Ngo-2022
Nqoba uMhlaba Uthole Ukuphumula
kaNovemba 2022


UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yangoNovemba 2022

Nqoba uMhlaba Uthole Ukuphumula

Thola ukuphumula emandleni, ekungazini, kanye nasosizini lwalomhlaba ngokunqoba umhlaba ngezivumelwano zakho noNkulunkulu.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngiyabonga ukunibingelela kulokhu kusa kweSabatha okuhle kangaka. Nihlezi nisemqondweni wami. Ngiyamangala ngendlela enigxuma nihlale ngayo lapho nibona kukhona abasweleyo. Ngihlale ngimangele ngokholo nobufakazi enibubonisayo zikhathi zonke. Ngiyakhala ngenxa yobuhlungu bezinhliziyo zenu, ukudumala kanye nokukhathazeka. Ngiyanithanda. Ngiyaniqinisekisa ukuthi uBaba wethu oseZulwini neNdodana Yakhe eThandekayo, uJesu Kristu, bayanithanda. Bazazi ngokujulile izimo zenu, ubuhle benu, izidingo zenu, kanye nemikhuleko yenu yosizo. Ngikhuleka zikhathi zonke, ukuba niluzwe uthando Lwabo ngani.

Ukuzwa uthando Lwabo kubalulekile, njengoba kubukeka sengathi nsukuzonke sihlaselwa yizindaba ezikhathazayo. Kungenzeka ukuthi sewake waba nezinsuku lapho ufisa sengathi ungazigqokela izingubo zakho zokulala, uzigoqe njengebhola, bese ucela othile ukuthi akuvuse uma isiyaluyalu sesidlulile.

Kepha, bafowethu nodadewethu abathandekayo, ziningi-ke izinto ezinhle eziseza. Ezinsukwini ezizayo, sizobona izibonakaliso ezinkulukazi zamandla oMsindisi umhlaba ongakaze nhlobo uzibone. Phakathi kwamanje nesikhathi azobuya ngaso “ngamandla nenkazimulo enkulu,”1 Uzonika amalungelo angenakubalwa, izibusiso, kanye nezimangaliso kwabathembekileyo.

Noma-ke kunjalo, okwamanje sisaphila esikhathini esinzima kakhulu emlandweni womhlaba. Izinkinga nezinselelo zishiya abantu abaningi bezizwa bekhungathekile futhi bekhathele. Kepha-ke, ake ucabange ngesehlakalo sakamuva nje esingaletha ukukhanyiseleka ekutheni mina nawe singakuthola kanjani ukuphumula.

Ngesikhathi sakamuva nje sokuvulwa kweThempeli laseWashington D.C., ilunga lekomiti lezokuvulwa kwezindlu lezwa ukuxoxisana okunokuqonda ngesikhathi liphelezela izintatheli eziningana eziqavile ethempelini. Ngandlela thize umndeni osemncane wazithola usunamathela kuloluhambo lwabezindaba. Enye intatheli yayilokhu ibuza “ngohambo” lomsizi wasethempelini njengoba ayeloku ehamba ethempelini. Yayifuna ukwazi ukuthi ngabe uhambo lwasethempelini luwuphawu lwezinselelo zohambo lomuntu empilweni.

Umfana omncane emndenini wayizwa leyo nkulumo. Ngesikhathi iqembu labavakashi lingena egunjini lokwembathiswa, umfana wakhomba kwi-altare, lapho abantu beguqa khona ukwenza izivumelwano noNkulunkulu, wathi “Oh, kwakuhle lokhu. Nansi indawo yokuba abantu baphumule ohambweni labo lwasethempelini.”

Ngiyangabaza ukuthi umfana wayazi ukuthi wawujule kangakanani lowo mbono wakhe. Kungenzeka ukuthi wayengenalo ulwazi mayelana nokuxhumana ngqo phakathi kokwenza isivumelwano noNkulunkulu ethempelini kanye nalesi sethembiso sikaMsindisi esihle:

“Zanini kimi,nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, ngizakuniphumuza.

“Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; … iyakufumana impumuzo.

“Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”2

Isithombe
Isixuku kwingqungquthela yeBandla lonke

Bafowethu nodadebethu abathandekayo, nginosizi ngalabo abashiya iBandla ngoba benomuzwa wokuthi ubulunga budinga okukhulu kubo. Abakafumani ukuthi ukwenza nokugcina izivumelwano yiko empeleni okwenza impilo ibelula! Umuntu nomuntu owenza izivumelwano ezindaweni zokubhabhadiswa kanye nasemathempelini—futhi azigcine—usuke andisa intubayokuthola amandla kaJesu Kristu. Ngicela ucabange ngaleloqiniso elimangalisayo!

Umvuzo wokugcina izivumelwano noNkulunkulu ungamandla asezulwini—amandla asiqinisayo ukuba sikwazi ukumelana kangcono nezinkinga, izilingo, kanye nobuhlungu benhliziyo. Lamandla enza indlela yethu ibelula. Labo abaphila imithetho ephakeme kaJesu Kristu bathola amandla Akhe aphakeme. Ngakho-ke, abagcini zivumelwano banelungelo lokuthola uhlobo olukhethekile lokuphumula oluza kubo ngobudlelwano babo besivumelwano noNkulunkulu.

Ngaphambi kokuba uMsindisi azinikele ebuhlungwini baseGetsemane naseKhanda, Washo nokusho kubaPostoli Bakhe wathi, “Ezweni niyakubalusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”3 Ngemva kwaloko, uJesu wasinxusa ngamunye wethu ukuba senze okufanayo ngesikhathi ethi, “Ngifisaniwunqobe umhlaba.”4

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, umyalezo wami kini namuhla uthi njengoba uJesu Kristu wawunqoba lomhlaba owileyo, nokuthi wasihlawulela ngamunye, nawe ngokunjalo ungawunqoba lomhlaba ogcwele isono, ozinake wona, futhi novamise ukukhathaza.

Ngoba uMsindisi, ngeNhlawulo Yakhe engapheliyo, wasihlenga ngamunye ebuthakathakeni, emaphutheni, nasesonweni, nanjengoba ezwa bonke ubuhlungu, nezinkathazo nemithwalo yonke enake nayithwala,5 ngakho-ke njengoba uphenduka ngokweqiniso futhi ufuna usizo Lwakhe, ungawunqoba lomhlaba onobungozi.

Ungazinqoba izinhlupho zalomhlaba ezikhathazayo, kuhlanganisa ukuzikhukhumeza, ukuzigqaja, intukuthelo, imikhuba yokonakala, inzondo, ukuhala, umona, kanye nokwesaba. Naphezu kweziphazamiso nezinhlanezelo ezisizungezile, ungakuthola ukuphumula—okusho ukukhululeka nokuthula—ngisho naphakathi kwezinkinga zakho ezixake ngempela.

Leliqiniso elibalulekile liphakamisa imibuzo emithathu eyisisekelo:

Owokuqala, ngabe kuchaza ukuthini ukunqoba umhlaba?

Owesibili, sikwenza kanjani lokho na?

Nowesithathu, ngabe kuzibusisa kanjani izimpilo zethu ukunqoba umhlaba na?

Ngabe kuchaza ukuthini ukunqoba umhlaba na? Kuchaza ukunqoba isilingo sokukhathalela kakhulu izinto zomhlaba kunezinto zikaNkulunkulu. Kuchaza ukwethemba imfundiso kaKristu ngaphezu kwezimfundiso zabantu. Kuchaza ukuthokozela iqiniso, ukugxeka inkohliso, nokuba “ngabalandeli baKristu abathobekile.”6 Kuchaza ukukhetha ukuzithiba kukho konke okuxosha uMoya. Kuchaza ukufisa “ukudela” ngisho nezono zethu esizithandayo 7

Manje kodwa, ukunqoba umhlaba ngokuqinisekile akusho ukuthi asisenaphutha kulempilo, noma izinkinga zakho zizoshabalala ngomlingo—ngoba ngeke. Futhi akusho ukuthi ngeke usawenza amaphutha. Kepha ukunqoba umhlaba kusho ukuthi ukumelana kwakho nesono kuzokhula. Inhliziyo yakho izothamba njengoba ukholo lwakho kuJesu Kristu lukhula.8 Ukunqoba umhlaba kusho ukukhula ekuthandeni uNkulunkulu neNdodana Yakhe eThandekayo ngaphezu kokuthanda noma ngubani nanoma yikuphi okunye.

Pho, ngabe silinqoba kanjani izwe na? INkosi uBenjamini wasifundisa ukuthi kanjani. Wathi “umuntu wemvelo uyisitha kuNkululnkulu” futhi uhlezi enjalo ingunaphakade “ngaphandle kokuthi avumele ukuholwa nguMoya oyiNgcwele, futhi amkhumule umuntu wemvelo futhi abengongcwele ngenhlawulo kaKristu iNkosi.”9 Njalo nje lapho ufuna futhi ulandela ukufunzelelwa nguMoya, njalo nje uma wenza okuhle—izinto “umuntu wemvelo” abengeke azenze—unqoba umhlaba.

Ukunqoba umhlaba akusiyo into eyenzeka osukwini noma ezinsukwini ezimbili. Kwenzeka impilo yonke ngenkathi semukela ngokuphindelela imfundiso kaKristu. Sikhulisa ukholo kuJesu Kristu ngokuphenduka nsuku zonke nangokugcina izivumelwano ezisipha amandla. Sihlala endleleni yesivumelwano futhi sibusiswa ngamandla angokomoya, isambulo somuntu siqu, ukholo olukhulayo, kanye nokusetshenzelwa yizingelosi. Ukuphila imfundiso kaKristu kungakhiqiza umjikelezo omuhle onamandla, owakha umfutho wangokomoya ezimpilweni zethu.10

Njengoba sizama ukuphila imithetho ephakeme kaJesu Kristu, izinhliziyo zethu nemvelo yethu uqobo kuyaqala kushintshe. UMsindisi usiphakamisa ngaphezu komdonso walomhlaba owileyo ngokusibusisa ngesihe, ukuthobeka, ukuphana, umusa, ukuzithiba, ukuthula, kanye nokuphumula.

Manje, ungahle ucabange ukuthi lokhu kuzwakala njengokusebenza kanzima kwangokomoya kunokuphumula. Kepha nali iqiniso elikhulu: njengoba umhlaba ugcizelela ukuthi amandla, konke esinako, udumo, kanye nokujabulisa inyama kuletha injabulo, akunjalo! Konke lokhu ngeke kwakwenza lokho! Kodwa okukwenzayo kuba yibambela elifileyo “lesimo esibusisiwe futhi nesokujabula salabo [aba] gcina imiyalelo kaNkulunkulu.”11

Iqiniso wukuthi kukhathaza kakhulu ukufuna injabulo lapho ongeke uyithole khona! Kodwa lapho uzibophela ejokeni likaJesu Kristu futhi wenza umsebenzi wangokomoya odingekayo ukuze unqobe umhlaba, Yena, futhi Yena yedwa, unamandla okukuphakamisa ngaphezulu kokudonsa kwalomhlaba.

Manje, ngabe ukunqoba umhlaba kuzibusisa kanjani izimpilo zethu na? Impendulo icacile: ukuba nobudlelwano besivumelwano noNkulunkulu kusibophela Kuye ngendlela eyenza ukuthi konke okumayelana nempilo kubelula. Ngiyacela ningangizwa kabi: Angishongo ukuthi ukwenza izivumelwano kwenza impilo ibelula. Empeleni, lindela ukuphikiswa, ngoba isitha asifuni ukuba uthole amandla kaJesu Kristu. Kepha ukuzibophela kuMsindisi kusho ukuthi uzofinyelela emandleni nasekuhlengweni okunamandla Kwakhe.

Isithombe
UMongameli u-Ezra Taft Benson

Ngiyigcizelela kabusha imfundiso ejulile kaMongameli u-Ezra Taft Benson owathi: “Abesilisa nabesifazane abanikela izimpilo zabo kuNkulunkulu bayothola ukuthi Angenza okuningi kakhulu ezimpilweni zabo kunalokho abangakwenza. Uzoyijulisa injabulo yabo, andise ukubona kwabo, aphilise izingqondo zabo, … aphakamise imimoya yabo, aphindaphinde izibusiso zabo, andise amathuba abo, aduduze imiphefumulo yabo, avuse abangani, futhi athulule ukuthula.”12

Lamalungelo angenakuqhathaniswa alandela labo abafuna ukwesekwa kwasezulwini ukubasiza banqobe lomhlaba. Ngakho-ke, kumalunga eBandla lonke nginika umyalelo engawunika intsha ngoMeyi odlule. Ngaleso sikhathi ngabanxusa—nani futhi ngiyaninxusa manje—ukuba nibe nobenu uqobo ubufakazi ngoJesu Kristu nevangeli Lakhe. Busebenzeleni. Bukhuliseni ukuze bukhule. Bupheni iqiniso. Ningabungcolisi ngezimfundiso zamanga zabesifazane nabesilisa abangakholwayo. Njengoba uqhubeka nokwenza ukuqinisa ubufakazi bakho ngoJesu Kristu kube yinto ebaluleke kakhulu kuwe, bheka izimangaliso ezingenzeka empilweni yakho.13

Isithombe
UMongameli uNelson esepulpiti kwingqungquthela yeBandla lonke

Isicelo sami kini namuhla ekuseni ukuba nithole ukuphumula emandleni, ekungazini, nasezinkathazweni zalomhlaba ngokunqoba umhlaba ngezivumelwano zenu noNkulunkulu. Mazise ngemikhuleko yakho nangezenzo zakho ukuthi uzimisele ukuwunqoba umhlaba. Mcele ukuba akukhanyisele umqondo futhi athumele usizo oludingayo. Usuku nosuku, bhala imicabango ekufikelayo ngesikhathi ukhuleka, bese uyakulandelela lokho ngokukhuthala. Chitha isikhathi esiningana ethempelini, funa ukuqonda ukuthi ithempeli likufundisa kanjani ukuphakama ngaphezu kwalomhlaba owileyo.14

Njengoba besengike ngasho phambilini, ukuqoqwa kuka-Israyeli kungumsebenzi obaluleke kakhulu owenzeka emhlabeni namuhla. Ingxenye ebalulekile yalokhu kuqoqwa wukulungiselela abantu abakwaziyo, abakulungele, futhi abafanelwe wukwamukela iNkosi lapho ibuyayo futhi, abantu asebevele bemkhethile uJesu Kristu ngaphezu kwalomhlaba owileyo, abantu abathokozela ukuzikhethela ngokwabo ukuphila imithetho ephakeme,nengcwele kaJesu Kristu.

Isithombe
umama nendodakazi bebuka izithombe zoMongameli eSikhungweni seNgqungquthela

Ngiyaninxusa, bafowethu nodadewethu abathandekayo, ukuba nibe yilababantu abalungileyo. Zazise futhi uhloniphe izivumelwano zakho ngaphezu kwazo zonke ezinye izibophezelo . Ngesikhathi uvumela uNkulunkulu ukuba avame empilweni yakho, ngikwethembisa ukuthula okukhulu, ukuzethemba, injabulo, futhi yebo, nokuphumula.

Ngamandla obupostoli obungcwele obubekwe kimi, ngiyanibusisa ekufuneni kwenu ukunqoba lomhlaba. Ngiyanibusisa ukuba nikhulise ukholo lwenu kuJesu Kristu futhi nifunde kangcono indlela yokusebenzisa amandla Akhe. Nginibusisa ukuba nikwazi ukulibona iqiniso ephutheni. Nginibusisa ukuba nikhathalele kakhulu izinto zikaNkulunkulu kunezinto zalomhlaba. Nginibusisa ukuba nizibone izidingo zalabo abaseduze nani futhi nibaqinise labo enibathandayo. Ngoba uJesu Kristu wawunqoba lomhlaba, nawe ungakwazi. Ngiyafakaza ngalokho egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. Joseph Smith—Mathewu 1:36: “Emva kwalokho kuyovela uphawu lweNdodana yoMuntu ezulwini, emva kwalokho zonke izizwana zomhlaba ziyolila; futhi ziyoyibona iNdodana yoMuntu iza emafwini ezulu, ngamandla nangenkazimulo enkulu.”

  2. NgokukaMathewu 11:28–30; kwengezwe ukugcizelela.

  3. NgokukaJohane 16:33; kwengezwe ukugcizelela.

  4. IMfundiso neziVumelwano 64:2; kwengezwe ukugcizelela.

  5. Bheka u-Alima 7:11–13.

  6. 2 Nefi 28:14.

  7. Bheka indaba kayise weNkosi uLamoni ku u-Alima 22, ikakhulukazi ku Alima 22:18.

  8. Bheka uMosiya 5:7.

  9. uMosiya 3:19; kwengezwe ukugcizelela

  10. Bheka ku 2 Nefi 31; 3 Nefi 27:16–20.

  11. uMosiya 2:41.

  12. Teachings of Presidents of the Church: Ezra Taft Benson (2014), 42–43.

  13. Bheka inkulumo kaRussell M. Nelson, “Choices for Eternity” (worldwide devotional for young adults, May 15, 2022), broadcasts.ChurchofJesusChrist.org.

  14. UMongameli uDavid O. McKay wathi ethempelini sithatha “isinyathelo ngesinyathelo ukukhuphukela eBukhoneni baPhakade” (in Truman G. Madsen, The Temple: Where Heaven Meets Earth [2008], 11).

Shicilela