Ngo-Ephreli 28–Meyi 4: ‘UMthetho Wami wokuBusa iBandla Lami’: IMfundiso neziVumelwano 41–44,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 41–44,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Ngo-Ephreli 28–Meyi 4: “UMthetho Wami wokuBusa iBandla Lami; ”
IMfundiso neziVumelwano 41–44
IBandla lakhula ngokushesha ngo-1830 kanye no-1831, ikakhulukazi ngokuputhuma kwamalungu amasha eKirtland, e-Ohio. Lokhu kukhula kwakujabulisa futhi kwabakhuthaza abaNgcwele, kodwa futhi kwaletha izinselelo ezithile. Ulihlanganisa kanjani iqembu lamakholwa elanda ngokushesha? Kahle kahle, yini ethize oyenzayo uma beletha izimfundiso nemikhuba ephuma ezinkolweni zabo zangaphambili? Isibonelo, kwathi uma uJoseph Smith efika eKirtland ekuqaleni kwenyanga kaFebruwari ngo-1831, wathola amalungu amasha ehlala ndawonye ngenhloso yokulingisa amakholwa eTestamente Elisha (bheka IzEnzo 4:32–37). INkosi yenza izilungiso nezincazelo ezibalulekile kulokhu kanye nezinye izihloko. Lokhu yakwenza kakhulu ngesambulo esibhalwe kwiMfundiso neziVumelwano 42 eyasibiza ngokuthi “umthetho wami wokubusa ibandla lami” (ivesi 59). Kulesi sambulo, sifunda amaqiniso abalulekile ekumiseni iBandla leNkosi ezinsukwini zokugcina. Futhi sifunda ukuthi kuningi okumele sikufunde: “Uma uyocela,” iNkosi yathembisa, “uyonikwa isambulo phezu kwesambulo, ulwazi phezu kolwazi” (IMfundiso neziVumelwano 42:61).
-
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
“Lowo owamukela umthetho wami futhi awenze, nguye lowo ongumfundi wami.”
Ekuqaleni kuka-1831, abaNgcwele base beqala ukuhlangana e-Ohio. Babelangazelela ukuthola umthetho uNkulunkulu ayethembise ukuwembula lapho (bheka IMfundiso neZivumelwano 38:32). Kodwa okokuqala, iNkosi yafundisa ukuthi abafundi Bayo kwakufanele bazilungisele kanjani ukuze bemukele umthetho Wayo. Ngabe yimiphi imigomo oyitholayo kwiMfundiso neziVumelwano 41:1-6 eyayizosiza abaNgcwele ukuba bamukele umthetho kaNkulunkulu na? Lemigomo ingakusiza kanjani wena ukuze ukwazi ukwemukela imfundiso evela Kuye na?
-
INkosi inginika imiyalelo ngoba Iyangithanda.
AbaNgcwele bathahta isambulo esitholakala kwiMfundiso neziVumelwano 42:1–71 njengesibalulekile uMprofethi ake asithola. Kwakungesinye sezambulo zokuqala ezashicilelwa. Iminyaka eminingi, abaNgcwele babesibiza nje ngokuthi “umthetho.” Nakuba lesi sigaba singenayo yonke imiyalelo noma imithetho yeNkosi, kubalulekile ukuzindla ngokuthi kungani lemigomo yayibalulekile eBandleni elibuyiselwe kabusha. Kungani ibalulekile kithina namhlanje na?
Ngoba isigaba 42 side, ungase ucabangele ukusifunda ngezingxenye ezincane, njengalezi ezilandelayo. Khomba imigomo efundiswa kuleyo naleyo, bese ubheka ukuthi lemithetho iwuphawu kanjani lothando lweNkosi ngabantu Bayo.
Kungani uNkulunkulu esinika imithetho nemiyalelo na? Ngabe ubusiswe ngaziphi izindlela ngokwazi nokulandela imithetho na?
IMfundiso neziVumelwano 42:30–42
“Khumbula abampofu”
Njengengxenye yomthetho ovezwe esigabeni 42, iNkosi yafundisa abaNgcwele Bayo ukuthi babengenza kanjani, njengabalandeli baKristu emandulo, babene “zinto zonke ngokufanayo” (IzEnzo 2:44; 4 uNefi 1:3), kungekho “ompofu phakathi kwabo” (uMose 7:18). Ufundani kwiMfundiso neziVumelwano 42:30-42 ngokuthi iNkosi yawuphila kanjani umthetho wokunikela na? (Ukunikela kusho ukubeka into eceleni ngenjongo engcwele)
Nakuba singenazo “zonke izinto ngokufanayo namhlanje, emathempelini AbaNgcwele beziNsuku zokuGcina benza isivumelwano sokuphila umthetho wokunikela. Unganikela kanjani lokho uNkululnkulu akunike kona ukuze ubusise abantu abaswele na?
IMfundiso nezivumelwano 42:61; 65–68; 43:1–16
UNkulunkulu unika isambulo ukuze aqondise iBandla Lakhe—aphinde aqondise nami.
Ake uzicabange uxoxa nelungu leBandla elisha elijabuliswe wukuthi iBandla liqondiswa ngesambulo. Ungasisebenzisa kanjani isambulo kwiMfundiso neziVumelwano 43:1–16 ukumchazela ngesifanekiso seNkosi sokuqondisa iBandla Layo ngoMprofethi Wayo na? Ungayisebenzisa kanjani IMfundiso neziVumelwano 42:61, 65–68 ukumfundisa ngesambulo esiqondene nomuntu uqobo na?
Yiziphi ezinye “zezinto zomoya wokuthula” nezinto ezijabulisayo ozitholile eNkosini ngoMoya Wayo na?
Ukufunda ngendlela abaholi beBandla abalizwa ngayo izwi leNkosi, ungabuka enye yamavidiyo eqoqweni elithi “Hear Him[Yizweni]” kuMtapo woLwazi weVangeli. Cabanga ukuzenzela ividiyo yakho, uchaze ukuthi iNkosi ikhuluma nawe kanjani.
-
Amasu okuFundisa AbaNtwana
Umfundi ngumuntu owamukela umthetho kaNkulunkulu futhi awulalele.
-
Ukuze usize abantwana bakho bazi ukuthi kusho ukuthini ukuba umfundi kaJesu Kristu, ungabhala IMfundiso neziVumelwano 41:5 ephepheni, ushiye izikhala lapho igama elithi umfundi kufanele libe khona. Bangase babheke ivesi 5 ukuthola igama elingekho. Ngokusho kwalelivesi, kusho ukuthini ukuba ngumfundi kaJesu Kristu. Sizama kanjani ukufana njengabafundi abangcono baKristu na?
Ngiyajabula uma ngilalela iNkosi.
-
Abantwana bakho bangase bajabulele ukudlala umdlalo odinga ukuba balalele ngokuqaphela futhi balandele imiyalelo. Ungasebenzisa lomdlalo ukukhuluma ngokuthi kusho ukuthini ukuthi “lalelani futhi nizwe futhi nithobele” iNkosi (IMfundiso neziVumelwano 42:2). Iyiphi imiyalelo asinikeze yona na? Sibusiseka kanjani ngokulandela imithetho nemiyalelo Yakhe na?
-
Ungase uqedele ikhasi lomsebenzi wakuleli sonto nabantwana bakho. - Cabangani ukwabelana omunye nomunye ukuthi ukulalela imithetho kaNkulunkulu kukulethele kanjani injabulo.
Ngisiza uJesu Kristu uma ngisiza abanye.
-
Ngemuva kokufunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 42:38, Siza abantwana bakho bacabange izindlela abangasiza ngazo uJesu ngokusiza abanye. Bangathola eminye imibono kuvidiyo ethi “Pass It On[Dlulisa]” (ChurchofJesusChrist.org). -
-
Ungakhombisa abantwana bakho isiliphu sokweshumi kanye neminye iminikelo bese ukhuluma ngokuthi singayisebenzisa kanjani ukuze sinikele ngalokho esinakho ukubusisa abanye (bheka futhi “”).
IMfundiso neziVumelwano 43:1–7
Umprofethi kuphela ongathola isambulo seBandla lonke.
-
Mema abantwana bakho ukuthi babone ngamehlo engqondo othile esukuma emhlanganweni wobufakazi futhi atshele iwadi ukuthi usethole isambulo seBandla lonke (isibonelo, isambulo sokuthi akufanele sisadla izaqathi noma ukuthi kufanele sigeze izandla zethu ngobisi esikhundleni samanzi.) Uthi asilalele akushoyo esikhundleni somprofethi. Kungaba yini okungalungile ngalokho na? Ningabe senifunda IMfundiso neziVumelwano 43:1–7 ndawonye ukuze nithole ukuthi iNkosi iyinika kanjani imiyalelo eBandleni Layo.
-
Ungakwazi futhi ukukhombisa isithombe somprofethi ophilayo bese umema abantwana bakho ukuthi babe okuthile akufundisile kamuva nje Uma bedinga usizo, yabelana ngesiqeshana sevidiyo noma indinyana evela kumlayezo wengqungquthela yebandla lonke yakamuva. Kungani kuyisibusiso ukuba nompofethi namuhla na?