa eSalt Lake City, e-Utah, eMelika, futhi isakazwa emhlabeni wonke ngezilimi ezingaphezulu kwama-80. Wonke amalunga kanye nabanye abantu abanentshisekelo bayamenywa ukuzolalela izinkulumo.

Isithombe
ingaphakathi leSikhungo seNgqungquthela

Izingqungquthela zokuQala zeBandla

IBandla lasungulwa ngokusemthethweni emhlanganweni wango-Ephreli 6, ngonyaka ka-1830 (bheka IMfundiso neziVumelwano 20). Ingqungquthela yeBandla lonke yokuqala yabanjwa ngoJuni 9 ngonyaka ka-1830. Kusukela ngaleso sikhathi, izingqungquthela zeBandla lonke zihlezi zibanjwa ngokuyalelwa nguMongameli weBandla noma yikuphi lapho amalunga engahlanganela khona. Ngezikhathi zangonyaka ka-1840, abaholi baqala ukubamba izingqungquthela kabili onyakeni.

Isithombe
UMongameli uNelson esebhokisini lokushumayela

Ngabe Izingqungquthela ziHleleke Kanjani Esikhathini Sethu na?

UbuMongameli bokuQala, umGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, kanye nabanye abaholi beBandla bayakhuluma ngesikhathi sengqungquthela yeBandla lonke. Ikhwaya yeTabernakele eTemple Square kanye namanye amakhwaya asipha umculo. Ingqungquthela ngayinye inemihlangano emihlanu: emithathu ngoMgqibelo kanye nemibili ngeSonto. Ngenyanga ka-Ephreli, umhlangano wesithathu wangoMgqibelo owamalunga omgwamanda wobuPristi buka-Aroni nobukaMelkesedeki. Ngenyanga ka-Okthoba, kubanjwa umhlangano wamalunga eNhlangano yoSizo yabesiFazane neyamaNtombazane.

Izimfundiso zabaHoli

Ezinyangeni ezandulela ingqungquthela, abaholi beBandla bayakhuleka ngalokho abazokufundisa. INkosi ibanika intshisekelo ukuba bazi ukuthi kuzofanele bathini. Bafundisa amaqiniso evangeli futhi basimema ukuba sigcine imiyalelo kaNkulunkulu. Baphinde bafakaze ngoJesu Kristu futhi basikhuthaze ukuba simlandele.

Ukufunda kwiNgqungquthela

Ngaphambi kwengqungquthela yeBandla lonke, singakhulekela ukuzwa ukuthi iNkosi ifuna sifundeni. Ngesikhathi silalela izinkulumo, uMoya uzosifundisa lokho esidinga ukukwazi. Emva kwengqungquthela, izinkulumo ziyavela ku ChurchofJesusChrist.org, Inhlanganisela Yolwazi LweVangeli, nakwi Liyahona. Singafunda izinkulumo ngomkhuleko ezinhliziyweni ukuze sifunde kabanzi ngoJesu Kristu nangevangeli Lakhe.

Okuvela Emibhalweni Engcwele

UJesu Kristu wafundisa ukuthi kumele sihlangane ndawonye njalo (bheka ku 3 Nefi 18:22).

Ngesikhathi amalunga eBandla edumisa ndawonye, iNkosi izoba nawo (bheka NgokukaMatewu 18:20).

INkosi yayala amalunga eBandla ukuba “[a]fundisan[e] futhi [a]khane” (IMfundiso neziVumelwano 43:8).

Uma amalunga eBandla enokholo kuKristu, uMoya Wakhe uzoba nawo ngesikhathi ehlangene (bheka IMfundiso neziVumelwano 44:2).

Shicilela