Ngo-2023
Izimfundiso zikaJesu Kristu
NgoMeyi 2023


Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona yangoMeyi 2023

Izimfundiso zikaJesu Kristu

Okucashuniwe

Isithombe
isithombe

Njengoba umprofethi uNefi asifundisa, kumele “sizitike ngamazwi kaKristu; ngokuba bhekani, amazwi kaKristu azonitshela zonke izinto okufanele nizenze.”1 … Umyalezo wami namhlanje uhlanganisa amazwi oMsindisi akhethiweyo—okwashiwo uYena. …

“[Umyalo omkhulu emuthethweni yilowu:] woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.

“Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.

“Owesibili ofana nawo uthi, Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.

“Kuleyo miyalo yomibili kubambelele umthetho wonke nemfundiso yabaphrofethi.”2 …

“Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, kufanele niqaphele futhi nikhuleke njalo, hleze nilingwe ngudeveli, futhi bese niholelwa kude ekuthunjweni nguye.”3 …

“Ngakho-ke, noma ngabe yini eniyoyenza, niyoyenza egameni lami; ngakho-ke niyolibiza ibandla ngegama lami.”4 …

“Manje lona ngumyalelo: Phendukani, nonke nina mikhawulo yomhlaba, futhi nize kimi futhi nibhabhadiswe egameni lami, ukuze ningcweliswe ngokwamukela uMoya oNgcwele, ukuze nime ningenasici phambi kwami ngosuku lokuphela.”5 …

Sikholelwa kuKristu. Ngivalisa ngalokho Akusho mayelana nokuthi kumele sizazi futhi sizilandele kanjani izimfundiso Zakhe:

“Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba uyakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.”6

Shicilela