Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Okthoba 7–13: “Bhekani, Intokozo Yami Igcwele.” 3 Nefi 17–19


“Ngo-Okthoba 7–13:‘Bhekani, Intokozo Yami Igcwele.’ 3 Nefi 17–19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ngo-Okthoba 7–13: 3 Nefi 17–19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
uJesu evela kumaNefi

The Light of His Countenance Did Shine upon Them [Ukukhanya Kobuso Bakhe Babenyezela Phezu Kwabo], nguGary L. Kapp

Ngo-Okthoba 7–13: “Bhekani, Intokozo Yami Igcwele”

3 Nefi 17–19

UJesu Kristu wayesanda kuchitha usuku esebenza ezweni laseNala, efundisa ivangeli Lakhe, enika abantu ithuba lokubona nokuzwa izibazi emzimbeni Wakhe ovusiweyo, futhi efakaza ngokuthi wayenguMsindisi othenjisiweyo. Manje-ke kwase kuyisikhathi sokuthi ahambe. Wathi, “Isikhathi sami sesifikile” (3 Nefi 17:1). Wayesezobuyela kuYise, futhi wayazi ukuthi abantu babedinga isikhathi sokuzindla ngalokho ayekufundisile. Ngakho-ke, ethembisa ukubuya ngosuku olulandelayo, wasihambisa isixuku ukuba siye emakhaya. Kodwa akekho owahamba. Abazange bakusho ababekuzwa, kodwa uJesu wayekwazi ukukuzwa lokho: babefisa ukuthi “ahlale nabo isikhashana eside” (3 Nefi 17:5). Wayenezinye izinto ezibalulekile okwakufanele azenze, kodwa ukubonisa uzwelo kubantwana baNkulunkulu kuhlale kusemqoka Kuye. Ngakho-ke uJesu wahlala isikhashana. Okwalandela mhlawumbe kwaba yisibonelo esikhulu sokusetshezelwa okunesisa okubhalwe emibhalweni engcwele. Labo ababekhona lapho babekwazi kuphela ukuthi kwakungachazeki (bheka ku-3 Nefi 17:16–17). UJesu uqobo Lwakhe wakusho kafushane ukuthululwa kwangokomoya okwakungahleliwe ngalamazwi ambalwa futhi anamandla: “Manje bhekani, intokozo yami igcwele” (3 Nefi 17:20).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

3 Nefi 17; 18:24–25, 30–32

UMsindisi uyisibonelo sami esingenaphutha sokusebenzela abanye.

Cishe abantu aba 2,500 babekhona ngenkathi uMsindisi evela, nakuba kunjalo wathola indlela yokubasebenzela umuntu nomuntu. Yini oyiqaphelayo ngendlela abasebenzela ngayo ku-3 Nefi 17; 18:24–25, 28–32? Ngabe yiziphi izidingo abasebenzela ngazo na? Yiziphi izici zemvelo ezenza ukusebenzela Kwakhe kube yimpumelelo? Ungahle ucabange futhi ngendlela akusebenzala ngayo wena. Ungasilandela kanjani isibonelo Sakhe? (Bheka futhi ku-3 Nefi 18:24–25 naku-28–32.)

3 Nefi 17:13–22; 18:15–25. 19:6–9, 15–36

UMsindisi wangifundisa ukuthi kukhulekwa kanjani.

Ake ucabange ngokuthi kwakungabanjani ukuzwa uMsindisi ekukhulekela. Ukuzwa lokhu kungayithinta kanjani indlela okhuleka ngayo na? Zindla ngalokhu njengoba ufunda ku-3 Nefi 17:13–22; 18:15–25; naku 19:6–9, 15–36. Ufundani esibonelweni sikaJesu Kristu nezimfundiso ngomkhuleko na? Cabanga ngokufuna ukuqonda ngokuthi kufanele kukhulekwe kanjani, nini, kuphi, kukhulekelwe bani, nokuthi kungani kukhulekwa. Yikuphi okunye ukuqonda okuzuza kulamavesi na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 10:5.

3 Nefi 18:1–12

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingagcwaliswa ngoMoya lapho ngithatha isidlo esingcwele.

Lapho senza okuthile njalo kungagcina sekuyinqubo noma sekuvamile. Ngezinye izikhathi sigcina sesikwenza ngisho nangaphandle kokucabanga. Ungakuvimba kanjani lokho ukuthi kungenzeki ngokuphathelene nesimiso samasonto onke sesidlo esingcwele na? Njengoba ufunda ku-3 Nefi 18:1–12, zindla ngokuthi “ungagcwaliswa” kanjani ngokomoya ngaso sonke isikhathi uma uthatha isidlo esingcwele (bheka futhi ku-3 Nefi 20:1–9). Ngokwamavesi 5–7,11, yiziphi ezinye zezinto okufanele uzenze “njalo” na? Ungahle futhi uzindle ngokuthi kungani uJesu Kristu asinika isimiso sesidlo esingcwele–nokuthi isidlo esingcwele siyayifeza yini injongo Yakhe empilweni yakho. Kungani isidlo esingcwele singcwele kuwe?

­ - Yini ongayenza ukuthuthukisa ukukhonza kwakho ngesikhathi sesidlo esingcwele nangesonto lonke?

Yikuphi okunye ongakwenza ukuze udumise ngendlela enenzuzo na? Ungazibuza imibuzo efana nalena: “Ngabe umhlatshelo woMsindisi uyithinta kanjani impilo yami yansuku zonke na?” “Yikuphi engikwenza kahle njengomfundi wakhe, futhi yikuphi okumele ngikwenze kangcono?”

Bheka futhi NgokukaMathewu 26:26–28.

Zinike isikhathi sokuzindla. Kwesinye isikhathi ukufunda imibhalo engcwele kuba yingxube yokufunda, ukukhuleka kanye nokuzindla. Lapho uvumela isikhathi sokuthula ukuze uzindle futhi ukhulume noNkulunkulu ngalokho okufundayo, ungawandisa amandla ezwi lakhe empilweni yakho.

3 Nefi 11:13–25

Ngingaku”phakamisa” ukukhanya kukaJesu Kristu.

Ake sithi unomngane ongazi lutho ngoJesu Kristu ngaphandle kokuthi ungomunye wabalandeli Bakhe. Umngane wakho angaphetha ngokuthini Ngaye, ngokubona izenzo zakho na? Kusho ukuthini kuwe “ukuphakamisa isibani sakho ukuze sikhanye ezweni” na? (3 Nefi 18:24). Yiziphi ezinye izimemo azenza uMsindisi ku-3 Nefi 18:22–25 ezikusiza usiphakamise leso sibani na?

3 Nefi 18:36–37; 19:6–22

Abafundi baJesu Kristu bafuna isipho soMoya oNgcwele.

Cabanga ngemikhuleko yakho yakamuva. Ngabe imikhuleko yakho ikufundisani ngezifiso zakho ezijulileyo na? Emva kokuchitha usuku bephambi kwaMsindisi, isixuku “[sa]khulekela lokho ababekufisa kakhulu”––isipho soMoya oyiNgcwele (3 Nefi 19:9). Kungani isipho soMoya oNgcwele sithandeka kangaka? Njengoba uwafunda lamavesi, zindla ngesakho isifiso sokuba uphelezelwe nguMoya oNgcwele. Ungakufuna kanjani ngeqiniso lokho kuphelezelwa na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

3 Nefi 17:7, 20–25

UMsindisi ubathanda bonke abantwana baBaba oseZulwini.

  • Ungasebenzisa isithombe esinjengalesi esikulesi sifundo ukusiza abantwana bakho bayibuke ngeso lengqondo indaba eku-3 Nefi 17. Cabanga ngokufunda imishwana noma amavesi ku-3 Nefi 17 agcizelela uthando lukaMsindisi kubantu (njengamavesi 7 kanye no20–25). Abantwana bakho bangabe sebedweba isithombe sabo benoJesu. Ngesikhathi bekwenza lokho, basize bacabange ngezindlela uJesu akhombise ngazo uthando Lwakhe kubo.

Isithombe
uJesu ebusisa abantwana

Behold Your Little Ones [Bhekani Abantwana Benu], nguGary L. Kapp

3 Nefi 18:1–12

Ngingacabanga ngoJesu lapho ngithatha isidlo esingcwele.

  • Mhlawumbe ungamema abantwana bakho ukuba bakutshele ukuthi kwenzekani ngesikhathi sesidlo esingcwele. Manjalo ungafunda ku-3 Nefi 18: 1–12 bese ucela abantwana bakho ukuba baphakamise isandla uma bezwa into efana nalokhu esikwenzayo namuhla. Ufuna sikhumbuleni noma sicabangeni uJesu Kristu ngesikhathi sesidlo esingcwele na? (bheka ku-3 Nefi 18:7, 11).

3 Nefi 18:15–24; 19:6–9, 15–36

UJesu wasifundisa ukuthi kukhulekwa kanjani.

  • ­ Wena nabantwana bakho ningabe senifunda ku-3 Nefi 18:18–21 futhi nixoxe ngokwafundiswa nguJesu ngomkhuleko. Ukumema abantwana bakho ukuba bakutshele ukuthi bazizwa kanjani lapho bekhuleka kungabasiza babelane ngobufakazi bomkhuleko.

  • Kungase kubemnandi ukuthi izingane zihambe ziyozingela ezinye zezibusiso eziyigugu zomkhuleko. Ungabhala lemibhalo engcwele elandelayo ezingcezwini zamaphepha bese uyazifihla: 3 Nefi 18:15; 3 Nefi 18:20; 3 Nefi 18:21; 3 Nefi 19:9; no-3 Nefi 19:23. Abantwana bakho bangabe sebethola amaphepha bese befunda amavesi, babheke izinto uJesu Kristu noma abafundi bakhe abazifundisa ngomkhuleko.

Ukuze uthole amanya amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
izingelosi zizungeze uJesu nabantwana bamaNefi

Angels Ministered unto Them [Izingelosi Zabasebenzela], nguWalter Rane

Shicilela