Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJulayi 15–21: “Amandla Ezwi likaNkulunkulu.” U-Alima 30–31


“NgoJulayi 15–21: ‘Amandla Ezwi likaNkulunkulu.’ U-Alima 30–31,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoJulayi 15–21. U-Alima 30–31,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
U-Alima efundisa uKorihori

All Things Denote There Is a God (Alma and Korihor) [Zonke Izinto Zikhomba Ukuthi uNkulunkulu Ukhona (u-Alima noKorihori)], nguWalter Rane

NgoJulayi 15–21: “Amandla Ezwi likaNkulunkulu”

U-Alima 30–31

Imibhalo eku-Alima 30–31 ikhombisa ngokucacile amandla asemazwini—ngokubi kanye nokuhle. “Amazwi aluthayo” kanye “nokukhuluma kakhulu” komfundisi wamanga owayebizwa ngoKorihori kwasabisa ukuletha “imiphefumulo eminingi phansi ekonakalisweni” (u-Alima 30:31, 47). Ngokufanayo, izimfundiso zowahlubuka kumaNefi obizwa ngoZoramu zaholela iqembu lonke labantu ukuba liwe “eziphosisweni ezinkulu” kanye “nesekuphendukezeleni izindlela zeNkosi” (u-Alima 31:9, 11).

Ngokwehlukile, u-Alima wayenokholo olunganakuguquka lokuthi izwi likaNkulunkulu lalizoba “nomphumela onamandla amakhulu emiqondweni yabantu kunenkemba noma yini enye” (u-Alima 31:5). Amazwi ka-Alima ayequkethe iqiniso laphakade futhi eletha amandla aJesu Kristu ukuthulisa uKorihori (bheka u-Alima 30:39–50), futhi emema izibusiso Zakhe kulabo abahamba naye ukuletha amaZoramu eqinisweni (bheka u-Alima 31:31–38). Lezi izibonelo ezibalulekile kubalandeli baKristu namuhla lapho imiyalezo engamanga ivamile. Singathola iqiniso ngokwethemba, njengo-Alima enza, “amandla ezwi likaNkulunkulu” (u-Alima 31:5).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

U-Alima 30:6–31

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Isitha siyazama ukungikhohlisa ngezimfundiso zamanga.

Ku-Alima 30, uKorihori ubizwa “ngomPhiki-Kristu” (ivesi lesi-6). Umphiki-Kristu yinoma ngubani nanoma yini ephikisana noJesu Kristu nevangeli Lakhe ngokusobala noma ekusithekeni. Yimaphi amavesi ku-Alima 30:6–31 akhombisa ukuthi uKorihori uhambisana nalencazelo? Ukufunda izimfundiso zamanga zikaKorihori kungakusiza ubone futhi wenqabe izimfundiso ezifanayo. Okungenziwa okulandelayo kungasiza ukufunda kwakho:

  • Yiziphi izifundo ongazicabanga ukuze uqonde kangcono umehluko phakathi kwezimfundiso zoMsindisi kanye nokulingisa kwamanga kukaSathane? Ezinye izibonelo ukuheha okusetshenziselwa ukudoba, imali mbumbulu, nokukhangisa okungamanga. Ungabona kanjani ukuthi kukhona okungamanga? Ungalibona kanjani iqiniso?

  • Cabanga ngokwenza uhlu lwezimfundiso zamanga uKorihori azifundisa ku-Alima 30:6–31. Ngabe yiziphi izimfundiso zakhe eziyengayo namuhla? (bheka ku-Alima 30:12–18, 23–28). Iyiphi ingozi engaba umphumela ekwamukeleni lemibono enjalo na? Yimiphi imilayezo yamanga isitha esiyisebenzisayo ukuzama ukukukhohlisa namuhla?

  • Wenzani u-Alima ukuze amelane nezimfundiso zikaKorihori ngeqiniso? (bheka u-Alima 30:31–54). Ungazisebenzisa kanjani izimiso ezifana nalezi empilweni yakho na?

Njengo-Alima, abaprofethi kanye nabapostoli bamanje bayasisiza ukuthi sazi umehluko phakathi kweqiniso namanga kaSathane. ­

­

Isithombe
UKorihori ukhuluma no-Alima

Korihor Confronts Alma [UKorihori Ubhekana no-Alima], nguRobert T. Barrett

U-Alima 30:39–46

Zonke izinto zikhomba ukuthi uNkulunkulu ukhona.

Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho. Ngabe yikuphi okutholayo ku-Alima 30:39–46 okukusiza wazi ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela? Yini esivimbela ukuba simazi? Yibuphi obunye ubufakazi uNkulunkulu akunike bona ukuthi uyaphila?

U-Alima 30:56–60

Isitha asibasekeli abalandeli baso.

Yikuphi okufundayo ku-Alima 30:56–60 mayelana nokuthi udeveli ubaphatha kanjani abalandeli bakhe na? Yikuphi ongakwenza ukuvikela ikhaya lakho ngokumelene nalomthelela wakhe na?

Bheka futhi ku-Alima 36:3.

U-Alima 31

Izwi likaNkulunkulu linamandla okuletha abantu ekulungeni.

Inkinga yamaZoramu yokuhlukana namaNefi yayingabukeka kwabanye sengathi yayidinga isixazululo sazombusazwe noma samabutho (bheka u-Alima 31:1–4). Kepha u-Alima wayesefundile ukwethemba “amandla ezwi likaNkulunkulu” (u-Alima 31:5). Ngabe yikuphi okufundayo ku-Alima 31:5 mayelana namandla ezwi likaNkulunkulu na? (bheka futhi KumaHebheru 4:12; 1 Nefi 15:23–24; 2 Nefi 31:20; uJakobe 2:8; uHelamani 3:29–30).

Njengoba ufunda ku-Alima 31, ngabe yimaphi amanye amaqiniso evangeli ongawathola asebenza kokwenzeka empilweni yakho? Isibonelo:

  • Ngabe usulibone kanjani izwi likaNkulunkulu liholela abantu ekwenzeni okulungile na? (bheka ivesi 5).

  • Qhathanisa izimo zengqondo, imizwa, kanye nezenzo zika-Alima mayelana nabanye (bheka amavesi 34–35) nalezo zamaZoramu (bheka amavesi 17–28). Ungafana kanjani no-Alima na?

  • Ngabe yikuphi okutholayo ku-Alima 31:30–38 okungasiza abantu abanosizi ngenxa yezono zabanye?

U-Alima 31:5–6

Ngenxa kaJesu Kristu, noma ngubani angaguquka.

Naka iqembu labantu u-Alima alithatha wahamba nalo ukuyofundisa ivangeli kumaZoramu (bheka u-Alima 31:6). Ngabe ufundani ngezimpilo zalababantu kuMosiya 27:8–37; 28:4; u-Alima 10:1–6; 11:21–25; 15:3–12. Yimuphi umyalezo ongabakhona ezimweni zabo ongawuthola na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

U-Alima 30

INcwadi kaMormoni iyangixwayisa ngokumayelana nezimfundiso zamanga.

  • Cabanga ukuveza ezinye izinto (njengemali noma ukudla) kanye nokulingiswa kwamathoyizi kwalezi zinto. Lokhu kungaholela engxoxweni mayelana nokuthi ungakwazi kanjani umehluko phakathi kwezinto eziyiqiniso nezinto ezingamanga. Bese ungasiza abantwana bakho ukuthi babone ku-Alima 30:12–18 amanga noma izimfundiso zamanga uKorihori azifundisa ngoNkulunkulu. Ku-Alima 30:32–35, u-Alima waphendula kanjani kulawomanga na? Sifundani esibonelweni sakhe na?

U-Alima 30:44

Zonke izinto zikhomba ukuthi uNkulunkulu ukhona.

  • U-Alima wakhuluma ngendlela izinto ezisesibhakabhakeni nasemhlabeni zifakaza ngokuthi uNkulunkulu uyaphila. Uma kungenzeka, hamba ngaphandle nabantwana bakho noma ume efasiteleni njengoba ufunda u-Alima 30:44. Bacele bakhombe izinto abazibonayo ezibasiza bazi ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela nokuthi uyabathanda. Bangadweba futhi izithombe zezinto abazitholayo (bheka ikhasi lomsebenzi lalelisonto).

  • ­ ­

Abantwana bafunda ngezithombe. Izithombe zizosiza abantwana bakho baqonde kangcono futhi bakukhumbule isikhathi eside lokho abakufundisiwe. Iningi lemisebenzi yabantwana kuloluhlaka iphakamisa okubonwayo okumele kusetshenziswe. Cabanga ngokuphinda ubonise izithombe ezifanayo esikhathini esizayo ukuze usize abantwana bakho bakhumbule abakufundile.

U-Alima 31:5

Izwi likaNkulunkulu linamandla.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho baqonde ukuthi izwi likaNkulunkulu linamandla “kunanoma yini enye”? (u-Alima 31:5). Cabanga ukubacela ukuthi bacabange ngento ethile noma ngomuntu othile onamandla, noma babonise izithombe zezinto ezimbalwa ezinamandla. Yini enza lezizinto zibe namandla? Fundani u-Alima 31:5 ndawonye, bese ubuza abantwana bakho ukuthi bacabanga ukuthi lisho ukuthini lelivesi. Yabelana ngokwenzeka empilweni yakho lapho izwi likaNkulunkulu laba nomthelelo onamandla kuwe.

U-Alima 31:8–35

UBaba oseZulwini uyayizwa imikhuleko yami.

  • Kafushane finyeza indaba ka-Alima kanye namaZoramu, usebenzisa amavesi aku-Alima 31:8–35 (bheka futhi IziNdaba zeNcwadi kaMormoni: AmaZoramu neRamiyamtom,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni 78–80). Siza abantwana bakho ukuthi babone izinto amaZoramu azisho emthandazweni wawo (bona u-Alima 31:15–18) njengoba bekusiza wakhe umbhoshongo weRamiyamtom ngamabhuloki noma amatshe. Chaza ukuthi lena akuyona indlela okufanele sikhuleke ngayo. Njengoba wena nabantwana bakho nikhuluma ngokuthi kufanele sikhuleke kanjani, bavumele basuse amabhuloki noma amatshe ngalinye ngesikhathi. Mhlawumbe bangagcina elinye lamadwala eduze kombhede wabo njengesikhumbuzo sokukhuleka njalo ekuseni nasebusuku. Bangase bakujabulele ukuhlobisa idwala labo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani) .

Isithombe
AmaZoramu ekhuleka kwiRamiyamtom

Izinhliziyo zamaZoramu “zase ziphakeme kangangoba base benokuqhosha okukhulu, nokuziqhenya” (u-Alima 31:25).

Shicilela