Ngo-2022
Isivumelwano Saphakade
Okthoba 2022


“Isivumelwano Saphakade,” iLiyahona, Okth. 2022.

Umlayezo Wanyanga Zonke weLiyahona, yango-Okthoba 2022

Isivumelwano Saphakade

Bonke labo abenze isivumelwano noNkulunkulu banokufinyelela ohlotsheni olukhethekile lothando nesihe.

Isithombe
Isithombe sikaJesu Kristu

INkosi uJesu Kristu, nguDel Parson

Kulomhlaba okhungethwe yizimpi namahemuhemu ezimpi, isidingo seqiniso, ukukhanya, nothando olumsulwa lukaJesu Kristu sikhulu kakhulu kunakuqala. Ivangeli likaKristu liyakhazimula, futhi sibusisiwe ukulifunda futhi siphile ngokwemithetho yalo. Siyawajabulela amathuba ethu okwabelana ngalo—ukufakaza ngamaqiniso alo noma ngabe sikuphi.

Ngikhulume kaningi ngokubaluleka kwesivumelwano sika-Abrahama nokuqoqwa kuka-Israyeli. Uma samukela ivangeli futhi sibhabhadiswa, sithatha igama elingcwele likaJesu Kristu kithi. Umbhabhadiso uyisango eliholela ekubeni yizindlalifa ezikanye nazo zonke izethembiso ezanikezwa yiNkosi endulo ku-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, nenzalo yabo.1

“Isivumelwano esisha nesaphakade”2 (IMfundiso neziVumelwano 132:6) kanye nesivumelwano sika-Abrahama ziyafana—ziyizindlela ezimbili zokuchaza isivumelwano uNkulunkulu asenze namadoda nabesifazane abafayo ngezikhathi ezahlukene.

Isichasiso ingunaphakade sibonisa ukuthi lesi sivumelwano sasikhona ngisho nangaphambi kokusekelwa komhlaba! Icebo elibekwe eMkhandlwini Omkhulu waseZulwini lalihlanganisa nokuqonda okudabukisayo kokuthi sonke sizosuswa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Nokho, uNkulunkulu wethembisa ukuthi uzohlinzeka ngoMsindisi owayezonqoba imiphumela yoKuwa. UNkulunkulu watshela u-Adamu ngemva kokubhabhadiswa kwakhe wathi:

“Ungoko hlelo lwakhe owayengenasiqalo sezinsuku noma isiphelo seminyaka, kusuka kulo lonke iphakade ukuya kulo lonke iphakade.

“Bheka, umunye nami, indodana kaNkulunkulu; futhi ngalendlela bonke bangaba ngamadodana ami” (Mose 6:67–68).

U-Adamu no-Eva basemukela isimiso sombhabhadiso futhi baqala inqubo yokuba munye noNkulunkulu. Base bengenile endleleni yesivumelwano.

Lapho mina nawe singena kuleyo ndlela, siba nendlela entsha yokuphila. Ngokwenza kanjalo sakha ubudlelwano noNkulunkulu obumvumela ukuba asibusise futhi asiguqule. Indlela yesivumelwano isiholela emuva kuYe. Uma sivumela uNkulunkulu ukuba avame ezimpilweni zethu, leso sivumelwano sizosisondeza eduze kakhulu Naye. Zonke izivumelwano zihloselwe ukuba zibe ngezibophayo. Zakha ubudlelwano nezibopho zaphakade.

Uthando Olukhethekile Nesihe

Uma sesenze isivumelwano noNkulunkulu, siyayishiya indawo engathathi hlangothi unomphela. UNkulunkulu ngeke abulahle ubudlelwano Bakhe nalabo abazakhele ubuhlobo obunjalo Naye. Eqinisweni, bonke labo abenze isivumelwano noNkulunkulu banokufinyelela ohlotsheni olukhethekile lothando nesihe. Ngolimi lwesiHeberu, lolothando lwesivumelwano lubizwa ngokuthi hesed (nje).3

I-Hesed ayinakho ukulingana kwesiNgisi okwanele. Abahumushi beBhayibheli i-King James Version kufanele ukuthi babenenkinga yokuhumusha i-hesed ngesiNgisi. Ngokuvamile babekhetha “umusa wothando.” Lokhu kuchaza okuningi kodwa hhayi yonke incazelo ye hesed. Okunye ukuhunyushwa nakho kwazanywa, njengelithi “isihe” nelithi “ubuhle.” I-Hesed yigama eliyingqayizivele elichaza ubudlelwano besivumelwano lapho bobabili abathintekayo bebophekile ukuba banamathele futhi bathembeke komunye nomunye.

Umshado wesilestiyali uwubudlelwano obunjalo besivumelwano. Indoda nomkayo benza isivumelwano noNkulunkulu kanye nomunye komunye sokunamathela nokwethembeka omunye komunye.

I-Hesed iwuhlobo olukhethekile lothando nesihe uNkulunkulu aluzwela futhi aludlulisela kulabo abenze isivumelwano Naye. Futhi siphindisela nge-hesed Kuye.

Isithombe
izithandani ezisanda kushada ngaphandle kwethempeli

Uma mina nawe sesenze isivumelwano noNkulunkulu, ubudlelwano bethu Naye buyasondelana kakhulu kunangaphambi kwesivumelwano sethu. Manje sesiboshwe ndawonye.

Isithombe nguJerry L. Garns

Ngoba uNkulunkulu une hesed labo abenze isivumelwano Naye, Uzobathanda. Uzoqhubeka nokusebenza nabo futhi abanikeze amathuba okushintsha. Uzobathethelela uma bephenduka. Futhi uma beduka, Uzobasiza bathole indlela yabo yokubuyela Kuye.

Uma mina nawe sesenze isivumelwano noNkulunkulu, ubudlelwano bethu Naye buyasondelana kakhulu kunangaphambi kwesivumelwano sethu. Manje sesiboshwe ndawonye. Ngenxa yesivumelwano sethu noNkulunkulu, akasoze akhathala emizanyweni Yakhe yokusisiza, futhi asisoze sasiqeda isineke Sakhe esinesihe kithi. Umuntu ngamunye unendawo ekhethekile enhliziyweni kaNkulunkulu. Unethemba elikhulu ngathi.

Uyasazi isimemezelo esingokomlando iNkosi eyasinikeza Umprofethi uJoseph Smith. Seza ngesambulo. INkosi yathi kuJoseph, “Lesi sethembiso ngesenu nani, ngokuba ningabesizukulwane sika-Abrahama, futhi isethembiso senziwa ku-Abrahama” (IMfundiso neziVumelwano 132:31).

Ngalokho, lesi sivumelwano saphakade sabuyiselwa njengengxenye yokuBuyiselwa okukhulu kwevangeli ngokuphelela kwalo. Cabanga ngakho! Isivumelwano somshado esenziwa ethempelini sihlobene ngokuqondile naleso sivumelwano sika-Abrahama. Ethempelini izithandani zaziswa ngazo zonke izibusiso ezibekelwe izizukulwane ezizayo ezethembekile zika-Abrahama, u-Isaka, kanye noJakobe.

Njengoba kwenza u-Adamu, mina nawe ngokwethu sangena endleleni yesivumelwano ngesikhathi sibhabhadiswa. Emva kwalokho singena kuyo ngokugcwele ethempelini. Izibusiso zesivumelwano sika-Abrahama zinikezwa emathempelini angcwele. Lezi zibusiso ziyasivumela, lapho sesivuswa, ukuba “sifumane njengefa izihlalo zobukhosi, imibuso, iziphathimandla, namandla, ukubusa, kukho ukuphakanyiswa nobukhosi kuzo zonke izinto’ [IMfundiso neziVumelwano 132:19].”4

Embhalweni wokugcina weTestamente eliDala, sifunda ngesethembiso sikaMalaki sokuthi u-Eliya “uyophendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nezinhliziyo zabantwana koyise” (Malaki 4:6). Kwa-Israyeli wasendulo, ukubhekisa kanjalo kobaba kwakuyohlanganisa obaba u-Abrahama, u-Isaka, noJakobe. Lesi sithembiso siyacaciswa uma sifunda inguqulo ehlukile yalelivesi uMoroni alicaphuna kuMprofethi uJoseph Smith: “[U Eliya] uyotshala ezinhliziyweni zabantwana izithembiso ezenziwa koyise, nezinhliziyo zabantwana ziyophendukela. koyise” (Joseph Smith—uMlando 1:39). Ngokuqinisekile labobaba kubalwa kubo u-Abrahama, u-Isaka noJakobe. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 27:9–10.)

Isithombe
Isithombe sikaJesu Kristu

Labo abenza izivumelwano ezingcwele futhi bazigcine bathenjiswe ukuphila okuphakade nokuphakanyiswa. UJesu Kristu ungumqinisekisi walezo zivumelwano.

Isithombe sithathelwe ku Christ and the Rich Young Ruler [UKristu Nensizwa Enothileyo enguMbusi], nguHeinrich Hofmann

UJesu Kristu: Ingqikithi Yesivumelwano

Umhlatshelo wokuhlawulela koMsindisi wenza ukuba uBaba akwazi ukugcwalisa izethembiso Zakhe azenza kubantwana Bakhe. Ngoba uJesu Kristu “uyindlela, iqiniso, nokuphila,” kuyacaca ukuthi “akakho oza kuBaba, ngaphandle [Kwakhe]” (ngokukaJohane 14:6). Ukugcwaliseka kwesivumelwano sika-Abrahama kungenzeka ngenxa yeNhlawulo yoMsindisi wethu, iNkosi uJesu Kristu. UJesu Kristu uyingqikithi yesivumelwano sika-Abrahama.

ITestamente eliDala aliyona nje incwadi yemibhalo engcwele; liphinde libe yincwadi yomlando. Uyakhumbula ufunda ngomshado kaSariya no-Abrama. Ngenxa yokuthi babengenamntwana, uSariya wanika incekukazi yakhe, uHagari, ukuba abe ngumka-Abrama, ngokuyalelwa yiNkosi. UHagari wazala u-Ishmayeli.5 U-Abrama wayemthanda u-Ishmayeli, kodwa wayengezukuba ngumntwana isivumelwano esasizodlula kuye. (Bheka uGenesise 11:29–30; 16:1, 3, 11; IMfundiso neziVumelwano 132:34.)

Njengesibusiso esivela kuNkulunkulu, futhi ekuphenduleni ukholo lukaSariya,6 wakhulelwa eminyakeni yakhe yokukhula ukuze isivumelwano sidlule kwindodana wakhe u-Isaka (bheka uGenesise 17:19). Wazalelwa esivumelwaneni.

UNkulunkulu waqamba uSariya no-Abrama amagama amasha—uSara kanye no-Abrahama (bheka uGenesise 17:5, 15). Ukunikezwa kwalawo magama amasha kwakusho ukuqala kwempilo entsha nokusha lomndeni owawudalelwe kona.

U-Abrahama wayebathanda bobabili u-Ishmayeli no-Isaka. UNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuthi u-Ishmayeli wayezokwanda abe yisizwe esikhulu (bheka uGenesise 17:20). Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu wakwenza kwacaca ukuthi isivumelwano saphakade siyomiswa ngo-Isaka (bheka uGenesise 17:19).

Bonke abemukela ivangeli baba yingxenye yozalo luka-Abrahama. KwabaseGalathiya sifunda ukuthi:

“Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.

“… Nina nonke nimunye kuKristu Jesu.

“Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso” (Galathiya 3:27–29).

Ngakho-ke, singaba yizindlalifa zesivumelwano ngokuzalwa noma ngokwamukelwa.

Isithombe
abantu ababuthene enkonzweni yobhabhadiso

Uma sesenze isivumelwano noNkulunkulu, sishiya indawo engathathi hlangothi unomphela. UNkulunkulu ngeke abulahle ubudlelwano Bakhe nalabo abazakhele ubuhlobo obunjalo Naye.

Indodana ka-Isaka noRebeka uJakobe yazalelwa esivumelwaneni. Ngaphezu kwalokho, yakhetha ukungena ngokuthanda kwayo. Njengoba wazi, igama likaJakobe lashintshwa laba ngu Israyeli (bheka uGenesise 32:28), okusho ukuthi “uNkulunkulu makanqobe” noma “onqobayo noNkulunkulu.”7

Ku-Eksodusi sifunda ukuthi “uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe” (Eksodusi 2:24). UNkulunkulu watshela abantwana bakwa-Israyeli ethi, “Uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi” (Eksodusi 19:5).

Inkulumo ethi “yigugu” yahunyushwa isuka kwelesiHeberu elithi segullah, okusho into eyigugu kakhulu—“ingcebo.”8

Incwadi kaDuteronomi ilandisa ngokubaluleka kwesivumelwano. Abaphostoli beTestamente eliSha babazi ngalesi sivumelwano. Ngemva kokuba uPetru ephulukise indoda elunyonga ezitebhisini zethempeli, wafundisa ababebukele ngoJesu. UPetru wathi, “UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu, uyikhazimulisile iNceku yakhe uJesu” (Izenzo 3:13).

UPetru waphetha umyalezo wakhe ngokutshela izilaleli zakhe ethi, “Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama, Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.” (Izenzo 3:25). UPetru wakwenza kwacaca kubo ukuthi ingxenye yomsebenzi kaKristu kwakuwukugcwalisa isivumelwano sikaNkulunkulu.

INkosi yanikeza intshumayelo efanayo kubantu baseMelika yasendulo. Lapho, uKristu ovusiwe watshela abantu ukuthi bangobani ngempela. Wathi:

“Bhekani, ningabantwana babaphrofethi; futhi ningabendlu ka-Israyeli; futhi ningabesivumelwano uBaba asenza noyihlo, ethi ku-Abrahama: Futhi ngenzalo yakho yonke imindeni yomhlaba iyobusiswa.

“UBaba eqale ngokungivusela kini kuqala, futhi wangithuma ukuthi nginibusise ngokuzoniphendula omunye nomunye wenu asuke ekoneni kwakhe; futhi lokhu ngenxa yokuthi ningabantwana besivumelwano” (3 Nefi 20:25—26).

Uyakubona ukubaluleka kwalokhu? Labo abagcina izivumelwano zabo noNkulunkulu bayoba uhlobo lwemiphefumulo ekwazi ukumelana nesono! Labo abagcina izivumelwano zabo bayoba namandla okumelana nethonya eliqhubekayo lezwe.

Isithombe
indoda edla isidlo esingcwele

Labo abagcina izivumelwano zabo noNkulunkulu bayoba uhlobo lwemiphefumulo ekwazi ukumelana nesono! Labo abagcina izivumelwano zabo bayoba namandla okumelana nethonya eliqhubekayo lezwe.

Umsebenzi Wezithunywa Zevangeli: Ukwabelana Ngesivumelwano

INkosi iyale ukuthi sisakaze ivangeli futhi sabelane ngesivumelwano. Yingakho sinezithunywa zevangeli. Ufisa ukuthi bonke abantwana Bakhe babe nethuba lokukhetha ivangeli loMsindisi futhi bangene endleleni yesivumelwano. UNkulunkulu ufuna ukuxhuma bonke abantu esivumelwaneni asenza no-Abrahama endulo.

Ngakho-ke, umsebenzi wezithunywa zevangeli uyingxenye ebalulekile yokuqoqwa okukhulu kuka-Israyeli. Lokho kuqoqwa kuwumsebenzi obaluleke kakhulu owenziwa emhlabeni namuhla. Akukho okunye okuqhathaniswa nakho ngobukhulu. Akukho okunye okuqhathaniswa nakho ngokubaluleka. Izithunywa zevangeli zeNkosi—abafundi Bakhe—bamatasa nenselelo enkulu kunazo zonke, injongo enkulu, umsebenzi omkhulu kunayo yonke emhlabeni namuhla.

Kodwa kukhona okwengeziwe—okuningi kakhulu. Kunesidingo esikhulu sokusabalalisa ivangeli kubantu abangaphesheya kwesisitho. UNkulunkulu ufuna wonke umuntu, nhlangothi zombili zesisitho, athokozele izibusiso zesivumelwano Sakhe. Indlela yesivumelwano ivulekele wonke umuntu. Sinxusa wonke umuntu ukuthi ahambe kuleyondlela nathi. Awukho omunye umsebenzi ohlanganisa umhlaba wonke. Ngoba “iNkosi inomusa kubo bonke abathandayo, ngobuqotho bezinhliziyo zabo, ukubiza igama layo elingcwele” (Helamani 3:27).

Ngoba ubuPristi bukaMelkisedeki bubuyisiwe, abesifazane kanye namadoda abagcina isivumelwano banokufinyelela kuzo “zonke izibusiso zikamoya” zevangeli (IMfundiso neziVumelwano 107:18; kufakwe ukugcizelela).

Ekunikelweni kweTempeli laseKirtland ngo-1836, ngaphansi kokuqondisa kweNkosi, u-Eliya wavela. Injongo yakhe? “Ukuphendulela … abantwana koyise” (IMfundiso neziVumelwano 110:15). No-Eliyasi wavela. Injongo yakhe? Ukubeka kuJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery “uhlelo lwevangeli lika-Abrahama, ethi kithi nasenzalweni yethu zonke izizukulwane emva kwethu kufanele zibusiswe” (IMfundiso neziVumelwano 110:12). Ngakho, iNkosi yanikeza uJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery igunya lobupristi kanye nelungelo lokudlulisela izibusiso eziyingqayizivele zesivumelwano sika-Abrahama kwabanye.9

EBandleni, sihamba indlela yesivumelwano ngabanye futhi sihlangene. Njengoba imishado nemindeni yabelana ngesibopho esiseceleni esiyingqayizivele esibangela uthando olukhethekile, kanjalo nobudlelwano obusha obakheka lapho sizibophezela ngokwesivumelwano ngokuqondile noNkulunkulu wethu!

Lokhu kungase kube yilokho uNefi ayekusho lapho ethi uNkulunkulu “uyabathanda labo abazomenza abe uNkulunkulu wabo” (1 Nefi 17:40). Yingakho nje, njengengxenye yesivumelwano, isihe esikhethekile nothando—noma i-hesed—kuyatholakala kubo bonke abangena kulobu budlelwane obubophezelayo nobuseduze noNkulunkulu, ngisho “kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane” (Duteronomi 7:9).

Ukwenza isivumelwano noNkulunkulu kushintsha ubuhlobo bethu Naye ingunaphakade. Kusibusisa ngesilinganiso esengeziwe sothando nesihe.10 Kuthinta lokho esiyikho nendlela uNkulunkulu ayosisiza ngayo sibe yilokho esingaba yikho. Sithenjiswe ukuthi nathi, futhi, singaba “yimfuyo yakhe” (AmaHubo 135:4).

Izethembiso Namalungelo

Labo abenza izivumelwano ezingcwele futhi bazigcine bathenjiswa ukuphila okuphakade nokuphakanyiswa, “isipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu” (IMfundiso neziVumelwano 14:7). UJesu Kristu ungumqinisekisi walezo zivumelwano (bheka KumaHeberu 7:22; 8:6). Abagcini besivumelwano abathanda uNkulunkulu futhi abamvumela ukuba avame kuzo zonke ezinye izinto ezimpilweni zabo bamenza abe namandla amakhulu ezimpilweni zabo.

Osukwini lwethu sinelungelo lokuthola izibusiso zabaphatriyakhe futhi nokufunda ngokuhlangana kwethu nabaphatriyakhe basendulo. Lezo zibusiso zisinika amazwibela alokho okuzayo.

Isithombe
UJesu ekhuluma noPetru

Ngenxa yesivumelwano sethu noNkulunkulu, akasoze akhathala emizanyweni Yakhe yokusisiza, futhi asisoze sasiqeda isineke Sakhe esinesihe kithi.

Lovest Thou Me More than These [Uyangithanda Kunalaba na]? nguDavid Lindsley

Ubizo lwethu njengo-Israyeli wesivumelwano wukuqinisekisa ukuthi wonke amalungu eBandla ayayiqonda injabulo kanye namalungelo ahambisana nokwenza izivumelwano noNkulunkulu. Kuwubizo lokukhuthaza bonke abagcina isivumelwano, owesilisa nowesifazane umfana nentombazane, ukuthi babelane ngevangeli nalabo abeza ngaphakathi kwendima yabo yokuthonya. Futhi kuwubizo lokusekela nokukhuthaza izithunywa zethu zevangeli, ezithunyelwe neziyalezo zokubhabhadisa nokusiza ukuqoqa u-Israyeli, ukuze sindawonye sibe abantu bakaNkulunkulu futhi Yena abe nguNkulunkulu wethu (bheka IMfundiso neziVumelwano 42:9).

Wonke umuntu wesilisa kanye nawo wonke owesifazane obamba iqhaza ezimisweni zobupristi futhi owenza futhi agcine izivumelwano noNkulunkulu unokufinyelela okuqondile emandleni kaNkulunkulu. Sithatha igama leNkosi kithi ngabanye. Futhi sithathe igama Lakhe kithi njengabantu. Ukuba nomdlandla wokusebenzisa igama elilungile leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kuyindlela ebalulekile yokuthi thina njengabantu sithathe igama Lakhe kithi. Ngempela, zonke izenzo zomusa zeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kanye namalungu alo ziwukubonakaliswa kwe-hesed kaNkulunkulu.

Kungani u-Israyeli ahlakazeka? Ngoba abantu bephula imiyalo futhi bakhanda abaprofethi ngamatshe. UBaba onothando kodwa olusizi wasabela ngokuhlakaza u-Israyeli kude nakude.11

Nokho, Wabahlakaza ngesithembiso sokuthi ngolunye usuku uIsrayeli wayeyoqoqelwa futhi esibayeni Sakhe.

Isizwe sakwaJuda sanikezwa umsebenzi wokulungiselela umhlaba ukuza kokuqala kweNkosi. Kuleso sizwe, uMariya wabizwa ukuba abe unina weNdodana kaNkulunkulu.

Isizwe sakwaJosefa, ngabantwana bakhe kanye namadodana ka-Asenati, u-Efrayimi noManase (bheka uGenesise 41:50-52; 46:20), sanikezwa umsebenzi wokuhola ekuqoqeni u-Israyeli, ukulungiselela umhlaba ukuZa kwesiBili kweNkosi.

Kulobo budlelwano obungaphelelwa yisikhathi behesed, kungokwemvelo ukuthi uNkulunkulu afune ukuqoqa u-Israyeli. UnguBaba wethu oseZulwini! Ufuna umntwana ngamunye Wakhe—ezinhlangothini zombili zesisitho—ukuba ezwe umlayezo wevangeli elibuyisiwe likaJesu Kristu.

Indlela Yothando

Indlela yesivumelwano iyindlela yothando—leyo hesed emangalisayo, enakekelana ngozwelo nokufinyelela komunye nomunye. Ukuzwa lolo thando kuyakhulula futhi kuyakha. Injabulo enkulu oyoke ube nayo yilapho usugcwele uthando lukaNkulunkulu kanye nabo bonke abantwana Bakhe.

Ukuthanda uNkulunkulu ngaphezu kwanoma ubani nanoma yini enye kuyisimo esiletha ukuthula kweqiniso, induduzo, ukuzethemba nenjabulo.

Indlela yesivumelwano imayelana nobudlelwane bethu noNkulunkulu—ubuhlobo bethu Naye obuyi hesed. Uma singena esivumelwaneni noNkulunkulu, sesenze isivumelwano Naye oyohlale egcina izwi Lakhe. Uzokwenza konke Angakwenza, ngaphandle kokusephuca ilungelo lethu lokuzikhethela, ukuze asisize sigcine elethu izwi.

INcwadi kaMormoni iqala futhi iphetha ngokubhekisa kulesi sivumelwano saphakade. Kusukela ekhasini layo lesihloko kuya ebufakazini bokugcina bukaMormoni noMoroni, iNcwadi kaMormoni ikhuluma ngesivumelwano (bheka ku Mormoni 5:20; 9:37). “Ukuvela kweNcwadi kaMormoni kuyisibonakaliso kuwo wonke umhlaba ukuthi iNkosi isiqalile ukuqoqa u-Israyeli kanye nokugcwalisa izivumelwano eyazenza no-Abrahama, u-Isaka, noJakobe.”12

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, sibiziwe kulesi sikhathi esibalulekile emlandweni womhlaba ukuthi sifundise umhlaba ngobuhle namandla esivumelwano saphakade. UBaba wethu waseZulwini uyasethemba ngokuphelele ukuthi sizowenza lomsebenzi omkhulu.

Lomlayezo wethulwe nakwingqungquthela yobuholi enkulu ngoMashi 31, 2022.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Bheka kuRussell M. Nelson, “Children of the Covenant,” kwi-Ensign, yangoMeyi 1995, 34.

  2. Isivumelwano esisha nesaphakade siwukuphelela kwevangeli likaJesu Kristu. Sihlanganisa zonke izimiso nezivumelwano ezidingekayo ukuze sisindiswe (bheka IMfundiso neziVumelwano 66:2). “Sisha” noma nini lapho iNkosi isivuselela noma isibuyisela, futhi “s ngesaphakade” ngoba asiguquki.

  3. Ingxoxo ebanzi mayelana ne-hesed kanye nesivumelwano saphakade itholakala ku-Kerry Muhlestein, God Will Prevail: Ancient Covenants, Modern Blessings, and the Gathering of Israei (2021).

  4. URussell M. Nelson, kwethi “Special Witness of Christ,” iLiyahona, yango-Ephreli 2001, 7.

  5. Igama lesiHeberu elithi Ishmayeli lisho ukuthi “uNkulunkulu uyezwa” (Bible Dictionary, “Ishmael”).

  6. “Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo” (KumaHeberu 11:11).

  7. Bible Dictionary, “Israel.”

  8. Bheka iBible Dictionary, “Peculiar”; “Hebrew and Chaldee Dictionary,” Strong’s Exhaustive Concordance of the Bible (1984), 82, igama 5459.

  9. Bheka uRussell M. Nelson, “Thanks for the Covenant” (Brigham Young University devotional, Nov. 22, 1988), 4, speeches.byu.edu.

  10. “Zonke izivumelwano noNkulunkulu ziyithuba lokusondela kuye. Kunoma ngubani ocabanga isikhashana ngalokho asekuzwile ngothando lukaNkulunkulu, ukwenza lobo budlelwane buqiniswe futhi lobo budlelwane bube seduze kuyisipho esingenakuphikiswa” (Henry B. Eyring, “Ukwenza Izivumelwano NoNkulunkulu” [Umhlangano waseNyuvesi yaseBrigham Young, ngoSepthemba 8, 1996], 3, speeches.byu.edu).

  11. “INkosi futhi yasebenzisa lokhu kuhlakazwa kwabantu Bayo abakhethiweyo phakathi kwezizwe zomhlaba ukuze ibusise lezo zizwe” (IziHloko ZemiBhalo eNgcwele, “u-Israyeli,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org; bheka futhi ngokukaJakobe 5:1-8, 20).

  12. URussell M. Nelson, “The Future of the Church: Preparing the World for the Savior’s Second Coming,” iLiyahona, yango-Ephreli 2020, 9.

Shicilela