Ngo-2023
Izibusiso zobuPristi
NgoMashi 2023


“Izibusiso zobuPristi,” iLiyahona, ngoMashi 2023.

Umyalezo waNyanga zonke we-Liyahona ngoMashi 2023

Izibusiso zobuPristi

Isithombe
UKristu Egcoba abaPostoli abaliShumi naMbili

Christ Ordaining the Twelve [UKristu Egcoba abaPostoli abaliShumi naMbili], nguHarry Anderson

Isibusiso sobupristi sinikwa ngokushisekeliswa yilowo ophethe ubuPristi bukaMelkisedeki. Izibusiso zobuPristi zenza kwenzeke ukuba bonke abantwana baNkulunkulu bathole amandla, ukwelashwa, induduzo, kanye nokuholwa okuvela Kuye.

UbuPristi

Ubupristi bungamandla kanye negunya likaNkulunkulu. Amadoda afanelwe aphethe ubuPristi bukaMelkisedeki enza akwenzayo egameni likaJesu Kristu ngesikhathi enika izibusiso zobupristi. Ngesikhathi enika lezi zibusiso, alandela isibonelo sikaMsindisi sokubusisa abanye.

Isithombe
izandla ezibekwe phezu kwekhanda

Isithombe nguDavid Winters

Ukunikwa Kwezibusiso

Izibusiso zobuPristi zinikwa ngokubekwa kwezandla. Ophethe ubuPristi bukaMelkisedeki ubeka izandla zakhe phezu kwekhanda lalowo onikwa isibusiso. Ube esenika isibusiso ngokuyalelwa nguMoya. Labo abanika isibusiso kanye nalabo abazemukelayo basebenzisa ukholo kuNkulunkulu nokwethemba intando nesikhathi Sakhe.

Ukunika Igama nokuBusisa Abantwana

Emva kokuzalwa komntwana, ophethe ubupristi umnika igama umntwana kanye nesibusiso (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:70). Lokhu kuvame ukuthi kwenzeke ngesikhathi senkozo yokuzila ukudla nokufakaza. Okokuqala umntwana unikwa igama. Emva kwalokho ophethe ubupristi ube esenika umntwana isibusiso.

Isithombe
umfana ogulayo ethola isibusiso sobupristi

Isithombe nguWelden C. Andersen

Izibusiso Zabagulayo

Abaphethe ubuPristi bukaMelkisedeki banganika izibusiso kubantu abagulayo. Loluhlobo lwezibusiso lunezingxenye ezimbili: ukugcotshwa ngamafutha kanye nokuqiniswa kokugcotshwa. Okokuqala, ophethe ubupristi ubeka iconsi lamafutha omhlwathi alungisiwe noma abusisiwe, ekhanda lomuntu bese enza umkhuleko omfishane. Emva kwalokho omunye ophethe ubupristi uyaluqinisa ugcobo bese enika lowo muntu isibusiso njengokuyalelwa nguMoya oNgcwele.

Izibusiso Zenduduzo nokweLulekwa

Abaphethe ubuPristi bukaMelkisedeki banganika izibusiso zenduduzo nezokwelulekwa kumalungu omndeni kanye nakwabanye abazicelayo. Ubaba ophethe ubuPristi bukaMelkisedeki anganika isibusiso sikababa kubantwana bakhe. Lezi zibusiso zingaba wusizo kakhulu lapho abantwana bebhekene nezinkinga ezithile.

Ukulungiselela Amalungu Ukuba Asebenze Obizweni

Lapho amalungu eBandla emukela ubizo, anikwa isibusiso ngesikhathi elungiselelwa ukusebenza kulolo bizo. Umholi ophethe ubupristi uyababusisa ngegunya lokwenza izinto kulolo bizo. Umholi ophethe ubupristi uphinde abanike isibusiso ukubasiza ngesikhathi besebenza.

Isithombe
owesifazane efunda isibusiso senzalamizi

Isithombe nguDavid Winters

Izibusiso zeNzalamizi

Noma yiliphi ilungu leBandla elifanelwe linganikwa isibusiso senzalamizi. Lesi sibusiso sinika ukwelulekwa okuvela eNkosini. Singanika ukuholwa kanye nenduduzo empilweni yonke yomuntu. Singaphinde futhi sitshele umuntu ngozalo lwakhe endlini ka-Israyeli. Kuphela inzalamizi egcotshiweyo enganika loluhlobo lwesibusiso.

Shicilela