Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJulayi 22–28: “Nilitshale Lelizwi Ezinhliziyweni Zenu” u-Alima 32–35


“NgoJulayi 22–28 ‘Nilitshale Lelizwi Ezinhliziyweni Zenu’ u-Alima 32–35,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoJulayi 22–28. u-Alima 32–35,” Wozani, Ngilandeleni— Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
imbewu esandleni somntwana

NgoJulayi 22–28: “Nilitshale Lelizwi Ezinhliziyweni Zenu”

u-Alima 32–35

KumaZoramu umkhuleko wawubandakanya ukuma lapho kwakubona khona wonke umuntu bese bephindaphinda amazwi angasho lutho, ayebenza bename ngabo. AmaZoramu ayentula ukholo kuJesu Kristu––babephika ngisho nobukhona Bakhe––futhi babehlupha abampofu (bheka ku Alima 31:9–25). Ngokuqhathanisa, u-Alima no-Amuleki bafundisa ukuthi umkhuleko uhlobene kakhulu nalokho okwenzeka ezinhliziyweni zethu kunasenkundleni yomphakathi. Futhi uma singabonisi uzwelo kulabo abadingayo, umkhuleko wethu “uyize, futhi awusizi ngalutho” (u-Alima 34:28). Okubaluleke kakhulu, sikhuleka ngoba sinokholo kuJesu Kristu, osipha ukuhlengwa ngomnikelo Wakhe “ongenakuphela futhi waphakade” (Alima 34:10). U-Alima wachaza ukuthi ukholo olunjena luqala ngokuthobeka “nesifiso sokukholwa” (u-Alima 32:27). Ngokuhamba kwesikhathi ngokondliwa njalo, izwi likaNkulunkulu liba nezimpande ezinhliziyweni zethu, lizelibe “yisihlahla esiyokhula siyephezulu sibe ngukuphila okuphakade” (u-Alima 32:41).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

u-Alima 32:17–43

Ngisebenzisa ukholo kuJesu Kristu ngokulitshala nokulodla izwi Lakhe enhliziyweni yami.

Njengoba ufunda ku-Alima 32:17–43, qaphela amagama nemishwana ekusiza uqonde ukuthi ulusebenzisa kanjani ukholo kuJesu Kristu. Ngabe yikuphi okufundayo mayelana nokuthi ukholo luyini futhi nokuthi yini olungeyona na?

Enye indlela yokufunda u-Alima 32–34 ukudweba izithombe ezimele izikhathi ezahlukene zokukhula kwembewu. Bese ubhala amagama esithombeni ngasinye avela ku-Alima 32:28–43 akusiza ukuba uqonde ukuthi litshalwa futhi londliwa kanjani izwi likaNkulunkulu enhliziyweni yakho.

u-Alima 32:26-43

Ngingazazela ngokwami.

KumaZoramu ayengakaqiniseki ngobufakazi buka-Alma ngoKristu, u-Alima waphakamisa “ukulinga” (bheka ku-Alima 32:27). Ukulinga kudinga isifiso, usikisiki lolwazi, isenzo, kanye nokholo okungenani oluncane––futhi konke lokhu kungaholela emvumbululweni emangalisayo! Cabanga ngemisebenzi yokulinga osuwake wayibona noma wabamba iqhaza kuyo. Ngokuka-Alima 32:26– 36, yiluphi uhlobo lokulinga olungaholela ekukholweni kuJesu Kristu na?

Ngabe “ulilinge” kanjani izwi likaNkulunkulu futhi wafinyelela ekwazini ukuthi “lelizwi lihle” na? (u-Alima 32:28).

u-Alima 33:2–11; 34:17–29

Ngingamkhonza uNkulunkulu ngomkhuleko, noma kunini noma kuphi.

Iseluleko sika-Alima no-Amuleki mayelana nokukhonza nomkhuleko kwakuqondwe ngaso ukuba kulungiswe ukungaqondi okuthile amaZoramu ayenakho. Cabanga ngokwenza uhlu lwalokho ababengakuqondi (bheka ku-Alima 31:13–23). Eceleni kwaloluhlu, ungenza uhlu lwamaqiniso ngomkhuleko avela ku-Alima 33:2–11 naku 34:17–29. Zingayithinta kanjani indlela okhuleka nokhonza ngayo izinto ozifunda kulamavesi na?

Ungathola nokuqonda eculweni elimayelana nomkhuleko, njengelithi “Umkhuleko Unamandla

u-Alima 34:9–16

Isithombe
seminary icon
Ngiyamdinga uJesu Kristu neNhlawulo yakhe.

Qaphela ukuthi u-Amuleki uwasebenzise kangaki lagama ongenakuphela nelithi waphakade ukuchaza umnikelo ohlawulelayo kaMsindisi ku-Alima 34:9–14. Kubaluleke ngani ukwazi ukuthi iNhlawulo kaMsindisi ayinakuphela futhi ingeyaphakade na? Bheka amagama nemishwana kulamavesi aphinde achaze iNhlawulo kaMsindisi kumaHeberu 10:10; 2 Nefi 9:21; uMosiya 3:13.

Ngisho noma siwazi amandla kaJesu okusindisa ukuthi awanakuphela futhi angawaphakade, singase singabaze ngezinye izikhathi ukuthi ayasebenza kithi noma kumuntu osonile. IGosa uDavid A. Bednar wake wakhuluma ngabantu okubonakala sengathi banokholo kuMsindisi, kodwa bengakholwa ukuthi izibusiso Zakhe azithembisile ziyatholakala kubo (“If Ye Had Known Me,” Liahona, kaNovember 2016, 104). Ngabe yikona kuphi okungasivimba ekutholeni ngokugcwele amandla kaMsindisi na? Zindla ngokuthi ungazi kanjani ukuthi iNhlawulo kaJesu Kristu ingengapheliyo futhi ingeyaphakade.

Ukuzindla ngokuthi uyidinga kangakanani iNhlawulo kaJesu Kristu, kungakusiza ukucabanga ngento oyidinga zonke izinsuku. Zibuze uthi,“Ngabe injani impilo yami ngaphandle kwalokhu?” Njengoba ufunda u-Alima 34: 9–16, zindla-ke ngokuthi ibiyoba njani impilo yakho ngaphandle kwaJesu Kristu. Ungakuthola okunye ukuqonda ku 2 Nefi 9:7–9. Ungayifingqa kanjani incwadi ka-Alima 34:9–10 emshweni owodwa na?

u-Alima 34:30–41

“Manje yisikhathi kanye nosuku lokusindiswa kwenu.”

Zicabange ufuna ukubamba iqhaza emncintiswaneni wokugijima noma wokudlala okomculo. Kungenzekani uma ungalinda ukuzilungiselela kuze kufike usuku lomcimbi na? Sihlobene kanjani lesi sibonelo nezexwayiso zika-Amuleki ku-Alima 34: 32– 32? Ngabe yikuphi okuyingozi ngokubambezela imizamo yethu yokuphenduka nokuguquka?

Ivesi 31 nalo linomyalezo wabantu abangase bakhathazeke ngokuthi sebebambezeleke isikhathi eside futhi sebephuze kakhulu ukuphenduka. Ungathi yimuphi lowo myalezo na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Alima 32:1–16

INkosi ingangifundisa lapho ngikhetha ukuthobeka.

  • U-Alima no Amuleki baphumelela ekufundiseni amaZoramu ayethobekile. Kusho ukuthini ukuthobeka? Siza abantwana bakho bathole incazelo yegama elithi othobekileyo kwi ziHloko zemiBhalo eNgcwele. Yimiphi eminye imikhondo mayelana nencazelo yalamagama esingayithola ku-Alima 32: 13–16? Mema abantwana bakho ukuba baqedelele umusho ofana nothi “Ngisuke ngizithobile uma ngi .”

u-Alima 32:28-43

Ubufakazi bami ngoJesu Kristu buyakhula lapho ngibondla.

  • Imbewu, izihlahla, nezithelo yizinto ezibonakalayo nezijwayelekile ezingabasiza abantwana ukuqonda imigomo engabonakali njengokholo nobufakazi. Vumela abantwana bakho babambe imbewu ngesikhathi ufunda ku-Alima 32:28. Manjalo ungabacela ukuba bakusize bacabange ngezindlela ukukhula kobufakazi ngoJesu Kristu okufana ngayo nokutshala nokondla imbewu. Mhlawumbe ungatshala imbewu yakho futhi ukhulume ngokuthi yini edingekayo ukusiza leyo mbewu–noma ubufakazi–bukhule.

  • Kukhona isithombe sesihlahla esihambisana nalesi sifundo; ungasisebenzisa ukuchasisa amazwi ka-Alima akulamavesi ku-Alima 32:28–43. Noma ningahamba-hamba engadini ukuze nithole izitshalo ezisezikhathini ezahlukene zokukhula bese nifunda amavesi aku-Alima 32 aqhathanisa isitshalo esikhulayo nokholo lwethu. Noma mhlawumbe abantwana bakho bangadweba isihlahla ebhodini bese wengeza iqabunga noma isithelo ngaso sonke isikhathi becabanga into abangayenza ukusiza ukuthi ubufakazi babo ngoJesu Kristu bukhule.

  • Ungavumela abantwana bakho ukuba bazame ukuphushela imbewu (emele izwi likaNkulunkulu) etsheni (elimele inhliziyo ezidlayo) nasemhlabathini othambileyo (omele inhliziyo ethobekileyo). Fundani ndawonye ku Alima 32: 27– 28. Khuluma ngokuthi kusho ukuthini “ukunikeza indawo” (ivesi 27) yezwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu.

Dwebani Izithombe. Abanye abantu bafunda kangcono uma bedweba isithombe salokho abakufundayo. Abantwana bakho bangakuthokozela ukudweba imbewu ikhula iba yisihlahla njengoba befunda incwadi ka Alima 32.

u-Alima 33:2–11; 34:17–27

Ngingakhuleka kuBaba oseZulwini nganoma yisiphi isikhathi, nganoma yini.

  • Siza abantwana bakho bathole imishwana echaza izindawo esingakhuleka kuzo (ku Alima 33:4–11) nezinto esingazikhulekela (ku-Alima 34:17–27). Mhlawumbe abantwana bakho bangadweba izithombe zabo bekhuleka kulezi zindawo. Abelanani ngesenikubonile nenikuzwile lapho uBaba oseZulwini ezwe imikhuleko yenu. Ningase futhi nicule iculo elimayelana nomkhuleko, elifana nelithi “Umkhuleko Unamandla” .

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani) .

Isithombe
isithelo esihlahleni

“Ngenxa yokukhuthala kwenu kanye nokholo lwenu kanye nokubekezela kwenu ukuthi nilondle izwi, … bheka emva kwesikhashana nje niyosikha isithelo salo, esiyigugu elikhulu” (u-Alima 32:42)

Shicilela