“Amagama Amaningi KaJesu”, uMyalezo wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngoDisemba 2022
“Amagama Amaningi kaJesu”
UMyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngoDisemba 2022
Amagama Amaningi kaJesu
Abaprofethi abaningi bafundise ngoJesu Kristu. Bathi uyozalwa ukuze asibonise indlela yokuphila. Basebenzisa amagama amaningi ukuze bafundise Ngaye.
Kwesinye isikhathi emibhalweni engcwele uJesu ubizwa ngokuthi ngu Imanuweli. Lelo gama lisho ukuthi “uNkulunkulu unathi.”
UJesu uphinde abizwe ngokuthi uMesiya. uMesiya usho ukuthi “ogcotshiweyo.” UJesu wasifela ukuze siphile noNkulunkulu futhi.
UJesu ungu Msindisi wethu. Uyasisindisa ezonweni zethu nasekufeni.
Elinye igama likaJesu yi Nkosi yokuThula. Uma sesaba noma sicasukile, Angasisiza sizwe ukuthula koMoya oNgcwele.
Ngiyamthanda uJesu Kristu. Ngingafunda ngempilo nangothando Lwakhe emibhalweni engcwele.
© 2022 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, December 2022. isiZulu. 18318 783