Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoFebhruwari 26–Mashi 3: “IGama Layo Liyothiwa … INkosi yokuThula” 2 Nefi 11–19


“NgoFebhruwari 26–Mashi 3: ‘IGama Layo Liyothiwa … INkosi yokuThula’ 2 Nefi 11–19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoFebhruwari 26–Mashi 3. 2 Nefi 11–19,” Wozani, Ngilandeleni—INcwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
U-Isaya ebhala emaphepheni agoqwayo

NgoFebhruwari 26–Mashi 3: “IGama Layo Liyothiwa … INkosi yokuThula”

2 Nefi 11–19

Ukuqopha ezingcwepheni zensimbi akulula, futhi isikhala ezingcwepheni ezincane zikaNefi sasincane. Ngakho-ke kungani uNefi enza imizamo yokukopisha imibhalo eminingi kangaka kamprofethi u-Isaya emibhalweni yakhe na? Wakwenza lokho ngoba efuna sikholwe kuJesu Kristu. “Umphefumulo wami uyathokoza,” ebhala, “ekuboniseni abantu bami iqiniso lokuza kukaKristu;” (2 Nefi 11:4). UNefi wayebonile ukuthi kuzokwenzekani kubantu bakhe ezizukulwaneni ezizayo. Wabona ukuthi, naphezu kwezibusiso zabo ezinkulu, babeyoziphakamisa, babe nezingxabano, futhi bathande okwezwe (bheka ku 1 Nefi 12; 15:4–6). Waphinde wabona izinkinga ezifanayo ezinsukwini zethu (bheka ku 1 Nefi 14). Imibhalo ka-Isaya yexwayisa ngaloluhlobo lobubi. Kodwa futhi uNefi yamnika ithemba lekusasa eliqhakazile—ukuphela kobubi, ukuqoqwa kwabathembekileyo, “nokukhanya okukhulu” kwalabo “ababehamba ebumnyameni” (2 Nefi 19:2). Konke lokhu kwakuyokwenzeka ngoba “[kwazalwa] umntwana” owayengaqeda yonke imibango—“INkosi yokuThula” (2 Nefi 19:6)).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

Ngingaziqonda kanjani kangcono izimfundiso zika-Isaya na?

UNefi wavuma ukuthi, “amazwi ka-Isaya awekho sobala” (2 Nefi 25:4). Kodwa futhi wasinika amasu ukuze asisize sithole ukuqonda emibhalweni ka-Isaya:

  • Bhekisa amazwi akhe” kuwe (2 Nefi 11:2). Izimfundiso zika-Isaya eziningi zinezincazelo eziningi kanye nokusebenza kwazo. Isibonelo, lapho ufunda ngezindawo zokuhlala ku 2 Nefi 14:5–6, cabanga ngokuthi lamavesi alithinta kanjani ikhaya lakho. Zibuze ukuthi, “Ngabe uBaba oseZulwini ufuna ngifundeni na?”

  • Bheka izimpawu zika Jesus Kristu (bheka ku 2 Nefi 11:4). Izimfundiso zika-Isaya eziningi ngoMsindisi zivezwa ngezimpawu. Isibonelo, ukhonjiswa kanjani uMsindisi ku 2 Nefi 19: 2? Ngabe loluphawu lukufundisani Ngaye na?

  • “Funa ukugcwaliswa ngomoya wokuprofetha”(2 Nefi 25:4). Njengoba ufunda, khulekela ukuholwa nguMoya oNgcwele. Ungase ungakuqondi konke ngesikhathi esisodwa, kodwa uMoya ungakusiza ufunde lokho okudingeka ukwazi.

Ungahle futhi ukuthole kuwusizo ukubheka okusiza ofundayo okutholakala emibhalweni engcwele, ngokunjalo nezinezelo, izihloko zezahluko, kanye neziHloko zemiBhalo eNgcwele. Izincwadi zokufunda zeNcwadi kaMormoni neTestamente Elidala zinolwazi olwengeziwe olungakusiza ufunde ngomlando ohambisana nezimfundiso zika-Isaya.

2 Nefi 11–19

U-Isaya wafakaza ngoJesu Kristu.

Ngenxa yokuthi u-Isaya wayesebenzisa ulimi lwezimpawu, kungalula ukungabunaki ubufakazi bakhe obunamandla buka Jesu Kristu. Bheka uMsindisi kulemibhalo 2 Nefi 13:13; 14:4–6; 15:1–7; 16:1–7; 17:14; 18:14–15; 22:2. Ngabe akufundisani lamavesi Ngaye na?

Isiprofetho ku 2 Nefi 19:6 sibala izibongo eziningi zikaJesu Kristu. Ngabe uMsindisi usigcwalise kanjani lesi sethembiso empilweni yakho na?

2 Nefi 12–13; 15

Abazazisayo nabathanda okwezwe bayothotshiswa.

UNefi wakubona ukuthi ukuziphakamisa kwakuzobangela ukuwa kwabantu bakhe (bheka ku 1 Nefi 12:19). Ngakho-ke akumangazi ukuthi uNefi wayezokhetha ukwabelana nabantu bakhe ngezexwayiso eziphindaphindiweyo zika-Isaya mayelana nokuziphakamisa. Ezahlukweni 12 neze 13, bheka amagama asetshenziswe ngu-Isaya ukuchaza ukuziphakamisa, njengo kuzigqaja noku phakama. Ku 2 Nefi 15:1–24, bheka ulimi lwezimpawu oluchaza imiphumela yokuziphakamisa. Emva kwalokho ungahle uzame ukufingqa lokho okufundile ngawakho amagama. Cabanga ngokuthi uzokukhetha kanjani ukuthobeka.

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

2 Nefi 12:2–3

Ithempeli liyindlu yeNkosi.

U-Isaya ithempeli walibiza nge “ntaba yendlu yeNkosi” (2 Nephi 12:2). Kungani intaba kuwuphawu oluhle lwethempeli na?

Ungamchazela uthini othile ngokuthi kungani siwadinga amathempeli na? Ungahle uthole okungaba yizimpendulo ku 2 Nefi 12:2–3. Uma ubheka lokho okufundile, ngabe iNkosi ifuna ufundeni nokuthi uzuzeni endlini Yakhe engcwele na? Yikuphi okuzuzile kuleyo ndawo na?

­ ­ Ngabe lingisiza kanjani ukuba “[ngihambe] ezindleleni zakhe” na?

­

2 Nefi 12–19

UJesu Kristu Uzobahlenga Abantu Bakhe

Nakuba wabona ububi, u-Isaya waba nesizathu sokuba nethemba ngekusasa. Cabanga ukufunda lezi zindinyana ezilandelayo. Bhala phansi iqiniso elilodwa noma amabili indinyana ngayinye ewafundisayo ngezinsuku zethu: 2 Nefi 12:1–5; 14:2–6; 15:20–26; 19:2–8. Kungani unomuzwa wokuthi lezi zindinyana kubalulekile kithi ukuba siziqonde na?

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Bheka isifanekiso. Embhalweni engcwele sithola izifanekiso ezisikhombisa zokuthi iNkosi isebenza kanjani. Encwadini ka 2 Nefi 11–19, ungahle ubheke izifanekiso ezikhombisa ukuthi iNkosi yexwayisa kanjani ngesono futhi ixolele abaphendukayo.

Amasu okuFundisa abaNtwana

2 Nefi 12:2–3

Ithempeli liyindlu yeNkosi.

  • U-Isaya wachaza ithempeli “njengentaba yendlu yeNkosi.” Abantwana bakho bangahle bakuthokozele ukwenza sengathi banyuka intaba njengoba nifunda ku 2 Nefi 12: 2–3 ndawonye. Basize bathole imishwana kulamavesi echaza ngokuthi siwadingelani amathempeli.

  • Ukubonisa umushwana othi “siyohamba emikhondweni yayo” oku 2 Nefi 12:3, ungenza indlela phansi, eholela esithombeni sethempeli. Ngesikhathi abantwana bakho behamba kuleyo ndlela, bangahle basho izinto abangazenza ukuze bahambe endleleni yeNkosi.

  • Mhlawumbe abantwana bakho bangadweba isithombe sabo beya ethempelini. ­ ­

2 Nefi 11:4–7; 17:14; 19:6

UJesu Kristu unguMsindisi wami.

  • Kunamagama ambalwa kaJesu Kristu atholakala ku 2 Nefi 11:4–7; 17:14; 19:6. Basize abantwana bakho bawathole futhi bakhulume ngokuthi ngabe asho ukuthini. Isibonelo, “uKristu” usho ukuthi “ogcotshiweyo” kanti “u-Imanuweli” usho ukuthi “uNkulunkulu unathi.” Ngabe lamagama asifundisani ngoJesu Kristu na?

2 Nefi 15:20

USathane uzama ukungidida mayelana nokuhle nokubi.

  • Khombisa abantwana bakho okumuncu, njengocezu luka lamula, oluphakathi kwephepha likaswidi. Fundani ndawonye ku 2 Nefi 15:20. Ngabe uSathane uzama kanjani ukwenza izinto ezimbi zibukeke zizinhle na? ­ ­ ­  Ngabe uJesu Kristu usisiza kanjani ukuba sigweme ukukhohliswa nguSathane na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
IThempeli lasePanama City ePanama

IThempeli lasePanama City ePanama “Indlu yeNkosi iyakwakhiwa esicongweni sezintaba; … futhi zonke izizwe ziyogobhozela kuyo” (2 Nefi 12:2).

Shicilela