ILiyahona
Yondla Umphefumulo Wakho Ngokukhuleka Njalo
Ngo-Ephreli 2024


“Yondla Umphefumulo Wakho Ngokukhuleka Njalo,” Liyahona, ngo-Ephreli 2024

UMyalezo waNyanga zonke weLiyahona, ngo-Ephreli 2024

Yondla Umphefumulo Wakho Ngokukhuleka Njalo

Sidinga ukondleka okungokomoya kokukhuluma noBaba wethu oseZulwini, isibusiso esitholakalayo yonke indawo futhi njalo.

Isithombe
u-Enoshe ekhuleka

Isithombe somlingisi odlala u-Enoshe sikaMatt Reier

Sonke sike sazizwa silambile ngaphambili. Izinhlungu zendlala ziyindlela yomzimba yokusitshela ukuthi udinga ukondliwa. Futhi lapho silambile, siyazi ukuthi yini okudingeka siyenze—sidle.

Imimoya yethu nayo iba nezindlela zokusazisa lapho sidinga ukondliwa okungokomoya. Kodwa kubonakala sengathi kulula kithina ukungakunaki ukulamba okungokomoya kunokulamba ngokomzimba.

Njengoba nje kunezinhlobo eziningi zokudla esingazidla lapho silambile, kunezinto ezahlukahlukene esingazenza ukuze siqede ukulamba kwethu okungokomoya. Ngokwesibonelo, singazi “[tika] ngamazwi kaKristu” (2 Nefi 32:3) emibhalweni engcwele kanye nangamazwi abaphrofethi. Singaya njalo esontweni futhi samukele isidlo esingcwele (bheka iMfundiso neziVumelwano 59:9). Singasebenzela uNkulunkulu kanye nabantwana Bakhe (bheka Mosiya 2:17).

Kodwa kukhona omunye umthombo wokudla okungokomoya otholakala kithi ngaso sonke isikhathi, kuwo wonke umzuzu wezimpilo zethu, kungakhathaliseki izimo zethu. Singakwazi ukuxhumana njalo noBaba oseZulwini ngomkhuleko.

“Umphefumulo Wami Walamba”

Njengoba umphrofethi u-Enoshe wayezingela izinyamazane emahlathini, wacabanga “amazwi [aye]jwayele ukuwezwa ubaba [wakhe] ewakhuluma mayelana nokuphila okuphakade, kanye nokujabulo kwabangcwele.” Lamazwi “angena ajula enhliziyweni [yakhe]” (Enoshe 1:3).

Ngenxa yokuthi u-Enoshe wayekulesi simo sengqondo somoya, wezwa isidingo esinamandla: “Umphefumulo wami walamba” esho (Enoshe 1:4; kugcizelelwe).

Wenzani u-Enoshe lapho ezwa lokhu kulamba okungokomoya, lesi sidingo sokondliwa ngokomoya? “Ngaguqa phansi phambi koMenzi wami, ngakhala kuye ngokuthandaza okukhulu kanye nokunxusela umphefumulo wami” (Enoshe 1:4).

Yayinkulu kakhulu indlala ka-Enoshe yangokomoya kangangokuthi wakhuleka “bonke ubude bosuku nangesikhathi ubusuku bufika nempela [wa]qhubeka nokuphakamisela izwi [lakhe] phezulu kangangokuthi lafinyelela emazulwini” (Enoshe 1:4). Ekugcineni, uNkulunkulu wawuphendula umkhuleko wakhe futhi wamthethelela izono zakhe. U-Enoshe wezwa icala lakhe lixolelwa. Kodwa ukondleka kwakhe okungokomoya akuphelelanga lapho.

Wafunda ngamandla okholo kuJesu Kristu, futhi wathulula umphefumulo wakhe wonke ngenxa yabantu bakhe—ngisho nezitha zakhe. Wenza izivumelwano neNkosi futhi wathola izithembiso Kuye. Futhi emva komkhuleko omkhulu ka-Enoshe, wahamba phakathi kwabantu bakhe ephrofetha futhi efakaza ngezinto ayezizwile futhi azibonile. (Bheka Enoshe 1:5–19.)

Akuwona wonke umkhuleko oyophendulwa ngendlela emangalisa kangaka, kodwa okuhlangenwe nakho kwethu ngomkhuleko kusengaba nenjongo futhi kushintshe ukuphila. Singafunda ezinye izifundo ezibalulekile kulokho okwenzeka ku-Enoshe ngomkhuleko. Ngokwesibonelo:

  • Ukulwela ukuphila ivangeli ngokugcwele kungasisiza ukuthi sizwe ukulamba kwethu komoya.

  • Ukulamba kwethu kukamoya kungasenza futhi kufanele kusifikise emadolweni ethu ukuze sifune usizo lukaBaba oseZulwini.

  • Ukukhuleka kuBaba oseZulwini kungasiza ukwanelisa ukulamba kwethu komoya—futhi nokuningi kunalokho.

  • Singakhuleka noma ikephi, noma inini.

  • Umkhuleko ungasisiza siphenduke.

  • Umkhuleko ungaliqinisa ukholo lethu kuJesu Kristu.

  • Singathola ubufakazi bokuthi uBaba wethu oseZulwini uyasizwa futhi uyasazi.

  • Ubufakazi kanye namandla esiwathola ngomkhuleko kungasisiza ukuba sikhonze futhi siqinise abanye.

Isithombe
IGosa uSoares esangumfana

Okuhlangenwe nakho Kwami Ngamandla Omkhuleko

Njengo-Enoshe, ngafunda ezinye zalezizifundo ezifanayo ngokuhlangenwe nakho kwami siqu. Abazali bami babandakanya neBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ngisengumfana omncane, futhi ngabhabhadiswa ngineminyaka eyisishiyagalombili ubudala. Ngangihlale nginomuzwa omuhle, ofudumele enhliziyweni yami ngoBaba wami oseZulwini kanye nangoJesu Kristu, ivangeli Lakhe elibuyisiwe, kanye neBandla Lakhe. Kodwa kwaze kwaba yilapho sengicishe ngineminyaka eyi-16 ubudala lapho ngeza khona ngizokhuleka ngeqiniso lalezi zinto.

Umbhishobhi wami ophefumulelwe wangicela ukuthi ngifundise ikilasi leSikole seSabatha. Kwakufanele ngifundise isifundo mayelana nokuthi singabuthola kanjani ubufakazi bevangeli ngomkhulekho. Lesi sabelo esivela kumbhishobhi wami sangenza ngijule kakhulu ngobufakazi bami. Ngangizinike isikhathi sokufunda iNcwadi kaMormoni futhi ngangihlale ngizwa ukuthi iBandla laliyiqiniso. Ngangihlale ngikholelwa kuMsindisi uJesu Kristu, kodwa ngangingakaze ngisithathe enhliziyweni isithembiso sikaMoroni esasitholakala kuMoroni 10:4–5. Ngangingakaze ngikhulekele ukwazi iqiniso levangeli.

Ngikhumbula ngizwa enhliziyweni yami ukuthi uma ngizofundisa lentsha ukuthi ingathola kanjani ubufakazi ngomthandazo, kufanele ngikhulekele ubufakazi mina uqobo. Umphefumulo wami walamba—mhlawumbe ngendlela ehlukile ku-Enoshe, kodwa noma kunjalo ngezwa nginesidingo esingokomoya.

Ngenkathi ngilungiselela isifundo, ngaguqa futhi nganikeza isifiso senhliziyo yami kuBaba wami oseZulwini ukuze aqinisekise iqiniso engangilizwa ngaphakathi. Ngangingalindele noma yikuphi ukubonakaliswa okukhulu. Kodwa ngenkathi ngibuza iNkosi ukuthi ivangeli liyiqiniso na, kweza enhliziyweni yami umuzwa omnandi kakhulu—lelozwi elincane elipholile lingiqinisekisa ukuthi laliyiqiniso futhi kufanele ngiqhubeke ngenze engangikwenza.

Umuzwa wawunamandla kangangokuthi angisoze ngangayinaki leyo mpendulo futhi ngithi angazi. Ngachitha lolo suku lonke ngijabule kakhulu. Ingqondo yami yayisezulwini icabanga ngomuzwa omuhle enhliziyweni yami.

NgeSonto elilandelayo, ngama phambi kwabafundi engangifunda nabo abathathu noma abane, bonke ababebancane kunami. Ngafakaza kubo ukuthi uBaba oseZulwini wayezowuphendula umkhuleko wabo uma benokholo.

Isithombe
IGosa uSoares

Impendulo yomkhuleko eyatholwa iGosa uSoares eseyinsizwa yamvumela ukuthi afakaze—njengomfundisi wevangeli (phezulu), ubaba kanye nomyeni, kanye noMphostoli—ukuthi uBaba oseZulwini uyayiphendula imikhuleko eyenziwa ngokholo.

Kusukela lapho, lobu bufakazi buhleli kimi. Kungisizile ukwenza izinqumo, ikakhulukazi ezikhathini lapho ngibhekene nobunzima. Lowo mkhuleko ngalolo suku, kanye nofakazi abengeziwe engibatholile eminyakeni edlule, ungivumele ukuthi ngifakaze kubantu, ngokuqiniseka, ukuthi bangathola izimpendulo kuBaba oseZulwini uma bekhuleka ngokholo. Lokhu kube yiqiniso njengoba ngifakaze njengomfundisi wevangeli, njengomholi weBandla, njengobaba nomyeni, futhi ngisho nanamuhla njengomPhostoli.

Sikhuleke Nini futhi Yini Okufanele Siyikhulekele?

Yiqiniso, asikhuleki kuphela lapho sizizwa sinesidingo esinamandla ngokomoya. Ngakho, kufanele sikhuleke nini? Futhi yini okufanele siyikhulekele? Impendulo emfushane ithi noma yinini nanoma yini.

UNkulunkulu unguBaba wethu oseZulwini. Ukwazi lokhu kushintsha indlela esikhuleka ngayo. UmPhrofethi uJoseph Smith wafundisa wathi: “Njengoba sinolwazi ngoNkulunkulu, siqala ukwazi ukuthi singaya kanjani Kuye, kanye nokuthi singabuza kanjani ukuze sithole impendulo. … Lapho sesilungele ukuza kuYe, Naye ukulungele ukuza kithi.”1

UBaba wethu oseZulwini uhlale ekulungele ukusilalela futhi ufuna ukuthi sikhuleke Kuye njalo. Kufanele “[si]bonisan[e] neNkosi kukho konke ukwenza [kwethu]” (Alima 37:37) futhi sikhuleke ekuseni, emini, nasebusuku. Kufanele sikhuleke ekhaya, emsebenzini, esikoleni—nomaphi lapho singase sibe khona nanganoma yimiphi imizamo yethu (bheka Alima 34:17–26).

Kufanele sikhuleke emindenini yethu (bheka 3 Nefi 18:21). Kufanele sikhuleke “ngokuzwakalayo nangenhliziyo [yethu], obala nangasese” (IMfundiso neziVumelwano 81:3). Futhi “uma [si]ngakhali eNkosini, [kufanele] izinhliziyo [zethu] zigcwale, siqhubeke nokukhulekela inhlalakahle [yethu] kuye, futhi ngokunjalo nenhlalakahle yalabo [aba]sizungezile” (Alima 34:27). Futhi kufanele sihlale sikhuleka kuBaba egameni likaJesu Kristu (bheka 3 Nefi 18:19–20).

Isithombe
UJoseph Smith eseyinsizwa

Umfanekiso kaJoseph Smith kaWalter Rane, ongafanele ukopishwe

Ukusondela kuBaba Wethu OseZulwini

UBaba wethu oseZulwini ufuna ukusibusisa. Futhi Uyosibusisa—uma sicela. UmPhrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi, “Khumbula ukuthi ngaphandle kokucela ngeke sithole lutho; ngakho-ke, cela ngokholo, futhi uyothola izibusiso ezinjengalezi uNkulunkulu abona kufanele ukuba akunike zona.”2

Imikhuleko yethu yasikhathi sonke nevamile iyingxenye ebalulekile yokudla okunomsoco okondliwa ngokomoya emiphefumulweni yethu elambile. Ukuxhumana noBaba oseZulwini ngomkhuleko kuyatholakala futhi kwamukelekile yonke indawo futhi njalo.

Omunye wemibhalo engcwele engiyithanda kakhulu usifundisa ukuthi kufanele sikhulume kanjani noBaba wethu oseZulwini ngesikhathi siguqa ukuze sikhuleke: “Zithobe; iNkosi uNkulunkulu wakho uyokuhola ngesandla, futhi ikunike impendulo emikhulekweni yakho” (IMfundiso neziVumelwano 112:10). Uma sithobekile futhi silalela, uBaba oseZulwini uzoba nathi. Uzosihola ngesandla. Uzosigqugquzela ngokuthi siyephi nokuthi senzeni. Uzoyiphendula imikhuleko yethu ngokwentando Yakhe, indlela, isikhathi, kanye nolwazi oluphelele lwalokho okusilungele.

Kufanele sikukhumbule lokhu futhi siwazise amathuba okusondela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu futhi sithole izibusiso esandleni Sakhe.

Amanothi

  1. Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2011), 40, 41.

  2. Teachings: Joseph Smith, 131.

Shicilela