Ngo-2023
UKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu
NgoJulayi 2023


“UKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu,” Liyahona, yangoJulayi 2023.

Umyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona ngoJulayi 2023

UKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu

Isithombe
intombazane nemibhalo engcwele evuliwe esemathangeni

Lapho sicabanga ngezibusiso esizitholayo ngenxa yokuba ngamalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, sifuna ukwabelana ngevangeli nalabo esibathandayo. Singabelana ngobufakazi bethu beqiniso ngesikushoyo nangezibonelo zethu. Singayikhulekela intshisekelo ukuze sazi ukuthi ngubani esingabelana naye nokuthi yikuphi esingakusho.

Isithombe
uJesu elulela isandla endodeni eyisiguli

Bathande Abanye

Ingxenye ebalulekile yokwabelana ngevangeli likaJesu Kristu ukuthanda abanye. Lapho sikhombisa uthando kwabanye ngezenzo ezifana nezika Kristu, sabelana ngevangeli lika Jesu Kristu––kwesinye isikhathi ngaphandle kokusho okuthile. Futhi lapho abanye bazi ukuthi sibakhathalela ngempela, kungenzeka bafune ukuzwa ngemicabango yethu ngevangeli. (Bheka inkulumo kaGary E. Stevenson ethi, “Love, Share, Invite,”kwi LiyahonayangoMeyi 2022, 84–87.)

Yabelana Ngevangeli Ngezindlela Ezejwayelekileyo

Singabelana ngalokho esikuthandayo ngevangeli. Lapho sikwenza lokhu nsukuzonke, ngeke kube nzima noma kusikhathaze. Isibonelo, singakhuluma nabomndeni wethu noma abangani mayelana nokuthi senzani ngeSonto. Noma-ke singabatshela ngokuthi sizizwa kanjani lapho sisiza abanye abantu. (Bheka inkulumo ka Dieter F. Uchtdorf ethi, “Missionary Work: Sharing What Is in Your Heart,”kwi LiyahonayangoMeyi 2019, 15–18.)

Mema Abanye ukuba bazoHlanganyela Nathi

Singabamema abanye ukuba bazofunda kabanzi ngevangeli. Isibonelo, singabamema ukuba beze enkonzweni noma bazohlanganyela nathi kwesikwenzayo, ukuzofunda iNcwadi kaMormoni, ukuzobuka ividiyo yaseBandleni, noma ukuba bavakashelwe ngabefundisi. Konke lokhu kungabasiza ukuthi bawuzwe uMoya bafune nokufunda kabanzi.

Isithombe
abesifazane abadala behleli bekhuluma

Babuze Ngabakuzwile Nabakubonile

Emva kokuthi abangani nabomndeni bezile esontweni noma bebambe iqhaza esifundweni nabefundisi, singababuza ngabakuzwile nabakubonile. Ezinye izimfundiso zevangeli kungenzeka zibe zintsha kubo, ngakho-ke singayiphendula imibuzo abanayo. Singakhombisa uthando nokubaxhasa emizamweni yabo yokuza ku Kristu.

Engeza Okholweni Lwabo

Siyazazisa futhi sizihloniphe izinkolo zabanye, futhi sizama ukwengeza okholweni asebevele benalo. Isibonelo, umngani othole induduzo emibhalweni yeBhayibheli kungenzeka athole induduzo ezimfundisweni zeNcwadi kaMormoni esimtshela ngazo.

Isithombe
intombazane isiza owesifazane omdala ukuba awele umgwaqo

Siza Amalungu Ebandla Asemasha

Lapho abantu bejoyina iBandla, singabasiza baqine okholweni lwabo. Singaba ngabangani babo, siphendule imibuzo yabo, futhi sibasekele lapho bemukela ubizo. Singabakhuthaza ukuba baqhubeke nokulandela uJesu Kristu nokufunda ngevangeli Lakhe.

Isithombe
abefundisi ababili kanye nendoda bebuka ndawonye ucingo

Ukufeza Umsebenzi Wokuthunywa

Ngaphezu kokwabelana ngevangeli nsuku zonke, amalungu eBandla angabizwa ukuyosebenza njengabefundisi. Uma bezilungiselele, abafana bangaqala ukusebenza beneminyaka eyi–18. Amantombazane nabadala nabo bangasebenza. Ungathola olunye ulwazi ku ChurchofJesusChrist.org/callings/missionary.

Shicilela