Ngo-2022
Siholwa ngabaProfethi Abaphilayo
NgoSepthemba 2022


“Siholwa ngabaProfethi Abaphilayo,” iLiyahona, ngoSepthemba 2022.

UMyalezo waNyanga zonke weLiyahona yangoSepthemba 2022

Siholwa ngabaProfethi Abaphilayo

Isithombe
Abaholi beBandla phambi kwesifanekiso sika Kristu

Abaprofethi ngamadoda abizwe nguBaba Osezulwini ukuba amukhulumele. Bayafakaza ngoJesu Kristu futhi bafundise ivangeli Lakhe. Amalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina akholelwa kubaprofethi basendulo nabamanje.

UNkulunkulu Ukhuluma ngabaProfethi.

Abaprofethi bathola isambulo kuNkulunkulu. Lapho abaprofethi benentshisekelo yokusifundisa, kuyafana nokuthi uNkulunkulu osuke ekhuluma nathi (bheka IMfundiso neziVumelwano 1:38). Singabethemba ukuthi basitshela lokho uNkulunkulu afuna sikwazi.

Isithombe
UMormoni nezingcwephe zegolide

Mormon Abridging the Plates [UMormoni Efinyeza Izingcwephe], nguTom Lovell

Abaprofethi Bafundisa ngoJesu Kristu

Bonke abaprofethi bafakaza ngoJesu Kristu. Basifundisa ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Basifundisa ngempilo Yakhe, isibonelo, kanye neNhlawulo. Futhi basikhombisa ukuthi singamulandela kanjani futhi singathobela kanjani imiyalelo Yakhe.

Izibopho zabaProfethi

Abaprofethi bafundisa ivangeli likaJesu Kristu. Bachaza ngezibusiso esizitholayo uma silandela imiyalelo kanye nemiphumela esiyitholayo uma singayilandeli. Ngezinye izikhathi, bangaba nentshisekelo yokusitshela ngezehlakalo zesikhathi esizayo.

Isithombe
UMose nezibhebhe

Moses and the Tablets [uMose kanye neziBhebhe], nguJerry Harston

Abaprofethi Basendulo

UNkulunkulu wayesebenzisa abaprofethi ukufundisa abantu kusukela ekuqaleni. Abaprofethi ababephila enkathini yeTestamente eliDala kuhlanganisa u-Adamu, uNowa, u-Abrahama, uMose, u-Isaya, kanye nabanye. Kwakukhona futhi nabaprofethi phakathi kwabantu ababeseNcwadini kaMormoni. Labaprofethi babehlanganisa uLehi, uMosiya, u-Alima, kanye noMoroni. Singafunda ukuthi babefundisani ngokufunda imibhalo engcwele.

Abaprofethi Bamanje

UJoseph Smith wayengumprofethi wokuqala ezinsukwini zamanje. Wabuyisela iBandla likaJesu Kristu emhlabeni. URussell M. Nelson ungumprofethi noMongameli weBandla namuhla. Abeluleki Bakhe abakubuMongameli BokuQala kanye nabaPhostoli abayiShumi namBili bangabaprofethi nabo, ababoni, kanye nabambuli.

Isithombe
izithandani zibukela ingqungquthela kumakhalekhukhwini

Ukulalela umProfethi

Umprofethi ukhuluma nathi ngesikhathi sengqungquthela yebandla lonke nangezinye izikhathi futhi. Usifundisa lokho uNkulunkulu afuna ukuthi sikwazi nokuthi ulandelwa kanjani uJesu Kristu namuhla. Singazithola izimfundiso zakhe kwiLiyahona futhi naku ChurchofJesusChrist.org.

Izibusiso Zokulandela umProfethi

Sizobusiswa uma silandela izimfundiso zikamprofethi. Uma silandela umprofethi, singazi ukuthi senza lokho uNkulunkulu afuna sikwenze. Singazizwa sinokuthula ezimpilweni zethu futhi sisondele kuJesu Kristu.

Shicilela