Ngo-2022
Ukusebenza oBizweni eBandleni
NgoMashi 2022


“Ukusebenza oBizweni eBandleni,” iLiyahona, ngoMashi 2022.

Umyalezo waNyanga zonke we Liyahona ngoMashi 2022

Ukusebenza oBizweni eBandleni

Abaholi bebandla bacela amalungu ukuthi asize emisebenzini ethile eyaziwa ngokuthi “ubizo.” Ubizo lunikeza amalungu ithuba lokusiza abanye futhi nokuthi basondelane noNkulunkulu.

Isithombe
indonda ehamba ngesihlalo sabakhubazekile ifundisa ikilasi leBandla.

Isithombe nguDavid Bowen Newton

Uma sisebenza obizweni lwethu, sisiza ekufezeni umsebenzi kaNkulunkulu. Sifundisa abanye ngoBaba oseZulwini kanye nangoJesu Kristu futhi sibasize labo esibafundisayo basondele Kubo. Sithola nezibusiso uma sisebenza ngokwethembeka.

Ukwamukela uBizo

Isithombe
insizwa emi phambi kweBandla

Labo abasiza eBandleni babizwe nguNkulunkulu. Abaholi bebandla bathandazela intshisekelo ukuze bazi ukuthi ubani okumele asize kulolo bizo ngalunye. Umholi ube esecela ilungu ukuba lisize futhi alichazele imisebenzi yalolo bizo. Amalungu asekelwa emhlanganweni weBandla lapho amalungu ewadi noma egatsha enikeza ivoti elisekelayo. Lokhu kusho ukuthi bazimisele ukumeseka lowo obiziwe. Ilungu libe selinikezwa isibusiso ngumholi wobuphristi. Lokhu kubizwa ngokwahlukaniselwa. Lelo lungu lizonikwa igunya lokusebenza obizweni kanye nezinye izibusiso ezizolisiza likwazi ukusebenza.

Ababhishobhi

UMbhishobhi ungumholi wewadi. (Egatsheni, umongameli wegatsha ufana nombhishobhi.) Umongameli wesikhonkwane uphakamisa onobuphristi ofanelekile ukuba abizwe njengombhishobhi. UbuMongameli bokuQala yibo obuvumela lolo bizo. UMbhishobhi ube esesekelwa futhi ahlukaniselwe ukusiza kulolo bizo. Futhi uphinde anikwe okhiye bobuphristi, okusho ukuthi unegunya lokuqondisa iwadi. Njengombhishobhi, usiza futhi ahole wonke amalungu ewadi.

Omongameli

Imigwamanda yobuPhristi kanye neNhlangano yoSizo yabesiFazane, Amantombazane, abaNtwana, kanye nesiKole sangeSonto kuholwa ngomongameli, ngokujwayelekile umongameli kanye nabeluleki ababili. Omongameli bemigwamanda yamagosa babizwa futhi bahlukaniselwe wubumongameli besikhonkwane. Ababhishobhi bacela amalungu ukuba asize kwezinye izikhundla zobumongameli ewadini futhi bayawahlukanisela kulezo zikhundla. Bonke abaholi basebenzela amalungu emigwamanda noma ezinhlangano zabo. Basiza ngezidingo zamalungu futhi babasize ukuzwa uthando lukaNkulunkulu.

Isithombe
Owesifazane eletha ukudla kumama ophethe umntwana

Ezinye Izikhundla zoBizo

Kwezinye izikhundla zobizo eBandleni kubalwa kuzo ukufundisa, ukusiza ngokomculo, ukugcina imibhalo, ukuhlela okwenziwa yintsha noma abantwana, kanye nokusiza ngezinye izindlela. Zonke izikhundla zobizo eBandleni zibalulekile futhi zinika amalunga ithuba lokusiza abanye kanye nokusebenzela uNkulunkulu. Ngesikhathi sonke sisebenza ndawonye ukufeza ubizo lwethu, siqinisa abanye futhi sisize iBandla ukuthi likhule.

Shicilela