Ngo-2023
UJesu Uthulisa Isivunguvungu
NgoMashi 2023


“UJesu Kristu Uthulisa Isivunguvungu,” Friend (Umngani), ngoMashi 2023, 46–47.

Umyalezo waNyanga zonke we-Friend (Umngani) ngoMashi 2023

UJesu Uthulisa Isivunguvungu

Isithombe
UJesu Kristu elele esikebheni ngesikhathi abafundi Bakhe bebuka ulwandle

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

Ngobunye ubusuku uJesu Kristu kanye nabafundi Bakhe bawela ulwandle ngesikebhe. UJesu wayekhathele futhi walala.

Isithombe
Isivunguvungu siketula isikebhe esinoJesu nabafundi Bakhe

Isivunguvungu seza. Amagagasi aya ngokukhula aba makhulu! Abafundi besaba. Bavusa uJesu bamcela abasindise.

Isithombe
uJesu ethulisa isivunguvungu

UJesu wasukuma wathi, “Thula, uthi du.” Umoya wayeka ukuvunguza. Amanzi athula.

Isithombe
Umfanyana esonge izingalo evale amehlo

Ukholo lwami kuJesu Kristu lungangilethela ukuthula. Lapho ngesaba, uJesu angangisiza ngizwe ukuthula.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngiyathanda Ukufunda ngoJesu

Isithombe
ikhasi lokufaka imibala lentombazanyana ibuka incwadi ngoJesu

Umfanekiso wenziwe nguPatricia Geis

Yini oyaziyo ngoJesu na?

Shicilela