Ngo-2023
Ukholo kuJesu Kristu
Ngo-Ephreli 2023


“Ukholo kuJesu Kristu,” iLiyahona, yango-Ephreli 2023.

UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yango-Ephreli 2023

Ukholo kuJesu Kristu

Isithombe
Umdwebo kaJesu

Jesus Christ [UJesu Kristu], nguHarrry Anderson

Ukuba nokholo kuJesu Kristu kungumgomo wokuqala wevangeli (bheka ImiBhalo yoKholo 1:4). Ukholo lwethu luzosisiza ukuba senze izinqumo ezizosiholela emuva kuBaba wethu oseZulwini. Singasebenzela ukuluqinisa ukholo lwethu izimpilo zethu zonke.

Isithombe
abantwana nentsha bebuthene bezungeze incwadi

Luyini Ukholo?

Ukholo lusho ukukholelwa okuqinile noma ukwethembela kokuthile. Ukuba nokholo kusho ukuba nethemba nokukholelwa ezintweni eziyiqiniso, ngisho nalapho singakwazi ukuzibona noma ukuziqonda ngokuphelele (bheka KumaHeberu 11:1; Alima 32:21).

Isithombe
isithombe sikaJesu Kristu

umdwebo osuselwe ku Christ and the Rich Young Ruler [Kristu noMbusi Osemusha oNothileyo ], nguHeinrich Hofmann

Ukholo Olugxile KuJesu Kristu

Ukholo lwethu kufanele lugxile kuJesu Kristu njengoMsindisi noMhlengi wethu ukuze luholele ensindisweni. Ukuba nokholo kuKristu kusho ukwethembela Kuye. Kusho ukubheka Kuye ngokuphelele—ukwethembela emandleni Akhe, ukukhalipha, nothando . Kusho futhi nokukholelwa kanye nokulandela izimfundiso Zakhe.

Isithombe
izithandani zifunda imibhalo engcwele

Ukukhulisa Ukholo Lwethu

Ukholo luyisipho esivela kuNkulunkulu, kodwa kufanele silufune futhi sisebenzele ukulugcina luqinile. Singalukhulisa ukholo lwethu ngokukhuleka kanye nokufunda imibhalo engcwele kanye nezimfundiso zabaprofethi bezinsuku zokugcina. Siphinde siluqinise ukholo lwethu lapho siphila ngokulunga futhi sizigcina izivumelwano zethu.

Ukuphila ngokuKholwa

Ukholo lungaphezulu kwenkolelo nje. Lusho ukwenza ngokuvumelana naleyo nkolelo. Sikhombisa ukholo lwethu ngendlela esiphila ngayo. Ukholo kuJesu Kristu lusifaka ugqozi lokuba silandele isibonelo Sakhe esingenaphutha. Ukholo lwethu lusiholela ekutheni siyihloniphe imiyalelo, siphenduke ezonweni zethu, nokuthi senze futhi sigcine izivumelwano.

Isithombe
uJesu elapha indoda eyimpumputhe

Ukholo Lungaholela ekutheni Sibone Izimangaliso

Ukholo lwangempela luletha izimangaliso, okungaba yimibono, amaphupho, ukuphiliswa, nezinye izipho ezivela kuNkulunkulu. Imibhalo engcwele iqukethe izindaba eziningi zabantu abathola izimangaliso ezivela eNkosini ngenxa yokholo lwabo Kuyo. Bheka isihloko esithi “Isimangaliso” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele ukuze uthole ezinye zezibonelo .

Ukholo Lungaletha Ukuthula

Ukuba nokholo kuNkulunkulu kanye nesu Lakhe lensindiso kungasiqinisa uma sibhekene nobunzima. Ukholo lungasinika amandla okuphikelela nokuthi sibhekane nobunzima bethu ngesibindi. Ngisho noma ikusasa libonakala lingacacile, ukholo lwethu kuMsindisi lungasinika ukuthula.

Isithombe
ubaba ephethe umntwana wakhe bebuka umdwebo kaJesu

Ukholo kuJesu Kristu Luholela Ensindisweni

Ukuba nokholo kuKristu kuzoholela ekusindisweni kwethu. UKristu usilungiselele indlela yokuba sithole ukuphila okuphakade. Lapho siphila ngokukholwa kwethu Kuye, singathethelelwa izono zethu futhi sibuyele ukuyohlala noNkulunkulu futhi.

Shicilela