Ngo-2023
Izinsiza Zentsha Nabantwana
NgoFebhruwari 2023


“Izinsiza Zentsha Nabantwana,” iLiyahona, ngoFebhruwari 2023.

UMyalezo Wanyanga zonke we Liyahona ngoFebhruwari 2023

Izinsiza Zentsha Nabantwana

Isithombe
abazali befunda imibhalo engcwele nendodana

Abazali banomthwalo osemqoka wokufundisa abantwana babo ngoJesu Kristu nangevangeli Lakhe. IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina linezinhlangano, izinhlelo, kanye nezinye izinsiza ukusiza abazali emizamweni yabo. Ngokubambisana, abazali, abaholi beBandla, kanye nabangani bangabasiza bonke abantwana nentsha ukuba beze kuKristu.

Isithombe
abantwana beNhlangano yabaNtwana

Isithombe nguBen Johnson

INhlangano yabaNtwana

INhlangano yabaNtwana yinhlangano yeBandla yabantwana abanezinyanga eziyi-18 kuya kwabaneminyaka eyi-11. KuleNhlangano, abantwana bafunda ngoJesu Kristu nangeVangeli Lakhe ngezifundo, umculo, kanye nokwenziwayo. INhlangano yabaNtwana ingabasiza abantwana baluzwe uthando lukaNkulunkulu ngabo.

ImiGwamanda yobuPristi buka-Aroni, namaKlasi amaNtombazane

NgoJanuwari wonyaka lapho abantwana beba neminyaka eyi-12, bayasuka eNhlanganweni yabaNtwana baye kwimigwamanda yobuPristi buka-Aroni (yabafana) noma emakilasini amaNtombazane. Kuleyo migwamanda yabo nakulawo makilasi abo, intsha iyaqhubeka nokuqinisa ubufakazi bayo nokusebenzela abanye.

Isithombe
izandla zidweba isithombe

Uhlelo Lwabantwana nolweNtsha

Ebusheni Bakhe, uJesu wakhula “ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu” (NgokukaLuka 2:52). Uhlelo Lwabantwana nolweNtsha lusiza amalungu eBandla asemancane ukuba alandele isibonelo sikaKristu. Ayafunda futhi akhuliswe kuzo zonke izindlela zokuphila––ngokomoya, ngokuhlalisana nabantu, ngokomzimba, kanye nangokwengqondo.

AmaPhephabhuku eBandla

Iphephabhuku leBandla elenzelwe abantwana yi Friend (Umngani). Iphephabhuku For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) lenzelwe intsha. Lamaphephabhuku anezindaba, izimfundiso, kanye nokwenziwayo okubhalelwe ikakhulu abantwana kanye nentsha.

Isithombe
ingaphandle lencwadi lesiqondiso ebhalwe ngolimi lweSpeyini.

For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) Incwadi Yesiqondiso

For the Strength of Youth (Okwakha Intsha): Incwadi Yesiqondiso Yokukhetha ifundisa intsha ngamaqiniso evangeli. Ibafundisa ukuthi bangazithatha kanjani izinqumo ezizobasiza balandele uJesu Kristu. Kufakwe kuyo nezimpendulo zemibuzo intsha engaba nayo mayelana nokuthi bangaliphila kanjani ivangeli.

UMthombo woLwazi weVangeli

UMthombo woLwazi weVangeli unezinsiza eziningi ezitholakala kwi-intanethi, okubalwa kuzo amavidiyo, umculo, izindaba zemibhalo engcwele, kanye nokwenziwayo. Kuwo kukhona izinsiza zokusiza abazali nabaholi bafundise ngemigomo yevangeli. Lezinsiza zitholakala eMthonjeni woLwazi weVangeli ku ChurchofJesusChrist.org ngokunjalo nakwi-app yoMthombo woLwazi weVangeli.

INgqungquthela Yokwakha Intsha

Intsha iyamenywa ukuba ize kwingqungquthela yokwakha Intsha ngonyaka lapho beba neminyaka eyi-14. Kulengqungquthela kukhona okwenziwayo kanye namakilasi asiza ukuqinisa ukholo kuJesu Kristu nokubasiza bakhule ngokomoya, ngokuhlalisana nabantu, ngokomzimba, kanye nangokwengqondo.

Shicilela