ILiyahona
Injabulo Ehlala Njalo Yokuphila Ivangeli
NgoFebhruwari 2024


“Injabulo Ehlala Njalo Yokuphila Ivangeli,” ILiyahona, NgoFebhruwari 2024.

Umyalezo Wanyanga zonke we-Liyahona ngoFebhruwari 2024

Injabulo Ehlala Njalo Yokuphila Ivangeli

Injabulo ehlala njalo ifika ngokubekezela evangelini likaJesu Kristu nangokusiza abanye benze kanjalo.

Isithombe
U-Adamu no-Eva neNsimini yase-Edene ngemuva

Insimu yase-Edene, nguGrant Romney Clawson; Ukushiya iNsimu yase-Edene, nguJoseph Brickey

Isisho esifushane senhloso yezimpilo zethu singatholakala esiprofethweni sika-Lehi esifundisa ngesiqalo sempilo yomuntu emhlabeni. Ensimini yase-Edene, u-Adamu no-Eva babephila esimweni sokuba msulwa. Ukube bahlala kuleso simo, babezoba “bengenajabulo, ngokuba babengazi lusizi; bengenzi buhle, ngokuba babengasazi sono” (2 uNefi 2:23). Ngakho, njengoba uLehi achaza “U-Adamu wawa ukuze abantu babekhona; futhi abantu bakhona, ukuze babe nokujabula” (2 uNefi 2:25; bheka futhi uMose 5:10-11).

Njengoba sikhula emhlabeni owile, sifunda umehluko phakathi kokuhle nokubi ngesikufundiswayo nesibhekana nakho. “[Si]nambitha okubabayo, ukuze sazi ukwazisa okuhle” (uMose 6:55). Injabulo ifika lapho senqaba okubabayo futhi ngokuya sikwazisa futhi sibambelela kokuhle.

Ukuthola Injabulo

Ngenxa yothando Lwakhe oluphelele kithi, uBaba wethu osezulwini ulangazelela ukwabelana nathi injabulo Yakhe ephelele, manje futhi naphakade. Lokho yintshisekelo Yakhe kukho konke kusukela ekuqaleni, kuhlangene isu Lakhe elikhazimulayo lenjabulo kanye nomhlatshelo weNdodana Yakhe Ezelwe Yodwa ukuba asihlenge.

UNkulunkulu akazami ukuphoqa injabulo kithina, kepha Uyasifundisa ukuba singayithola kanjani. Uphinde asitshele lapho injabulo ingatholakali khona—“ububi abuyona futhi abusoze bube injabulo” (u-Alima 41:10). Kungemiyalo Yakhe lapho uBaba wethu osezulwini esivezela indlela eya enjabulweni.

UMongameli uRussell M. Nelson wakuveza ngalendlela:

“Kepha nali iqiniso elikhulu: njengoba umhlaba ugcizelela ukuthi amandla, konke esinakho, udumo, kanye nokujabulisa inyama kuletha injabulo, akunjalo! Akukwazi! Loko okukukhiqizayo akulutho ngaphandle kokuthatha indawo eyize ‘lesimo esibusisiwe futhi nesokujabula salabo abagcina imiyalelo kaNkulunkulu’ [uMosiya 2:41].

“Iqiniso wukuthi kukhathaza kakhulu ukufuna injabulo lapho ongeke uyithole khona! Kodwa lapho uzibophela ejokeni likaJesu Kristu futhi wenza umsebenzi wangokomoya odingekayo ukuze unqobe umhlaba, Yena, futhi Yena yedwa, unamandla okukuphakamisa ngaphezulu kokudonsa kwalomhlaba.”1

Ngakho ke, injabulo yaphakade itholakala ekugcineni imiyalelo kaNkulunkulu futhi imiyalelo kaNkulunkulu itholakala evangelini likaJesu Kristu. Kodwa kuyisinqumo sethu. Uma ebuthakathakeni bethu sehluleka isikhashana ukugcina imiyalo, sisangaphenduka, senqabe okubabayo, siphinde futhi silandelise okuhle. Uthando lukaNkulunkulu alusivuni isono—lokho kungaba umusa ophuca ubulungiswa—ngeNhlawulo Yakhe, uJesu Kristu unikeza ukuhlengwa esonweni:

“U-Amuleki … wathi … iNkosi ngempela iyoza ukuzokhulula abantu bayo, kodwa ayiyokuza ukuzobakhulula besezonweni zabo, kodwa ukubakhulula ezonweni zabo.

“Futhi inamandla anikwe kuyo avela kuBaba ukuthi ibakhulule ezonweni zabo ngenxa yokuphenduka; ngakho-ke ithumele izingelosi zayo ukuthi zimemezele izindaba zemibandela yokuphenduka, okuletha abantu emandleni oMkhululi, ngokwanele ukuba kusindiswe imiphefumulo yabo” (uHelamani 5:10-11; kugcizelelwe).

UJesu wathi:

“Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.

“Nginitshelile lokhu, ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime” (NgokukaJohane 15:10-11).

Yilokhu uLehi akuzwa ephusheni lakhe ngesikhathi enambitha isithelo sesihlahla sokuphila—esimele uthando lukaNkulunkulu. Wathi, “Ngesikhathi ngisidla lesi sithelo sawugcwalisa umphefumulo wami ngentokozo enkulu kakhulu” (1 uNefi 8:12; bheka futhi 11:21–23).

ULehi waveza futhi enye indlela yesibili esingaletha ngayo injabulo ezimpilweni zethu ngesikhathi ethi, “Ngakho-ke ngaba nesifiso sokuthi nomndeni wami udle [isithelo] nawo” (1 uNefi 8:12).

Isithombe
isandla esisodwa sidlulisa isithelo kwesinye isandla, nesihlahla ngemuva

Isihlahla Sempilo, nguKazuto Uota

Ukusiza Abanye Bathole Injabulo

Njengabantu beNkosi uBenjamini, nathi “sigcwala injabulo” uma sixolelwa izono zethu siphinde sibe “nokuthula kunembeza” (uMosiya 4:3). Siyakuzwa futhi lapho sibheka ngaphandle futhi sifuna ukusiza amalungu omndeni wethu kanye nabanye bathole leyo njabulo nokuthula okufanayo.

Esasengumfana omncane, u-Alima wafuna injabulo kukho konke okwakuphikisana nevangeli likaJesu Kristu. Emva kokukhuzwa ingelosi, wasuka kude “kokwakubuhlungu” waya “kokwakukuhle” ngokuphenduka “eseduze nokufa” (uMosiya 27:28) nomusa omkhulu woMsindisi. Emva kweminyaka, u-Alima wamemezela ngenjabulo endodaneni yakhe uHelamani:

“O, yayinkulu kangakanani injabulo, futhi kwakumangalisa kangakanani ukukhanya engakubona; yebo, umphefumulo wami wagcwaliswa ngenjabulo eyabankulu njengobuhlungu bami! …

“Yebo, futhi kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje, ngisebenze ngokungaphezi, ukuze ngilethe imiphefumulo ekuphendukeni; ukuze ngibalethe ukuthi bezwe leyo njabulo enkulu nami engayizwa. …

“Yebo, manje bheka, O ndodana yami, iNkosi inginika injabulo enkulu ngokwedlulele ngenxa yezithelo zokusebenza kwami;

“Ngokuba ngenxa yezwi [levangeli likaJesu Kristu] anginikeze lona, bheka, abaningi bazelwe nguNkulunkulu, futhi banambitha njengoba nami nganambitha” (u-Alima 36:20, 24–26).

Ngesinye isikhathi u-Alima wafakaza:

“Lokhu kungukuthokoza kwami, ukuthi mhlawumbe ngibe ngosetshenziswa nguNkulunkulu ukuthi ngilethe imphefumulo ethize ekuphendukeni; lokhu kuyinjabulo yami.

“Futhi bhekani, uma ngibona abaningi babafowethu bephundeke ngempela, futhi beza eNkosini uNkulunkulu wabo, uma kunjalo umoya wami ugcwala injabulo” (u-Alima 29:9–10).

U-Alima wahamba ukuyomemezela injabulo enkulu ayenayo lapho abanye bephumelela ukuletha imiphefumulo kuKristu:

“Kodwa angijabuli ngempumelelo yami kuphela, kodwa injabulo yami igcwele kakhulu ngenxa yempumelelo yabafowethu [amadodana kaMosiya], ababekade besezweni likaNefi.

“Bhekani, basebenze kakhulu, futhi baletha izithelo eziningi; futhi iyoba nkulu kangakanani inzuzo yabo!

“Manje, uma ngicabanga ngempumelelo yalaba bafowethu umphefumulo wami uyathatheka, ngisho kuze kube sengathi uhlukaniswa nomzimba wawo, injabulo yami inkulu kakhulu” (u-Alima 29:14–16).

Singathola injabulo efanayo uma sithanda abanye “ngothando olumsulwa lukaKristu” (uMoroni 7:47; bheka futhi uvesi 48), abelana ngeqiniso elibuyiselwe nabo ubameme ukuzohlanganyela nabantu besivumelwano.

Isithombe
uMsindisi eGetsemane

O My Father [O Baba], nguSimon Dewey

Injabulo Phakathi Kosizi

Kumele singasabi ukuthi izilingo nezingqinamba esibhekana nazo emhlabeni zizovimba noma ziqede injabulo yethu. U-Alima wayengomunye umsebenzi wakhe wokuzidela kwabanye wamlahlekisa kakhulu. Waboshwa, wahlala isikhathi eside engadli futhi omile, eshaywa, bemusongela ngempilo yakhe, ehlekwa kaningi futhi nokwaliwa. Kepha, konke “kwaginywa injabulo kaKristu” (u-Alima 31:38). Mhlawumbe izinhlupheko zika-Alima zenza injabulo eyalandela yankulu kakhulu.

UMongameli uNelson uyasikhumbuza ukuthi injabulo yayidlala indima ekuhluphekeni koMsindisi - “esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano” (KumaHebheru 12:2).

“Cabangani ngalokho! Ukuze abekezelele ubungcwethi obuhlungu kunabo bonke obake baba khona emhlabeni, uMsindisi wethu wagxila enjabulweni!

“Futhi yayiyini injabulo eyayibekwe phambi Kwakhe? Impela yayihlanganisa injabulo yokuhlanzwa, ukuphulukiswa nokusiqinisa; injabulo yokuhlawulela izono zabo bonke abayophenduka ezonweni zabo, injabulo yokwenza kwenzeke ukuthi mina nawe sibuyele ekhaya—sihlanzekile futhi sifanelekile—ukuhlala nabaZali bethu baseZulwini nemindeni.

“Uma sigxila enjabulweni ezoza kithina, noma kulabo esibathandayo, yini esingayibekezelela ebonakala ingaphezu kwamandla, ibuhlungu, ithusa, ingafanele, noma okungeke kwenzeke?”2

Injabulo ehlala njalo ifika ngokubekezela evangelini likaJesu Kristu nangokusiza abanye benze kanjalo. Injabulo yaphakade ifika uma sihlala othandweni lukaNkulunkulu, silandela imiyalelo Yakhe nanoma sithola umusa woMsindisi. Endleleni yevangeli, kukhona injabulo ohambweni kanye nenjabulo ekugcineni. Ivangeli likaJesu Kristu liyindlela yenjabulo yansuku zonke.

Amanothi

  1. URussell M. Nelson, “Nqoba uMhlaba Uthole Ukuphumula,” Liyahona, Nov. 2022, 1.

  2. URussell M. Nelson, “Injabulo Nokuphila Okungokamoya,” Liyahona, Nov. 2016, 83.

Shicilela