Ngo-2023
Ukuthola Ukuthula Komuntu Siqu
NgoMeyi 2023


Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona yangoMeyi 2023

Ukuthola Ukuthula Komuntu Siqu

Okucashuniwe

Isithombe
isithombe

Namhlanje ngizokhuluma ngalokho engakufunda mayelana nesimangaliso sokuthola ukuthula komuntu siqu, noma ngabe yiziphi izimo zethu. …

Ngifundile okungenani amaqiniso amahlanu aphuma esifundisweni soMsindisi.

Okokuqala, isipho sokuthula sinikezwa ngemva kokuba sibe nokholo lokugcina imiyalelo Yakhe. …

Okwesibili, uMoya oNgcwele uyoza futhi uhlale nathi. …

Okwesithathu, uMsindisi uyathembisa ukuthi njengoba sigcina izivumelwano zethu, singaluzwa uthando lukaBaba neNdodana komunye nomunye nakithi. …

Okwesine, ukugcina imiyalo yeNkosi kudinga okungaphezulu kunokulalela. Kumele sithande uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo, amandla, umqondo, nomphefumulo wethu. …

Okwesihlanu, kucacile ukuthi iNkosi yasithanda kakhulu ekutheni isihlawulele izono zethu ukuze thina—ngokholo lwethu Kuye nokuphenduka, ngeNhlawulo Yakhe—singaba nesipho sokuthula “esidlula ukuqonda konke” [KwabaseFiliphi 4:7], kulempilo yamanje neyaphakade Naye. …

Amalungu eBandla umhlaba jikelele aseke asizwa lesisipho seNkosi sokuthula komuntu siqu. Ukhuthaza wonke umuntu ukuthi asize abanye bathole amathuba wokuza Kuye futhi bafaneleke ukuthola lokhu kuthula nabo. Bona, ngokunjalo, bazokhetha ukubheka intshisekelo yokuthola ukuthi bangasidlulisela kanjani kwabanye lesi sipho.

Isizukulwane esisakhula manje siyoba abahlengikazi besizukulwane esilandelayo. Umphumela wokuphindaphinda uzoveza isimangaliso. Liyosabalala futhi likhule ngokuhamba kwesikhathi, futhi umbuso weNkosi emhlabeni uyolungiselelwa futhi ulungele ukuMbingelela ngokumemeza uhosana. Kuyobakhona ukuthula emhlabeni.

Shicilela