ILiyahona
Sibizelwe Ukwenza Okuhle
NgoJuni 2024


“Sibizelwe Ukwenza Okuhle,” ILiyahona, ngoJuni 2024.

Umyalezo Wanyanga Zonke we ILiyahona , ngoJuni 2024

Sibizelwe Ukwenza Okuhle

Sakha umbuso kaNkulunkulu njengoba sisebenzela abanye, siphakamisa ukukhanya kwethu, futhi simela inkululeko yenkolo.

UGidiyoni wayeyazi imfundiso yamanga ngesikhathi eyizwa. Wayizwa ngaphambilini eNkosini uNowa nabefundisi bakhe—abefundisi “ababephakeme ezinhliziyweni zabo” futhi ababe “bondliwa ngalendlela ebuvileni babo, kanye nasekukhonzeni kwabo izithixo, kanye nasebufebeni babo, ngezintela inkosi uNowa eyayizibeke phezu kwabantu bayo” (Mosiya 11:5–6).

Okubi kakhulu, iNkosi uNowa wabulala umphrofethi u-Abinadi futhi wayesezimisele ukubhubhisa u-Alima nabaphendukile ngenxa yakhe (bheka Mosiya 17; 18:33–34). Ukuqeda inkohlakalo engaka, uGidiyoni wenza isithembiso sokuvimba inkosi, ayisindisa kuphela ngenxa yokuhlaselwa amaLamani (bheka Mosiya 19:4–8).

Emva kwalokho, uGidiyoni wasola kahle abefundisi baNowa ngokuthumba amadodakazi ayengama-24 amaLamani. Wabona ukuthi isiphrofetho sika-Abinadi ngokumelene nalababantu sasesigcwalisekile kangangoba babenqabile ukuphenduka. (Bheka Mosiya 20:17–22.) Wasiza ukusindisa abantu baLimihi, ababeboshiwe ngamaLamani (bheka Mosiya 22:3–9).

Manje esemdala, uGidiyoni wabhekana nako kokubili ukuzidla kanye nenkohlakalo futhi ngesikhathi emile phambi kukaNehori, owayesethule ubuphristi-mbumbulu kubantu. UNehori waye “hudela phansi ibandla” futhi ezama ukudukisa abantu. (Bheka Alima 1:3, 7, 12; bheka futhi 2 Nefi 26:29.)

Esebenzisa izwi likaNkulunkulu njengesikhali sakhe, iqhawe elinguGidiyoni lamukhuza uNehori ngenkohlakalo yakhe. Ngentukuthelo, uNehori wahlasela futhi wabulala uGidiyoni ngenkemba yakhe. (Bheka Alima 1:7–9.) Ngalokho-ke zaphela izinsuku “zomlisa olungile” owayenze “okuningi okuhle phakathi kwalaba bantu” (Alima 1:13).

Izinsuku zokugcina esiphila kuzo zisinika amathuba amaningi okulingisa uGidiyoni “owayesetshenziswe nguKulunkulu” (Alima 1:8) ngokuba sibe “wusizo” (Mosiya 22:4) kwabanye, ukumela ukulunga, nokumelana nezinsongo zenkululeko yokukhonza nokusebenzela uNkulunkulu. Njengoba silandela isibonelo sikaGidiyoni senkolo, nathi singenza okuhle okuningi.

Isithombe
owesifazane ophethe ugqoko lokudla emile eduze kowesifazane olele embhedeni

Hlanganani ngokoSizo

“Singabalandeli [boMsindisi], sifuna ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane bethu emhlabeni wonke,” kusho ubuMongameli bokuQala. “IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lizimisele ngokubusisa abanye kanye nokusiza labo abaswele. Sibusisiwe ngokuba nekhono, izinsiza, kanye nokuxhumana okuthembekile komhlaba wonke ukwenza lo msebenzi ongcwele.”1

Ngiyabonga umsebenzi kanye nosizo olungenabugovu amalungu eBandla alunikayo emathempelini kanye namawadi, amagatsha, kanye nezikhonkwane. Ngiyabonga futhi ukuthi amalungu ebandla ayasebenza emphakathini enganakubalwa, ngokwezemfundo, kanye nasezinhlanganweni ezisiza umphakathi nanokuthi bayazibandakanya emizabelweni engezinkulungwaneni, benikeza amahora ayesigidini emazwini achise afike kwamakhulu amabili nezindawo.2

Enye indlela iBandla elinweba ngayo amathuba okusiza emazweni amaningana yi-JustServe.org. Ixhaswe yiBandla kodwa itholakala kunoma ngubani ofuna ukubusisa abanye, JustServe.org “ixhumanisa izidingo zamavolontiya omphakathi namavolontiya” ababuye “bethuthukise izinga lempilo emphakathini.”3

IBandla namalungu alo abuye futhi abandakanye nezinhlangano zosizo mhlaba jikelele. IBandla, ngenxa yamalungu alo, lalingu “umnikeli omkhulu kunabo bonke ngenqubo yokunikela ngegazi ye-Red Cross ngonyaka ka2022.” Ngaphezu kwalokho, iBandla lisanda ukunikela ngomnikelo wezigidi eziyi-8.7 wamadola kwi-Red Cross.4

IBandla libuye libandakanye nezinhlangano ukuze zilethe amanzi ahlanzekile futhi nezizabelo zokuhlanza ezindaweni emhlabeni jikelele. Ngonyaka ka2022, iBandla labamba iqhaza kwizabelo ezingi-156 afana nalawa.5 Sibuye sibandakanye futhi sinikele kwezinye izinhlangano eziletha usizo ezinganeni zikaNkulunkulu ezihluphekayo.6

“Ngesikhathi sihlangana ukuze sisize abantu abahluphekayo,” kusho uMongameli uHenry B. Eyring, uMeluleki wesiBili kubuMongameli bokuQala, “iNkosi ihlanganisa izinhliziyo zethu.”7

Isithombe
izandla ezimiswe okwenkomishi ezinokukhanya kwelanga

Phakamisa Isibani Sakho

Njengabafundi boMsindisi, nathi siyababusisa omakhelwane bethu njengoba sigcina izivumelwano zethu futhi siphila impilo efana nekaKristu. INcwadi kaMormoni ifundisa ukuthi “[abantu] bebandla” akumele bakhethe ukulunga kuphele kepha kumele benze amazwi abo okulunga azwakale mawukuthi afisa iNkosi ukuthi ibavikele futhi ibabusise (bheka Alima 2:3–7; bheka futhi Mosiya 29:27). INkosi ilindele ukuba sabelane ngokholo nezinkolelo zethu futhi siphakamise izibani zethu. “Bhekani ngiwukukhanya eniyokuphakamisa” (3 Nefi 18:24).

“Asimusebenzeli kahle uMsindisi wethu uma sisaba umuntu ngaphezu kukaNkulunkulu,” kwasho uMongameli uDallin H. Oaks, uMeluluki wokuQala kubuMongameli bokuQala. Waqhubeka, “Sibizelwe ukusungula izimiso zeNkosi, hhayi ukulandela ezomhlaba.”8

Noma kungaba esikoleni, emsebenzini, noma ekudlaleni, usekhefeni, usemjolweni, noma ku-inthanethi, abefundi beNkosi abanawo “amahloni ngegama likaKristu” (Alima 46:21). Ngamazwi kanye nemisebenzi yethu, siyafakaza ukuthi uNkulunkulu uyaphila nanokuthi silandela iNdodana Yakhe.

“Ukholo lwethu aluhlukaniseki, noma akufanele neze. Ukholo akusilona olwasebandleni qha, akusilona olwasekhaya qha, akusilona olwase[skoleni] qha,” waphawula uPaul Lambert, ungoti wobuningi benkolo wabaNgcwele beziNsuku zokuGcina. “Okwakho konke esikwenzayo.”9

Asiwazi umthelela ubufakazi bethu, isibonelo esihle, nezenzo ezinhle ezingaba nawo kwabanye. Kodwa njengoba simela okulungile futhi siphakamisa ukukhanya koMsindisi, abantu bazosiqaphela futhi izulu lizosisekela.

Isithombe
owesifazane emi ngaphandle kwethempeli

Imele Inkululeko Yokholo

Ubuphristi-mbumbulu banamuhla, nokukhula kwemiphakathi ecindezela phansi abantu bokholo, ayihlukile kangako kuleso sezikhathi zeNcwadi kaMormoni. Izwi lalabo abamelene nokuphikisa indima ebalulekile yenkolo ezinkundleni zomphakathi nezombangazwe liya likhula ngamandla. Abangakholelwa kuNkulunkulu nohulumeni, kanye nezikole eziningi namanyuvesi, baphoqelela ukuziphatha futhi baguqula ukuziphatha ngokubi, ukungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, nokuhlobana kokuziphatha.

Ukuhlaselwa kwenkululeko yenkolo kuyophumelela uma singawasekeli amalungelo ethu enkolo. “Siyibandla,” ngafundisa khona maduze, “sibandakanya nezinye izinkolo ezivikela abantu bazo zonke izinkolo nezinkolelo nelungelo labo lokukhuluma abakukholelwayo.”10

Kwaliwa impi ezulwini ngenxa lelungelo lokukhethela—inkululeko yethu yokuzikhethela. Ukulondoloza ilungelo lethu lokukhetha kudingeka ukuthi sibe nenkuthalo ekuvikeleni inkululeko yenkolo yethu.

Ukholo olunamandla luqinisa futhi luvikele imindeni, imiphakathi, kanye nezizwe. Lukhuthaza ukulalela komthetho, lugxilisa inhlonipho ngokuphila nempahla, futhi lufundisa uthando, iqiniso, nokuziphatha kahle—izimfanelo ezinhle ezidingekayo ukuze kuthuthukiswe umphakathi onobulungisa, nokhululekile. Akufanele neze sixolise ngokholo lwethu.

Imizamo yethu yobufundisi bezenkolo, umsebenzi wethu wokusizakala emathempelini, imizamo yethu yokwakha umbuso kaNkulunkulu, kanye nenjabulo yethu idinga ukuthi simele ukholo kanye nenkululeko yenkolo. Angeke silahlekelwe yileyo nkululeko ngaphandle kokulahlekelwa ezinye izinkululeko.

UMphrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi, “Uthando lwenkululeko olukhuthaza umphefumulo wami—inkululeko yomphakathi neyenkolo kuso sonke isintu.”11 Inkululeko engokwenkolo nayo izokhuthaza imphefumulo yethu njengoba silandela iseluleko sabaholi bethu beBandla:

  • “Hlala unolwazi ngezindaba ezibalulekile emphakathini, bese ukhuluma ngesibindi nangenhlonipho.”12

  • “Bona ukuthi ukuguguleka kwenkululeko yenkolo kuzoba nomthelela omkhulu emathubeni ethu okukhula emandleni nasolwazini lwevangeli, ukubusiswa ngezimiso ezingcwele, nokuncika eNkosini ukuthi iqondise iBandla Lakhe.”13

  • “Sukuma futhi ukhulume ukuze uqinisekise ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi kunamaqiniso anganakuguquka amiswa yimithetho Yakhe.”14

  • “Phikisana nemithetho engakhubuza inkululeko yethu yokwenza izinkolelo zethu.”15

  • “Hamba emhlabeni uyokwenza okuhle, ukwakha ukholo kuNkulunkulu uSomandla, futhi usize ukuletha abanye endaweni ejabulisayo.”16

  • Izinsiza zokufunda zitholakala ku religiousfreedom.ChurchofJesusChrist.org naku religiousfreedomlibrary.org/documents.

Sakha umbuso kaNkulunkulu njengoba sisebenzela abanye, siphakamisa ukukhanya kwethu, futhi simela inkululeko yenkolo. INkosi mayisibusise emizamweni yethu “yokwenza okuhle okuningi” emindenini yethu, imiphakathi, kanye namazwe.

Amanothi

  1. “A Message from the First Presidency,” kwi Caring for Those in Need: 2022 Annual Report of The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 3, ChurchofJesusChrist.org.

  2. Bheka Caring for Those in Need: 2022 Annual Report, 4, ChurchofJesusChrist.org.

  3. Justserve.org/about. iJustServe iyasebenza emazwini angayi-17. Izinkulungwane zabantu nezinhlangano ziyabusiswa ngalolu hlelo.

  4. Bheka uKaitlyn Bancroft, “Church Donates $8.7 M as Part of Red Cross Collaboration,” Church News, ngo-Ephreli 22, 2023, 23.

  5. Bheka uMary Richards, “Church Joins with Groups around the World to Tap into the Gift of Water,” Church News, ngoMeyi 27, 2023, 12.

  6. Bheka uDallin H. Oaks, “Ukusiza Abampofu nabaKhathazekile,” iLiyahona, ngoNovemba 2022, 6–8.

  7. UHenry B. Eyring, “Amathuba okuthi Senze Okuhle,” iLiyahona, ngoMeyi 2011, 25.

  8. UDallin H. Oaks, “Unselfish Service,” iLiyahona, ngoMeyi 2009, 94–94.

  9. UPaul Lambert, kweyaRachel Sterzer Gibson, “Why Is There a Need for Faith in the Workplace?” Church News, ngo-Ephreli 22, 2023, 16.

  10. URonald A. Rasband, “To Heal the World,” iLiyahona, ngoMeyi 2022, 92.

  11. Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2011), 345.

  12. U-D. Todd Christofferson, “Religious Freedom—A Cherished Heritage to Defend” (inkulumo eyanikwa eFreedom Festival Patriotic Service, eProvo, e-Utah, ngoJuni 26, 2016), 5–6, speeches.byu.edu.

  13. URonald A. Rasband, “Free to Choose” (Brigham Young University devotional, ngoJan. 21, 2020), 3, speeches.byu.edu.

  14. UDallin H. Oaks, “Truth and Tolerance” (Brigham Young University devotional, ngoSept. 11, 2011), 2, speeches.byu.edu.

  15. UDallin H. Oaks, “Truth and Tolerance,” 4.

  16. URonald A. Rasband, “Free to Choose,” 5, speeches.byu.edu.

Shicilela