“UMose neMana,” Umyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Ephreli 2022
“UMose neMana”
Umyalezo Wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Ephreli 2022
UMose neMana
UMose wayengumprofethi. Waholela abantu baNkulunkulu ezweni lesithembiso. Bahamba ngezinyawo izinsuku eziningi.
Abantu babelambile. Babengenakho ukudla. Ngakho-ke, uNkulunkulu wabathumelela ukudla okuvela ezulwini. Kwakubizwa ngokuthi yimana.
Njalo ekuseni, abantu babeqoqa imana ukuze badle. Kepha yayingahlali iyintsha ubusuku bonke. Kwakufanele baqoqe enye ngosuku olulandelayo.
Imana isikhumbuza ngoJesu Kristu. UNkulunkulu wathumela imana ukusindisa abantu. Waphinde wathumela uJesu emhlabeni ukuze asisindise. Simdinga nsuku zonke uJesu, njengoba sidinga ukudla nsuku zonke.
Ngizomlandela uJesu. Uzonginikeza amandla futhi angisize ngiluzwe uthando Lwakhe usuku ngalunye.
© 2022 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, April 2022. isiZulu. 18314 783