Ngo-2022
UJosefa Ulungiselela Izikhathi Ezinzima
NgoMashi 2022


“UJosefa Ulungiselela Izikhathi Ezinzima,” Umyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngoMashi 2022

“UJosefa Ulungiselela Izikhathi Ezinzima”

Umlayezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngoMashi 2022

UJosefa Ulungiselela Izikhathi Ezinzima

Isithombe
UJosefa phambi kukaFaro

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

UJosefa wayengumphrofethi. Wayehlala eGibithe. Ngobunye ubusuku uFaro, inkosi yaseGibithe, waba nephupho elingajwayelekile. Wabuza uJosefa ukuthi lalisho ukuthini leli phupho.

Isithombe
umntwana nesitsha esingenalutho

Unkulunkulu wasiza uJosefa ukuba aliqonde iphupho. Iminyaka eyisikhombisa, abantu babezoba nenala yokudla. Emva kwalokho iminyaka eyisikhombisa, babengeke babe nokwanele. UJosefa wachazela uFaro.

Isithombe
UJosefa egcina okusanhlamvu eGibithe

UJosefa wathi kufanele bagcine ukudla manje. Ukuze balungele izikhathi ezinzima. UFaro wabeka uJosefa njengomphathi wokulondoloza ukudla. UJosefa wasebenza kanzima.

Isithombe
UJosefa enikeza abantu okusanhlamvu

Kwathi lapho kufika iminyaka eyisikhombisa yendlala, abantu baba nokudla okwanele. Baze baba nokwanele ukwabelana nabanye.

Isithombe
umndeni uhamba ulibhekise esontweni

Ngingazilungiselela manje. Ngosizo lukaNkulunkulu, ngingakwazi ukudlula ezikhathini ezinzima!

Ikhasi Lokufaka Imibala

UBaba Osezulwini Uzongisiza Ezikhathini Ezinzima.

Isithombe
izelamani zivalelisa

Chofoza esithombeni ukuze usikopishe.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Ngabe ukusize nini uBaba oseZulwini na?

Shicilela