Ngo-2022
Ukusiza Abampofu nabaKhathazekile—Okucashuniwe
kaNovemba 2022


UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yangoNovemba 2022

Ukusiza Abampofu nabaKhathazekile

Okucashuniwe

Isithombe
Oaks data-poster quote

Inhlalakahle kanye nenkonzo yokusiza abantu esiphila nabo kufundiswa futhi kwenziwa yiBandla likaJesu Kristu labaNgcwele leziNsuku zokuGcina kanye nathi njengamalunga alo. Isibonelo, sizila ukudla ngosuku lokuqala nyanga zonke bese sinikela cishe okulingene nokudla esingakudlanga ukusiza labo abadingayo kulabo esihlanganyela nabo. IBandla liphinde lenze iminikelo emikhulu yokusiza abantu kanye nolunye usizo emhlabeni wonke.

Ngaphezu kwakho konke lokho iBandla lethu elikwenza lona, iningi lemisebenzi yokusiza abantwana baNkulunkulu emhlabeni wonke yenziwa abantu kanye nezinhlangano ezingenabo ubudlelwano neBandla lethu. …

IBandla likaJesu Kristu lizimisele ukusiza labo abadingayo, futhi lizimisele ukusebenzisana nabanye kulowomzamo. …

Isambulo samanje sifundisa ukuthi uMsindisi, uJesu Kristu “unguku khanya okukhanyisa wonke umuntu oza emhlabeni” [IMfundiso neziVumelwano 93:2]. Ngalokhu, bonke abantwana baNkulunkulu bakhanyiselekile ukuba bamsebenzele kanye nomunye nomunye ngokolwazi nangekhono labo. …

… Iningi lethu kumele sikubone okuhle okwenziwa abanye futhi sikweseke uma sinesikhathi nendlela yokukwenza lokho. …

Ngiyafakaza ngoJesu Kristu, okukhanya noMoya wakhe kuholela bonke abantwana baNkulunkulu ekutheni basize abampofu nabakhathazekile emhlabeni wonke.

Shicilela