Ngo-2023
Ukunakekela labo Abaswele
NgoSepthemba 2023


“Ukunakekela labo Abaswele,” Liyahona, ngoSepthemba 2023.

UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yangoSepthemba 2023

Ukunakekela labo Abaswele

Isithombe
uJesu elapha abantu

He Healed Many of Diverse Diseases [Waphilisa Abaningi Abaphethwe Yizifo Ezahlukene], ngu–J. Kirk Richards, kungakopishwa

Njengamalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, silandela imfundiso yeNkosi yokunakekela labo abaswele. Sikhathalela abanye ngokubasiza, ukubasiza ukuba bazimele, futhi sabelane nabo lokhu esinakho.

Isibonelo sikaJesu Kristu

UJesu Kristu wayebathanda, ebaduduza, futhi ebathandazela labo ababeseduze Naye. “Wahamba enza umusa” (Izenzo 10:38). Singalandela isibonelo Sakhe ngokuthanda, ukududuza, ukusiza, kanye nokuthandazela labo abase duze kwethu. Singahlala njalo sifuna izindlela zokusiza abanye.

Isithombe
abantu ababili behamba

Ukusizana

Igama elithi ukusizana lisetshenziswa emibhalweni engcwele naseBandleni leNkosi ukuchaza ukuthi sinakekelana kanjani. Abaphathi bobupristi babelwa njengabafowethu abasizayo ukuba basize umuntu ngamunye noma umndeni ewadini noma egatsheni. Odade abasizayo babelwa owesifazane ngamunye omdala. Abafowethu nodadewethu abasizayo baqinisekisa ukuthi wonke amalungu eBandla ayakhunjulwa futhi anakekelwe.

Isithombe
abantu abatshala izithombo

Ukusiza Abanye Bazimele

Singasiza amalunga omndeni nabangane ukuba bazimele ngokubakhuthaza ukuba bathole izixazululo zesikhathi eside ezinkingeni zabo. Singabe sesibeseka njengoba besebenzela ukufeza izinhloso zabo. Thola ulwazi olwengeziwe mayelana nokuzimela kwi Liyahona ka-Agasti 2023 kwi- athikili yeZisekelo zeVangeli.

Sebenzela abanye

Ziningi izindlela esingasiza ngazo labo abasizungezile futhi sisize ukuhlangabezana nezidingo zabo zenyama, zomoya, kanye nezemizwa. Ukufunda ngabanye kungasisiza sazi ukuthi singabasiza kanjani kangcono. Singathandazela ukuholwa umoya ukuze sazi ukuthi yini esingayenza ukuze sisize.

Isithombe
abantu bebutha izithelo

Ukwabelana Ngalokho Esinakho

Singasiza abanye ngokwabelana ngalokho uNkulunkulu asibusise ngakho. Isibonelo, singanikela ngeminikelo yokuzila ukudla noma sinikele esikhwameni seBandla Sosizo Lokusiza Abantu. Singakwazi futhi ukusiza emphakathini wethu kanye nakubizo lwethu lwaseBandleni.

Imisebenzi Yabaholi beBandla

Umbhishobhi wengamela ukunakekela labo abadinga usizo ewadini yakhe. Angasebenzisa imali yeminikelo yokuzila ukudla ukusiza amalungu anezidingo. Abanye abaholi, okuhlanganisa abeluleki bakhe kanye nomongameli beNhlangano yokuSiza nomgwamanda wamagosa, basiza amalungu ukuba athole izinsiza abangazisebenzisa ukuhlangabezana nezidingo zabo.

Imizamo Yokusiza Yebandla

IBandla lisiza abantu emhlabeni wonke ngezimpendulo eziphuthumayo, izinhlelo zomphakathi, nezinye izinhlelo ezifana namanzi ahlanzekile kanye nokugoma. Ukuze ufunde kabanzi, bona inkulumo ya-Dallin H. Oaks, “Ukusiza Abampofu nabaKhathazekile,” ILiyahona, ngoNovemba 2022, 6–8.

Shicilela