“U-Isaya uFundisa ngoJesu Kristu,” uMyalezo Wanyanga zonke weFriend (Umngani), ngoSepthemba 2022
“U-Isaya uFundisa ngoJesu Kristu”
UMyalezo waNyanga zonke weFriend (Umngani), ngoSepthemba 2022
U-Isaya Ufundisa ngoJesu Kristu
U-Isaya wayengumprofethi. Wayephila ngaphambi kokuzalwa kukaJesu Kristu. Kodwa wayazi ukuba uJesu wayezokuza.
U-Isaya wathi uJesu wayezozalwa njengeNdodana kaNkulunkulu. UJesu wayezosiza futhi alaphe abanye.
U-Isaya washo wathi uJesu wayezofika emhlabeni. Wayezobizwa ngeNkosi yokuThula. Wayezonikela ngempilo Yakhe ngenxa yethu ngoba Uyasithanda kakhulu.
Izinto ayezifundisile u-Isaya zenzeka. Ngemva kweminyaka eminingi, uJesu weza emhlabeni. Wasibonisa indlela. Washona kepha waphinda waphila futhi. Uyaphila namuhla!
Ngingafunda ngoJesu Kristu. Uma ngikhumbula asengenzele kona, ngizwa ukuthula nethemba!
Ikhasi Lokufaka Imibala
Ngingafunda ngoJesu Kristu
Chofoza esithombeni ukuze usilande.
Umfanekiso ngu-Apryl Stott
Iyiphi indaba oyithanda kakhulu ngoJesu na?
© 2022 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, September 2022. IsiZulu. 18299 783