Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Okthoba 21–27: “Akusoze Kube Khona Abantu Ababethokoze Kangaka.” 3 Nefi 27–4 Nefi


“Ngo-Okthoba 21–27: ‘Akusoze Kuze Kube Khona Abantu Ababethokoze Kangaka.’ 3 Nefi 27–4 Nefi,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ngo-Okthoba 21–27. 3 Nefi 27–4 Nefi,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
UJesu ovukile kwabafileyo efundisa abantu

Ngo-Okthoba 21–27: “Akusoze Kube Khona Abantu Ababethokoze Kangaka”

3 Nefi 274 Nefi

Izimfundiso zikaJesu Kristu zingaphezu nje kokuba imiqondo emihle okufanele ukuthi sizindle ngayo. Zihloselwe ukusikhuthaza ukuba sibe njeNgaye. Incwadi ka-4 Nefi ikhombisa ukuthi ivangeli loMsindisi lingabaguqula kanjani abantu ngokuphelele. Ngokudlula kokufundisa okufushane kukaJesu, imibango yamakhulu eminyaka phakathi kwamaNefi namaLamani yaphela. Izizwe ezimbili ezaziwa ngokungezwani kanye nokuziqhenya zaba “munye, abantwana bakaKristu” (4 Nefi 1:17), futhi baqala ukuba “nazo zonke izinto ngokufanayo phakathi kwabo” (4 Nefi 1:3). “Uthando lukaNkulunkulu … lwalukhona ezinhliziyweni zabantu,” futhi “akusoze kuze kube khona abantu ababethokoze kangaka phakathi kwabo bonke abantu abadalwa yisandla sikaNkulunkulu” (4 Nefi 1:15–16). Lena yindlela izimfundiso zoMsindisi ezaguqula ngayo amaNefi kanye namaLamani. Ngabe zikuguqula kanjani wena?

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

3 Nefi 27:1–12

IBandla likaJesu Kristu libizwa ngegama Lakhe.

Ngesikhathi abafundi boMsindisi beqala ukumisa iBandla Lakhe ezweni lonke, kwaphakama umbuzo, kwabanye abantu, ongabukeka njengento encane—igama leBandla kumele lithini na? (bheka 3 Nefi 27:1–3). Ngabe ufunda ukuthini ngokubaluleka kwaleligama empendulweni yoMsindisi ku-3 Nefi 27:4–12 na?

UMsindisi wembula igama leBandla Lakhe namuhla (bheka IMfundiso neziVumelwano 115:4). Zindla ngegama ngalinye kulelogama. Lamazwi asisiza kanjani ukuba sazi ukuthi singobani, yini esiyikholelwayo, nokuthi kufanele siziphathe kanjani?

Bheka futhi inkulumo kaRussell M. Nelson, “Igama Elilungile LeBandlaiLiyahona, ngoNovemba 2018, 87–89.

3 Nefi 27:10–22

IBandla likaJesu Kristu lakhelwe phezu kwevangeli Lakhe.

Emva kokuchaza ukuthi iBandla Lakhe kufanele “lakhelwe phezu kwevangeli [Lakhe]” (3 Nefi 27:10), uMsindisi wachaza ukuthi liyini ivangeli Lakhe. Ngabe ungakufingqa kanjani lokho Akusho ku-3 Nefi 27:13–22 na? Ngokusekelwe kulencazelo, kusho ukuthini eBandleni—kanye nakuwe—ukwakhelwa phezu kwevangeli Lakhe?

Kubhale phansi lokho okufundayo. Qaphela lokho uMsindisi akufundisa abafundi Bakhe ku-3 Nefi 27:23–26. Kungani kubalulekile ukugcina umbhalo wezinto ezingokomoya? Ngabe yini ozizwa ugqugquzeleka ukuba uyibhale njengoba ufunda inkonzo yoMsindisi ku-3 Nefi?

3 Nefi 28:1–11

“Yini oyifisayo?”

Ungathini uma uMsindisi ekubuza, njengoba Abuze abafundi Bakhe, “Yini eniyifisayo kimi na?” (3 Nefi 28:1). Cabanga ngalokhu njengoba ufunda ku-3 Nefi 28:1–11. Ufundani ngezifiso zezinhliziyo zabafundi ezimpendulweni zabo mayelana nombuzo Wakhe na? Ziguquka kanjani izifiso zakho njengoba uphila ivangeli likaJesu Kristu?

­ Cabanga ukuthola iculo elibonisa izifiso zakho.

3 Nefi 29–30

INcwadi kaMormoni iwuphawu lokuthi umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina uyafezeka.

Cabanga ngezimpawu ezikwazisa ukuthi okuthile kuzokwenzeka. Isibonelo, wazi kanjani ukuthi imvula iyeza noma izinkathi zonyaka ziyaguquka? Ngokuka-3 Nefi 29:1–3, wazi kanjani ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokuqoqa abantu Bakhe “usuqala ukufezeka”? (bheka futhi 3 Nefi 21:1–7). Ungase futhi uqaphele, ku-3 Nefi 29:4–9, izinto abantu abazoziphika osukwini lwethu. INcwadi kaMormoni iluqinisa kanjani ukholo lwakho kulezi zinto?

4 Nefi 1:1–18

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ukulandela izimfundiso zikaJesu Kristu kuholela ebunyeni nasenjabulweni.

Kwakuyoba njani ukuphila eminyakeni eyalandela ukuvakasha koMsindisi na? Ngesikhathi ufunda u-4 Nefi 1: 1–18, cabanga ngokubhala izibusiso abantu abazithola. Ungaphinda udwebele noma uqaphele izinqumo abazenza ezabaholela kule mpilo ebusisekile. Ngabe uJesu wabafundisani okungenzeka ukuthi kwaholela ezinqumweni zabo ezilungileyo? Nazi ezinye izibonelo, kepha ungathola ezinye: 3 Nefi 11:28–30; 12:8–9, 21–24, 40–44; 13:19–21, 28–33; 14:12; 18:22–25.

Zindla ngokuthi yini ongayenza ukuze usize umndeni wakho, iwadi, noma umphakathi wakho uphile ngobunye obukhulu kanye nenjabulo. Yini ongayenza ukuze usize ukunqoba ukuhlukana futhi nibe “munye” ngempela nabanye abantwana baNkulunkulu? Yizona ziphi izimfundiso zikaJesu Kristu ezikusiza ukuba ufeze lomgomo na?

Ngokudabukisayo, umphakathi waseSiyoni ochazwe ku-4 Nefi ekugcineni wawela ebubini. Njengoba ufunda u-4 Nefi 1:19–49, bheka izimo zengqondo kanye nokuziphatha okwaqeda injabulo yabo kanye nobunye. Ngabe yini ongayenza ukuze usize ukususa lezi zimo zengqondo noma ukuziphatha na?

Bheka futhi u-Mose 7:18

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

3 Nefi 27:3–8

NgingoweBandla likaJesu Kristu.

  • Ukwethula ukubaluleka kwegama leBandla likaJesu, khuluma nabantwana bakho ngamagama abo. Ngabe kungani amagama ethu ebalulekile na? Bese ningafunda u-3 Nefi 27: 3 ndawonye, nibheke umbuzo ababenawo abafundi baJesu. Siza abantwana bakho bathole impendulo ku-3 Nefi 27:5–8. Ngabe kungani libalulekile igama leBandla?

  • Ungaphinde usize abantwana bakho ukuthi bacabange ngamaqembu ahlukene abakuwo, njengomndeni noma ikilasi leNhlangano yabaNtwana. Babuze ukuthi yini abayithandayo ngokuba seqenjini ngalinye. ­

3 Nefi 27:13–16

IBandla likaJesu Kristu lakhelwe phezu kwevangeli Lakhe.

  • UMsindisi wafingqa ivangeli Lakhe ku-3 Nefi 27. Ungase uchazele abantwana bakho ukuthi igama elithi ivangeli lisho “izindaba ezinhle.” Yiziphi izindaba ezinhle esizithola ku-3 Nefi 27:13–16? Sebenzisa ikhasi lomsebenzi lalelisonto ukufundisa ukuthi iBandla loMsindisi lakhelwe phezu kwevangeli Lakhe.

3 Nefi 27:30–31

UBaba oseZulwini uyajabula lapho abantwana Bakhe bebuyela Kuye.

  • Ningadlala umdlalo lapho othile ecasha khona futhi abanye bazame ukumthola. Lokhu kungaholela engxoxweni mayelana ngenjabulo esiba nayo lapho othile olahlekile etholakala. Emva kokufunda u-3 Nefi 27:30–31, ningaxoxa ngokuthi ningasizana kanjani ukuze nihlale eduze kukaBaba oseZulwini ukuze “kungabikho noyedwa … olahlekileyo.”

4 Nefi

Ukulandela uJesu Kristu kungilethela injabulo.

  • Ukusiza abantwana bakho bafunde ngenjabulo yabantu abachazwe ku-4 Nefi, ungabakhombisa izithombe zabantu abajabulile. Bese, njengoba nifunda ndawonye amavesi 2–3 kanye nawe-15–17 bangakhomba ezithombeni uma ufika kokuthile endabeni okuletha injabulo.

  • Ukusiza abantwana bakho ukuthi benze lokho okufundiswa ku-4 Nefi 1:15–16, ungababikela izimo lapho abantu bethukuthelelana khona. Bameme ukuba balingise ukuthi isimo singaba njani uma “sinothando lukaNkulunkulu” ezinhliziyweni zethu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
uJesu ekhuluma nabafundi abathathu bamaNefi

Christ with Three Nephite Disciples [UKristu naBafundi Abathathu bamaNefi], nguGary L. Kapp.

Shicilela