Ngo-2022
Yini Ubusuku Bomndeni na?
Ngo-Agasti 2022


“Yini Ubusuku Bomndeni na?” ILiyahona, ngo-Agasti 2022.

UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yango-Agasti 2022

Yini Ubusuku Bomndeni na?

Isithombe
umama, ubaba, nentombazane encane behlezi ngaphandle

Ubusuku bomndeni yisikhathi esibekiwe phakathi nesonto ukuze umndeni wakho uhlangane. Ngalesi sikathi, “ningafunda ivangeli, niqinise ubukafazi benu, nakhe ubunye, futhi nithokozele omunye nomunye” (General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 2.2.4, ChurchofJesusChrist.org). Ubusuku bomndeni buyahluka emndenini ngamunye. Kepha inhloso wukusebenzisa lesi sikhathi ukuze sisondelane futhi sisondele kuMsindisi.

Ukulungiselela

Cabanga ngalokho umndeni wakho othanda ukukwenza kanye nesihloko sevangeli ongathanda nixoxe futhi nifunde ngaso ndawonye. Futhi, khetha usuku nesikhathi isonto ngalinye lapho amalungu amaningi omndeni angahlangana khona. IBandla likhuthaza amalungu ukuba abe nobusuku bomndeni ngoMsombuluko ebusuku. Kodwa-ke imindeni ingahlangana ngesikhathi esibasebenzela kangcono.

Isithombe
umndeni ukhuleka

Umkhuleko

Imindeni eminingi iqala futhi iphethe ubusuku bomndeni ngomkhuleko. Loku kumema uMoya oNgcwele ekhaya labo. Ubusuku bomndeni yisikhathi esihle kakhulu sokuthi abantwana kanye nabadala bafunde ukukhuleka neqembu labantu elincane.

Umculo

Imindeni eminingi iphinde ibe neculo lokuvula nelokuvala. Ngokuvamile bakhetha iculo encwadini yamaculo noma encwadini yomculo yeNhlangano yabaNtwana. IBandla linamaculo aqoshiwe kwipiyano atholokala ku music.ChurchofJesusChrist.org. Ungaphinde ubukele amavidiyo e-Tabernacle Choir eTemple Square. Ukucula ngesikhathi sobusuku bomndeni kusiza amalungu ukuba afunde amaculo aculwa esontweni.

Isifundo

IBandla linezinsiza eziningi ezingasiza ngobusuku bomndeni. Ningathatha imizuzu embalwa nifunde futhi nixoxe ngesihloko esivela kwiphephabhuku iLiyahona, encwadini ethi Friend (Umngani), noma encwadini ethi For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha). Lesi kungaba yisikhathi sokubuka nokuxoxa ngamavidiyo eBandla. Noma ningafunda inkulumo evela kwingqungquthela yebandla lonke, nifunde imibhalo engcwele, noma nixoxe ngokufundwa ngalelo sonto encwadini ethi Wozani, Ngilandeleni.

Isithombe
abantwana benza amakhekhe

Isithombe sabantwana benza amakhekhe nguMichelle Loynes

Ukubamba Iqhaza koMndeni

Abantwana bangabamba iqhaza ngobusuku bomndeni. Bangasiza ukuhlela okuzokwenziwa, ukukhuleka, noma ukukhetha nokuhola uma kuculwa amaculo. Bangakwazi ngisho nokufundisa izifundo. Ngaphambi kobusuku bomndeni, ungasiza umntwana wakho ukuba afunde indaba ephuma kwiphephabhuku iFriend (Umngani) noma indaba ayithandayo evela emibhalweni engcwele. Umntwana angabe esexoxela umndeni leyo ndaba njengesifundo. Abantwana abaningi bayathanda ukulingisa izindaba zemibhalo engcwele ngobusuku bomndeni. Vumela abantwana asebekhulile bahlele isifundo noma bakhethe inkulumo yengqungquthela yebandla lonke abangathanda ukuyifunda. Bese ubacela ukuba bahole ingxoxo.

Okwenziwayo

Imindeni eminingi ijabulela ukwenza okuthile njengengxenye yobusuku bomndeni. Okwenziwa endlini kungaba ukudlala imidlalo, ukwenza imisebenzi yezandla, noma ukupheka ndawonye.

Eningakwenza ngaphandle ningahamba ndawonye, nithathe uhambo ngezinyawo nomndeni, noma nidlale umdlalo ngaphandle ndawonye. Thola okuthile okungenziwa ngamalungu omndeni wonke, nijabule ndawonye. Gwema okungabangela ukuncintisana okungase kumxoshe uMoya.

Ukusiza abanye

Ubusuku bomndeni yisikhathi esihle kakhulu sokuba imindeni isize abanye. Njengesibonelo, ningasiza omakhelwane asebekhulile, niphakele abantu abangenamakhaya abasezindaweni zokukhosela, nibhalele abefundisi izincwadi, noma nicoshe udoti.

Shicilela