Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMashi 18–24: “Yiyo Lena Indlela.” 2 Nefi 31–33


NgoMashi 18–24: ‘Yiyo Lena Indlela.’ 2 Nefi 31–33,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoMashi 18–24. 2 Nefi 31–33,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
uJesu efundisa abafundi Bakhe

Christ Teaching His Disciples [UKristu Efundisa Abafundi Bakhe], nguJustin Kunz

NgoMashi 8–24: “Yiyo Lena Indlela”

2 Nefi 31–33

Phakathi kwamazwi okugcina kaNefi aqoshiwe, sithola lesi simemezelo: “INkosi yangiyala, futhi kufanele ngilalele” (2 Nefi 33:15). Lokhu kubonakala njengesifinyezo esifanele sempilo kaNefi. Wafuna intando yeNkosi futhi wazama ngesibindi ukuyilalela—noma ngabe lokho kwakusho ukubeka impilo yakhe engcupheni ukuze athole izingcwephe zethusi kuLabani, akhe isikebhe kanye nokuwela ulwandle, noma ngokwethembeka afundise imfundiso kaKristu ngokusobala nangamandla. UNefi wayekwazi ukukhuluma ngendlela ekholekayo ngesidingo “sokuphikelela ngokwethembeka kuKristu,” sokulandela “indlela engumngcingo nencane eholela ekuphileni okuphakade” (2 Nefi 31:20, 18), ngoba iyona ndlela ayilandelayo. Wayazi ngenxa yezimo ake abhekana nazo ukuthi lendlela, nakuba inzima ngezinye izikhathi, iyajabulisa futhi, “akukho nayinye enye indlela noma igama elinikwe ngaphansi kwezulu umuntu angasindiswa ngalo embusweni kaNkulunkulu.” (2 Nefi 31:21).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

2 Nefi 31

UJesu Kristu kanye nemfundiso Yakhe kuphela okwiyindlela eya ekuphileni kwaphakade.

Uma bekufanele ufingqe indlela eya ekuphileni okuphakade ngamazwi ambalwa nje, ungathini na? Naka ukuthi uNefi uyichaze kanjani ku 2 Nefi 31. Cabanga ukudweba indlela bese ubhala imigomo noma izinyathelo ezitholakala kulezi zigaba endleleni. Ungafaka kokudwebile isifinyezo salokho okundiswe uNefi ngomgomo ngamunye.

Ngesikhathi ufunda 2 Nefi 31:18–20 , hlola imizamo yakho “yokuphikelela phambili” endleleni yevangeli.

­

Isithombe
umndeni ukhuleka ndawonye

Ukulandela izimfundiso zikaJesu Kristu kusiholela ekuphileni okuphakade.

2 Nefi 31:4–13

UJesu Kristu wasibekela isibonelo esiphelele sokulalela ngenkathi ebhabhadiswa.

Noma ngabe ukubhabhadiswa kwakho kwenzeke izolo noma eminyakeni engu-80 edlule, kwakuyisikhathi esibalulekile. Wathatha isivumelwano esingunaphakade sokulandela uJesu Kristu. Cabanga ngokubhabhadiswa kwakho njengoba ufunda ngombhabhadiso woMsindisi ku-2 Nefi 31:4–13. Ukuphendula imibuzo efana nalena kungase kukusize:

  • Kungani uJesu abhabhadiswa na? Kungani ngakhetha ukubhabhadiswa na?

  • Yizona ziphi izethembiso engazenza ngesikhathi ngibhabhadiswa na? INkosi yona ingithembiseni na? (bheka amavesi 12–13; bheka futhi uMosiya 18:10, 13).

  • Ngingakhombisa kanjani ukuthi ngisazinikele ukuba ngilandele uJesu Kristu na?

2 Nefi 31:15–20

Lowo oyobekezela kuze kube sekugcineni, yilowo kanye oyosindiswa.

Ngesikhathi ufunda u-2 Nefi 31: 15–20, zibuze ukuthi, “Ngazi kanjani uma ngibekezela kuze kube ekugcineni na?” Ngabe yikona kuphi okufundayo kuNefi okukusiza uphendule lombuzo na?

IGosa uDale G. Renlund wafundisa ukuthi: “Ukubekezela kuze kube ekugcineni akusona isinyathelo esingaphandle kwemfundiso kaKristu—sengathi siqeda izinyathelo zokuqala ezine bese siyadumala, sihlanganisa amazinyo, silinde ukufa. Cha, ukubekezela kuze kube sekugcineni kusho ukuphinda izinyathelo ngokuzimisela nokuzinikela” (“Lifelong Conversion” [inkulumo ethulwe eBrigham Young University, Sept. 14, 2021], 2, speeches.byu.edu Ungaziphinda kanjani izinyathelo ezitholakala kwimfundiso kaKristu (ukholo, ukuphenduka, ukubhabhadiswa, kanye nokwamukela uMoya oNgcwele) na?

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

2 Nefi 32; 33:2

Ngamazwi kaKristu noMoya oNgcwele, uNkulunkulu uzongikhombisa ukuthi ngenzeni.

Ngabe wake wazizwa sengathi awunasiqiniseko ngezinyathelo ezilandelayo empilweni yakho na? Abantu baNefi babenezinkathazo (bheka 2 Nefi 32:1). Bheka impendulo kaNefi ku 2 Nefi 32:2–9. Ungakusho kanjani okwafundiswa nguNefi ngamazwi akho na? Ngabe yikuphi osuke wakubona osekukufundise ukuthi amazwi aNefi ayiqiniso na?

Cabanga ngokwenza uhlu lwezinqumo noma izimo (ezamanje noma esikhathini esizayo) lapho ozodinga khona ukuholwa uNkulunkulu. Yini ongayifunda ku 2 Nefi 32 ezokusiza uphumelele ekutholeni intshisekelo evela Kuye na? Yini engase iholele abantu ukuba “baqinise izinhliziyo zabo ngokumelene noMoya oNgcwele” na? (2 Nefi 33:2).

Ngesikhathi uzindla ngeseluleko sikaNefi, cabanga ngokuthi uwafunda kanjani amazwi kaMsindisi. Ungakuchaza njengokubamba umoya, ukudla, noma ukuzitika na? Ngabe yiwona muphi umehluko, ngokubona kwakho na? Cabanga indlela ongenza ngayo ukufunda kwakho amazwi oMsindisi kufane nokuzitika. Mhlawumbe ungathola amasu kumngani noma ilungu lomndeni.

Zitikeni Ngamazwi kaKristu. Ziningi izindlela zokuzitika ngamazwi kaKristu, kubala ukukhulekela intshisekelo, ukubuza imibuzo ngaphambi nangesikhathi ufunda, ukuchaza amagama, ukuzindla, ukuxhumanisa amagama, ukubhala phansi, ukucinga amaqiniso evangeli, nokusebenzisa imibhalo engcwele empilweni yakho (bheka 1 Nefi 19:23).

Ngabe uwumema kanjani uMoya oNgcwele ukuba ube umlingani onawe njalo, kunokuthi ube yisivakashi esifika lapha nalapha na? Funda imibono kaDavid A. Bednar’s emithathu yokwenza ubulingani bukaMoya oNgcwele kube “yiqiniso eliyimvela njalo” ku “Receive the Holy Ghost” (ILiyahona, Nov. 2010, 94–97). Ngabe uzokwenza njani ukusebenzisa iseluleko sakhe na?

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Isambulo.”

2 Nefi 33

INcwadi kaMormoni inxusa bonke abantu ukuthi bakholwe kuKristu.

Ngesikhathi uNefi ephetha imibhalo yakhe, ku 2 Nefi 33, wachaza ukuthi kungani ayebhala kwasekuqaleni. Yiziphi izizathu ozitholayo kulesi sahluko na? Cabanga ngezindaba nezimfundiso osuzifundile ku-1 Nefi naku-2 Nefi. Ngabe yikuphi okuthinte wena nokholo lwakho kuJesu Kristu kakhulu na?

­

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

2 Nefi 31:4–13

Uma sengibhabhadisiwe, ngizolandela uJesu Kristu.

  • Kukhona isithombe sikaJesu ebhabhadiswa ekugcineni kwalesi sifundo. Mhlawumbe abantwana bakho bangasisebenzisa ukukutshela ukuthi yini abayaziyo ngalesi sehlakalo (bheka futhi NgokukaMathewu 3:13–17). Kungani uJesu efuna sibhabhadiswe njengoba enza naye na? Abantwana bakho bangalalela izizathu ngesikhathi nifunda ndawonye iziqephu zika 2 Nefi 31:4–13. Kungase kusize uma umuntu osanda kubhabhadiswa engaxoxa ngakho.

2 Nefi 31

UJesu Kristu wangifundisa indlela yokubuyela kuBaba oseZulwini.

  • Ukusiza abantwana bakho babone ngamehlo engqondo izimfundiso ezitholakala ku 2 Nefi 31, bangadweba indlela enesithombe sikaJesu Kristu ekugcineni. Ungabasiza bathole noma badwebe izithombe ezimele izinyathelo zaleyondlela, njengokholo kuJesu Kristu, ukuphenduka, ukubhabhadiswa, ukuthola isipho soMoya oyiNgcwele, kanye nokubekezela kuze kube sekugcineni. Bangakhomba izithombe ngesikhathi ufunda u-2 Nefi 31:17–20.

2 Nefi 32:3–5

Ngingazitika Ngamazwi kaKristu.

  • Ukufundisa “[ngoku]zitika” ngamazwi kaKristu, ungacela abantwana bakho ukuba balingise ukuthi bangazitika kanjani ngokudla abakuthandayo. Ku 2 Nefi 32:3, uNefi uthe kumele sizitike ngani na? Ukuzitika ngezwi likaNkulunkulu kuhluke kanjani [kunokuli]funda nje? Mhlawumbe abantwana bakho bangalingisa umehluko. Baxoxele ngezibusiso ozitholile ngokuzitika ngemibhalo engcwele.

2 Nefi 32:8–9

UBaba Osezulwini ufuna ngikhuleke njalo.

  • Emva kokufunda 2 Nefi 32:8–9, xoxa nabantwana bakho ngokuthi kungani uSathane engafuni sikhuleke. Kungani uNkulunkulu efuna “sikhuleke njalo” na? Abantwana bakho bangenza uhlu noma badwebe izithombe zezimo lapha bengakhuleka khona. ­ ­ ­ Ngabe uNkulunkulu usibusisa kanjani uma sikhuleka njalo na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
uJohane uMbhabhadisi eBhabhadisa uJesu

To Fulfill All Righteousness [Ukugcwalisa Konke Ukulunga], nguLiz Lemon Swindle

Shicilela