“Singakwazi kanjani ukuba nobunye uma sonke sihlukahlukene?,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), Okt. 2024.
Umyalezo Wanyanga Zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), Ngo-Okthoba 2024
Singakwazi kanjani ukuba nobunye uma sonke sihlukahlukene?
Sonke sehlukene. Kodwa iNkosi ifuna ukuthi sibe “munye” (IMfundiso neziVumelwano 38:27). Nansi imigomo embalwa yobumbano efundiswe ngabaprofethi nabaphostoli:
Simunye kuJesu Kristu, ivangeli Lakhe, kanye neBandla Lakhe. “Kungenxa yokwethembeka kwethu ngabanye nothando lukaJesu Kristu kuphela lapho singathemba khona ukuba munye.”
Ubunye budinga uthando. “Ngisho nokuhlukahluka kwezilimi namasiko amahle, aphakamisayo, kufanele sibe nezinhliziyo ezihlangene ebunyeni nasothandweni.”
Ubunye abusho ukufana. “Ubunye nokwehlukahlukana akuphikisani. Singakwazi ukuzuza ubumbano olukhulu lapho sikhuthaza isimo sokubandakanywa nokuhlonipha ukwehlukana.” “Ubunye abudingi ukufana, kodwa budinga ukuvumelana.”
Ubunye budinga ukususa umbango nokucwasa. “Kukhona indawo yawo wonke umuntu. Nokho, ayikho indawo yobandlululo, ukubeka icala, noma umbango wanoma yiluphi uhlobo.”
© 2024 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, October 2024. Zulu. 19344 783