Wozani, Ngilandeleni 2024
Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni


“Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024

Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni

Yenzelwe Bani LeNsiza Yokufunda na?

Lensiza eyanoma ubani ofuna ukufunda eNcwadini kaMormoni—umuntu ngamunye, njengomndeni, kanye nasezifundweni zeBandla. Uma ubungakaze uyifunde njalo imibhalo engcwele ngaphambilini, lensiza ingakusiza ukuthi uqale. Uma ubusuvele unayo injwayelo yokuyifunda imibhalo engcwele, lensiza ingakusiza uzuze kakhulu.

Umuntu Ngamunye Nemindeni eKhaya

Indawo enhle yokufunda ivangeli isekhaya. Othisha bakho ebandleni bangakweseka, futhi ungathola ukukhuthazwa kwamanye amalungu ewadi. Kodwa ukuze niqhubeke niphila ngokomoya, wena nomndeni wakho nidinga ukondliwa nsuku zonke “ngezwi elihle likaNkulunkulu” (uMoroni 6:4).

Sebenzisa lensiza ngendlela ezoba wusizo kuwe. Izinhlelo ezikuyo zigcizelela amanye amaqiniso angunaphakade atholakala eNcwadini kaMormoni futhi zikhombisa imibono nokungenziwa okungakusiza ukuthi ufunde imibhalo engcwele uwedwa, nomndeni wakho, noma nabangani. Ngesikhathi ufunda, landela ukuholwa kukaMoya ukuze uthole amaqiniso aphakade abalulekile kuwe. Bheka imilayezo kaNkulunkulu kuwe, futhi ulandele imiyalo oyitholayo.

Othisha nabaFundi eBandleni

Uma ufundisa ikilasi leNhlangano yabaNtwana, ikilasi lentsha noma labadala lesiKole seSabatha, umgwamanda yobuPristi buka-Aroni, noma ikilasi Lamantombazane, uyakhuthazwa ukuthi usebenzise uhlaka kulensiza njengoba ulungiselela ukufundisa. Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni uhlelo lwezifundo lwekilasi lakho langeSonto. Imibono yokufunda kulensiza yenzelwe ukufunda ekhaya nasebandleni. Njengoba ulungiselela ukufundisa, qala ngokuzizwela nokuzibonela wena emibhalweni engcwele. Ukulungiselela kwakho okubaluleke kakhulu kuzokwenzeka njengoba uphenya imibhalo engcwele futhi ufuna imfundiso yoMoya Ongcwele. Bheka amaqiniso angunaphakade akusiza ukuba ube njengoBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu. Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni ingakusiza ukuthi ubone amanye amaqiniso futhi uqonde umongo wemibhalo engcwele.

Khumbula ukuthi ukufunda ivangeli, ngezinga eliphezulu kakhulu, kugxile ekufundeni ekhaya futhi kusekelwe iBandla. Ngamanye amazwi, umsebenzi wakho omkhulu ukweseka abantu obafundisayo emizamweni yabo yokufunda nokuphila ivangeli ekhaya. Banikeze ithuba lokukhuluma ngokwenzeke kubona, imicabango, kanye nemibuzo mayelana nezindimana zemibhalo engcwele. Bameme ukuthi bakhulume ngamaqiniso aphakade abawatholile. Lokhu kubaluleke ngaphezu kokudlula inani elithile lesifundo.

INhlangano yabaNtwana

Ukulungiselela kwakho ukufundisa INhlangano yabaNtwana kuqala njengoba ufunda iNcwadi kaMormoni mathupha kanye nomndeni wakho. Njengoba wenza njalo, yamukela imibono yomoya kanye nokungafika kuwe okuvela kuMoya oNgcwele mayelana nezingane ekilasini lakho leNhlangano yabaNtwana. Yiba nomthandazo, futhi uMoya ungakugqugquzela ngemibono yokubasiza bafunde ivangeli likaJesu Kristu.

Njengoba ulungiselela ukufundisa, ungathola ugqozi olwengeziwe ngokuhlola imibono yokufundisa kulensiza. Uhlaka ngalunye encwadini ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni lunesihloko esithi “Imibono Yokufundisa Abantwana.” Cabanga ngalemibono njengeziphakamiso zokuvusa ukuholwa ngumoya kwakho. Uyabazi abantwana ekilasini lakho leNhlangano yabaNtwana—futhi uzobazi kangcono nakakhulu njengoba usebenzisana nabo ekilasini. UNkulunkulu naye uyabazi, futhi uzokukhuthaza ngezindlela ezinhle kakhulu zokubafundisa nokubabusisa.

Kungenzeka ukuthi abanye abantwana ekilasini lakho bazobe sebekwenzile okunye okungenziwa okusencwadini ethi Wozani, Ngilandeleni nemindeni yabo. Kulungile. Ukuphindaphinda kuhle. Cabanga ngokumema abantwana ukuthi babelane ngalokho abakufunde ekhaya—yize kufanele futhi uhlele izindlela zokuba abantwana babambe iqhaza noma bengafundi ekhaya. Abantwana bafunda amaqiniso evangeli ngempumelelo kakhulu uma lamaqiniso efundiswa ngokuphindaphindiwe ngezindlela ezahlukene. Uma uthola ukuthi okuthile okungenziwa kokufunda kuyasebenza ebantwaneni, cabanga ukukuphinda, ikakhulukazi uma ufundisa abantwana abancane. Ungaphinda futhi ubuyekeze ukungenziwa okuvela esifundweni sangaphambilini.

Kulezo zinyanga ezinamaSonto amahlanu, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba bafake endaweni yohlelo lwencwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni lwangeSonto lwesihlanu ngokungenziwa kokufundisa “Isithasiselo B: EyeNhlangano yabaNtwana—Ukulungiselela Abantwana Ukuphila Njalo Endleleni Yesivumelwano YaNkulunkulu.”

Amakilasi esiKole seSabatha Entsha Nabadala

Isizathu esiyinhloko esenza sihlangane emakilasini esiKole seSabatha ukuba sisekelane futhi sikhuthazane njengoba silwela ukulandela uJesu Kristu. Indlela elula yokwenza lokhu ukubuza umbuzo ofana nothi “Ngabe yikuphi uMoya oNgcwele akufundise kona kulelisonto ngenkathi ufunda iNcwadi kaMormoni nethi Wozani, Ngilandeleni na?” Izimpendulo zalombuzo zingaholela ezingxoxweni eziphusile ezakha ukholo kuJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe.

Ngemva kwalokho ungase umeme ukuba nibenengxoxo esekelwe amasu okufunda atholakala encwandini ethi Wozani, Ngilandeleni. Isibonelo, umbono wokufunda ungase uphakamise ukucinga ku-Alima 36 futhi wenze uhlu lwamagama afundisa ngendima yoMsindisi ekuphendukeni. Ungacela amalungu ekilasi ukuba abelane futhi akhulume ngamagama abawatholile. Noma ningathatha isikhathi nenze uhlu ndawonye njengekilasi.

ImiGwamanda yobuPristi buka-Aroni, namaKilasi amaNtombazane

Uma imigwamanda yobuPristi buka-Aroni kanye namaKilasi amaNtombazane ehlangana ngamaSonto, inhloso yawo ithi ukuhluka kuneyesiKole seSabatha. Ngaphezu kokusiza omunye nomunye ukuba afunde ivangeli likaJesu Kristu, lamaqembu aphinde ahlangane ukuze abonisane mayelana nokufeza umsebenzi wensindiso nokuphakanyiswa (bheka incwadi ethi General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 1.2). Lokhu bakwenza ngaphansi kweseluleko somongameli bamakilasi kanye nomgwamanda.

Ngalesi sizathu, umhlangano ngamunye womgwamanda noma wekilasi kufanele uqale ngelungu lomgwamanda noma likamongameli wekilasi lihole ingxoxo mayelana nemizamo, isibonelo, yokuphila ivangeli, ukusiza abantu abaswele, ukwabelana ngevangeli, noma ukubamba iqhaza emsebenzini wasethempelini nowomlando womndeni.

Emva kwalesi sikhathi sokululekana ndawonye, umfundisi uhola ikilasi noma umgwamanda ekufundeni ivangeli ndawonye. Abaholi abadala noma amalungu ekilasi noma omgwamanda bangacelwa ukuba bafundise. Ubumongameli bekilasi noma umgwamanda, ngokubonisana nabaholi abadala, benza lezi zabelo.

Abantu ababelwe ukufundisa bafanele balungiselele ngokusebenzisa iziphakamiso zokufunda ohlakeni lwamasonto onke encwadini ethi Wozani, Ngilandeleni. Ohlakeni ngalunye, lesi sithonjana sibonisa okungenziwa okubaluleke kakhulu entsheni. Nokho, noma yiziphi iziphakamiso ezitholakala ohlakeni zingasetshenziswa njengomsebenzi wokufunda kwentsha.

Ukuze uthole isifanekiso sohlelo lwemihlangano yomgwamanda neyekilasi, bheka isithasiselo D.

Shicilela