ITestamente Elisha 2023
Isithasiselo: Ukulungiselela Abantwana Bakho Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano


“Isithasiselo: Ukulungiselela Abantwana Bakho Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: iTestamente Elisha 2023 (2022)

“Isithasiselo,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023

Isithasiselo

Ukulungiselela Abantwana Bakho Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano

Ngoba uyakuthanda, uyakwethemba, futhi uyakwazi ongahle ube yikho, uBaba oseZulwini ukunikeze ithuba lokusiza abantwana bakho bangene futhi baqhubekele phambili endleleni Yakhe yesivumelwano, indlela eya ekuphileni kwaphakade (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:25–28). Lokhu kubandakanya ukubasiza balungiselele ukwenza nokugcina izivumelwano ezingcwele, njengesivumelwano sombhabhadiso nezinye izivumelwano ezenziwa ethempelini. Ngalezi zivumelwano, abantwana bakho bazozibophezela kuMsindisi, uJesu Kristu.

Ziningi izindlela zokulungiselela abantwana bakho ukuba bathathe lolu hambo lwendlela yesivumelwano, futhi uBaba oseZulwini uzokusiza uthole indlela enhle kakhulu yokubasiza. Ngesikhathi ufuna intshisekelo, ukhumbule ukuthi akukhona konke ukufunda okwenzeka ngesikhathi sezifundo ezihleliwe. Empeleni, okunye okwenza ukufunda ekhaya kube namandla kangaka yithuba lokufunda ngesibonelo ezimweni ezincane neziwubala––lezo ezenzeka ngokwemvelo ngesikhathi kuphilwa nje. Njengoba ukulandela indlela yesivumelwano kuyinqubo yokuphikelela, yempilo yonke, kunjalo-ke nokufunda ngendlela yesivumelwano. (Bheka incwadi yokufunda ethi “Ikhaya noMndeni,” Ukufundisa Ngendlela KaMsindisi [2022], 30–31.)

Isithombe
umama nomntwana

Ziningi izindlela zokulungiselela abantwana bakho ukuba bathathe uhambo lwabo endleleni kaNkulunkulu yesivumelwano.

Lapha ngezansi kukhona amasu angase aholele kwenye intshisekelo. Ungathola amanye amasu okufundisa abantwana abalingana nabantwana beNhlangano Yabantwana esihlokweni esithi “Preparing Children for a Lifetime on God’s Covenant Path” esitholakala encwadini ethi Come, Follow Me—For Primary.

UmBhabhadiso nokuQiniswa

UNefi wafundisa ukuthi “isango okufanele [s]ingene ngalo” endleleni yesivumelwano “ngukuphenduka kanye nokubhabhadiswa ngamanzi” (2 Nefi 31:17). Imizamo yakho yokusiza abantwana bakho balungiselele umbhabhadiso nokuqiniswa ingabasiza bame baqine kuleyo ndlela. Lemizamo iqala ngokufundisa ngokholo kuJesu Kristu kanye nokuphenduka. Iphinde ibandakanye nokufundisa ngokuvuselela izivumelwano zethu zombhabhadiso ngokuthatha isidlo esingcwele isonto nesonto.

Nanka amanye amasu angakusiza: 2 Nefi 31; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Umbhabhadiso,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

  • Njalo uma udlula esimweni esiqinisa ukholo lwakho kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu, xoxela umntwana wakho ngaso. Msize aqonde ukuthi ukholo yinto engakhula ibe namandla impilo yonke. Yiziphi ezinye izinto umntwana wakho angazenza ukuze akhe ukholo olunamandla kuJesu Kristu ngaphambi kokuba abhabhadiswe na?

  • Uma umntwana wakho enza okungalungile, khuluma ngenjabulo ngesipho sokuphenduka. Futhi uma wena wenza okungalungile, abelana naye ngentokozo efikayo ngesikhathi uphenduka. Fakaza ukuthi ngenxa yokuthi uJesu Kristu wezwa ubuhlungu futhi wafela izono zethu, Wasipha amandla okushintsha. Uma umntwana wakho efuna uxolo, mxolele ngokukhululeka futhi ngentokozo.

  • Xoxela umntwana wakho ngombhabhadiso wakho. Veza izithombe uxoxe ngokukhumbulayo. Xoxa ngokuthi wazizwa kanjani, ngendlela izivumelwano zakho zombhabhadiso ezikusize ngayo ukuba umazi kangcono uJesu Kristu, nokuthi ziqhubeka kanjani nokubusisa impilo yakho. Mkhuthaze umntwana wakho ukuba abuze imibuzo.

  • Uma kukhona umbhabhadiso emndenini noma ewadini lakho, thatha umntwana wakho ayowubona. Xoxani ngokuthi wena nomntwana wakho niboneni futhi nezwani. Uma kungenzeka, xoxa nalomuntu obhabhadiswayo umbuze imibuzo efana nalena elandelayo: “Usithathe kanjani lesi sinqumo na? Uzilungiselele kanjani na?”

  • Uma ubona umntwana wakho enza okuthile athembise ukukwenza, mncome ngokweqiniso. Cacisa ukuthi ukugcina izethembiso kuyasisiza silungiselele ukugcina izivumelwano esizenzayo uma sibhabhadiswa. Ngabe yini esiyethembisa uNkulunkulu uma sibhabhadiswa na? Ngabe Yena usithembisani na? (Bheka uMosiya 18:8–10, 13).

  • Uma wena nomntwana wakho nizuza ndawonye ngandlela thile ngokomoya (njengasesontweni, ngesikhathi nifunda imibhalo engcwele, noma ngesikhathi nisiza umuntu), mtshele ngemizwa yangokomoya noma imicabango onayo. Mema umntwana wakho ukuba abelane nawe ngemizwa yakhe. Qaphela izindlela ezahlukene uMoya angakhuluma ngazo nabantu, kubandakanya nendlela Akhuluma nawe ngayo. Siza umntwana wakho abone izikhathi lapho okungenzeka ukuthi uzwa ithonya likaMoya oNgcwele.

  • - Xoxani ndawonye ngezindlela ezahlukene izinceku zeNkosi ezizwa ngayo izwi Layo. Mema umntwana wakho ukuba adwebe isithombe noma enze ividiyo mayelana nokuthi ulizwa kanjani izwi loMsindisi.

  • Xoxa ngokuthi kukubusise kanjani ukuba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Usondelane kanjani noBaba oseZulwini noJesu Kristu ngesikhathi usiza abanye nangesikhathi abanye besize wena na? Siza umntwana wakho acabange izindlela zokusiza nokuqinisa abanye njengelungu leBandla.

  • Yenza isidlo esingcwele sibe yisikhathi esingcwele nesinentokozo emndenini wakho. Siza umntwana wakho ahlele izindlela angagxila ngazo kuJesu Kristu ngesikhathi sesidlo esingcwele. Sizotshengisa kanjani ukuthi isidlo esingcwele singcwele kithi na?

  • Iphephabhuku le Friend (Umngani) liqukethe izindatshana, izindaba ezilandiswayo, nokwenziwayo kokusiza abantwana balungiselele ukubhabhadiswa nokuqiniswa. Vumela umntwana wakho akhethe okunye azokufunda futhi akujabulele nawe. -

    Isithombe
    umfana ebhabhadiswa

    UNefi wafundisa ukuthi “isango okufanele [s]ingene ngalo” endleleni yesivumelwano “ngukuphenduka kanye nokubhabhadiswa ngamanzi” (2 Nefi 31:17).

Ukufundisa Abantwana Bakho ngobuPristi

Ubupristi yigunya namandla kaNkulunkulu abusisa ngalo abantwana Bakhe. Ubupristi bukaNkulunkulu busemhlabeni namuhla eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Onke amalungu eBandla agcina izivumelwano zawo abusiswa ngamandla obuPristi bukaNkulukulu emakhaya awo ukuze aziqinise wona nemindeni yawo.(bheka General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 3.5, ChurchofJesusChrist.org). Lamandla azosiza amalungu ukuba enze umsebenzi kaNkulunkulu wensindiso nokuphakanyiswa ezimpilweni zawo nasemindenini yawo.

Sithola izimiso ngegunya lobupristi. Uma amododa nabesifazane besebenza obizweni lweBandla, bakwenza lokhu ngegunya lobupristi, beholwa yilabo abaphethe izihluthulelo zobupristi. Bonke abantwana baBaba oseZulwini—amadodana namadodakazi Akhe—bazobusiseka ngesikhathi bebuqonda kangcono ubupristi.

-

  • Yenza izimiso zobupristi zibe yingxenye evamile yempilo yomndeni wakho. Isibonelo, siza umntwana wakho alungiselele ngokomoya isidlo esingcwele isonto nesonto. Khuthaza umntwana wakho ukuba afune izibusiso zobupristi uma egula noma edinga induduzo noma ukuholwa. Kwenze kube yinjwayelo ukukhomba izindlela iNkosi ebusisa ngayo umndeni wakho ngamandla obupristi.

  • Ngesikhathi nifunda imibhalo engcwele ndawonye, bheka amathuba okuxoxa ngendlela uNkulunkulu abusisa ngayo abantu ngamandla Akhe. Landa ngokuthi iNkosi ikubusise kanjani wena ngobupristi. -

  • Funda ukuhamba kohlu lwegunya lobupristi komuntu osemndenini wakho. - LineofAuthority@ChurchofJesusChrist.org- ChurchofJesusChrist.org- Xoxa ngokuthi kungani kubalulekile ukwazi ukuthi igunya lobupristi liphuma kuJesu Kristu uqobo. Kungani abelana nathi ngalo na?

  • Fundisa umntwana wakho ukuthi emuva kombhabhadiso, angathola amandla obupristi ngokugcina isivumelwano sombhabhadiso. - Xoxela umntwana wakho ngokuthi izimiso zobupristi ziwalethe kanjani amandla kaNkulunkulu empilweni yakho. Ukuthola uhlu lwezinye izindlela esibusiseka ngazo ngamandla obupristi, bheka kwi General Handbook, 3.5.

  • Xoxani ngombuzo othi “Ngabe inceku yeNkosi injani na?” Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 121:36–42, nibheke izimpendulo. Njalo uma ubona umntwana wakho (noma omunye umuntu) ephila imigomo noma izimpawu ezitholakala kulamavesi, kukhombe lokho.

  • Uma wena noma umntwana wakho esebenzisa izihluthulelo ukuvula umnyango noma ukudumisa imoto, sebenzisa lelothuba uqhathanise lezo zihluthulelo nezihluthulelo eziphethwe abaholi bobupristi. - Izihluthulelo zobupristi “zisivulela” noma “zisiqalela” ini? - ChurchofJesusChrist.org.

  • Uma wahlukaniselwa ubizo, mema umntwana wakho ukuba abe khona, uma kungenzeka. Vumela umntwana wakho akubone ufeza ubizo lwakho. Ungase futhi ubheke nezindlela ezifanele angakusiza ngazo. Chaza ukuthi uwezwa kanjani amandla eNkosi obizweni lwakho.

Ukuya eThempelini—Imibhabhadiso nokuQiniswa kwabangaSekho

Amathempeli ayingxenye yesu likaBaba oseZulwini ngabantwana Bakhe. Emathempelini, senza izivumelwano ezingcwele noBaba oseZulwini ngesikhathi sibamba iqhaza kwizimiso ezingcwele, zonke ezikhomba kuJesu Kristu. UBaba oseZulwini wenze indlela yokuba bonke abantwana Bakhe benze izivumelwano futhi babambe iqhaza kwizimiso, ngisho nalabo abangazange bazithole kulempilo. Ekuqaleni konyaka lapho umntwana wakho ezoba neminyaka eyi-12, usengabhabhadiselwa futhi aqiniselwe okhokho abangasekho.

- temples.ChurchofJesusChrist.org.

  • Yana ethempelini njalo uma isimo sivuma. Xoxa nomntwana wakho ngokuthi kungani uya khona nangokuthi ithempeli likusiza kanjani uzizwe usondelene noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

  • Buyekezani futhi nixoxe ngemibuzo yemvume yokungena ethempelini ndawonye. Xoxa nomntwana wakho ngokuthi kwenzekani ngesikhathi sengxoxo yemvume yokungena ethempelini. Abelana naye ngokuthi kungani ukuba nemvume yokungena ethempelini kubalulekile kuwe.

  • Fundani ndawonye uMalaki 4:6. Xoxani ngokuthi izinhliziyo zenu zingaphendulelwa kanjani kokhokho benu. Fundani kabanzi ngokhokho benu ngokuhlola umlando womndeni wenu ndawonye ku- FamilySearch.org. Bhekani okhokho abadinga ukubhabhadiswa nokuqiniswa. Owasewadini osebenza ngamathempeli nemilando yomndeni anganisiza.

  • - - ChurchofJesusChrist.org-

Ukuthola isiBusiso Somphatriyakhe

Isibusiso somphatriyakhe singaba ngumthombo wokuholwa, induduzo, kanye nokuthola intshisekelo. Siqukethe iseluleko somuntu siqu esivela kuBaba oseZulwini futhi siyasisiza siqonde ngenhloso yethu yaphakade nokuthi singobani. Siza umntwana wakho alungiselele ukuthola isibusiso somphatriyakhe ngokumfundisa ukubaluleka nobungcwele besibusiso somphatriyakhe.

Ukuze ufunde kabanzi, bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Izibususiso Zomphatriyakhe,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

  • Xoxela umntwana wakho ngesikhathi owathola ngaso isibusiso sakho somphatriyakhe. Ungabelana naye ngezinto ezifana nokuthi wakulungiselela kanjani ukusithola, sikusize kanjani ukuba usondelane noNkulunkulu, nokuthi usisebenzisa kanjani lesi sibusiso empilweni yakho. Ungase uphinde umeme umntwana ukuba axoxe namanye amalungu omndeni asethole izibusiso zabo zomphatriyakhe.

  • Thathani isikhathi sokuhlola ndawonye amanye amasu eziHlokweni zemiBhalo eNgcwele, “Izibusiso Zomphatriyakhe.” -

  • Uma unokhokho abathola izibusiso zomphatriyakhe, kungase kukhuthaze ukufunda ngezinye zazo nomntwana wakho. Ukuze ucele izibusiso zokhokho abafile, ngena ku-akhawunti ye- ChurchofJesusChrist.org, chofoza isithonjana se-akhawunti ohlangothini olungakwesokudla phezulu esikrinini, bese ukhetha “Isibusiso Somphatriyakhe.”

  • Ngemva kokuba umntwana wakho esithole isibusiso somphatriyakhe, mema noma yimaphi amalungu omndeni abekhona ukuba abhale phansi imizwa yawo futhi abelane ngayo nomntwana wakho.

Ukuya eThempelini—Ukwembathiswa

UNkulunkulu ufuna ukwembathisa, noma ukubusisa, bonke abantwana Bakhe “[ng]amandla asuka phezulu” (IMfundiso neziVumelwano 95:8). Siya ethempelini ukuyokwembathiswa kanye kuphela, kepha izivumelwano esizenza noNkulunkulu namandla angokomoya asinika wona njengengxenye yokwembathiswa kungasibusisa zonke izinsuku zezimpilo zethu.

- temples.ChurchofJesusChrist.org-

  • Beka obala isithombe sethempeli ekhaya lakho. Xoxela umntwana wakho ngemizwa oyizwayo ethempelini. Zijwayeze ukuxoxa ngothando onalo lweNkosi neNdlu Yakhe kanye nezivumelwano ozenzile khona.

  • - temples.ChurchofJesusChrist.org. - Vumela umntwana wakho abuze noma yimiphi imibuzo anayo ngethempeli. -

  • Ngesikhathi wena nomntwana wakho nibamba iqhaza ezimisweni noma nizibonela ukwenziwa kwazo (njengesidlo esingcwele noma isibusiso sokwelashwa), thathani isikhashana nixoxe ngezimpawu eziyingxenye yalesi simiso. Ngabe lezi zimpawu zimeleni na? Ngabe zifakaza kanjani ngoJesu Kristu na? Lokhu kungasiza umntwana wakho alungiselele ukucabanga ngokuthi izimpawu zezimiso zasethempelini zimeleni, eziphinde futhi zifakaze ngoJesu Kristu.

  • Siza umntwana wakho abone ukuthi usigcina kanjani isivumelwano sombhabhadiso esichazwe ku Mosiya 18:8–10, 13. Phinda umsize umntwana wakho abone ukuthi iNkosi imbusisa kanjani. Khulisa ukuzethemba komntwana wakho ngokuthi uzokwazi ukuzigcina izivumelwano.

  • Vama ukuxoxa ngendlela izivumelwano zasethempelini ezihola ngayo ukwenza kwakho nangendlela ezikusondeza ngayo kuJesu Kristu. -

Ufeza Ukuthunywa

IGosa u David A. Bednar lafundisa ukuthi: “Into ebalulekile kakhulu ongayenza ukulungiselela ubizo lokuyosebenza ukuba wumfundisi wevangeli ngaphambi kokuba uhambe uye emsebenzini wokuthunywa. … Okubalulekile akukhona ukuthunywa; kodwa okubalulekile ukuba wumfundisi wevangeli nokusebenza impilo yethu yonke ngenhliziyo, amandla, umqondo, nomfutho wonke. … Ulungiselela umsebenzi wokufundisa ivangeli wempilo yonke” (“Becoming a Missionary,” iLiyahona, Nov. 2005, 45–46). Konke azodlula kukho umntwana wakho ngesikhathi eba ngumfundisi wevangeli kuzombusisa ingunaphakade, hhayi ukuthi uzobusiseka isikhashana leso azobe esebenza ngaso njengomfundisi wevangeli kuphela.

- ChurchofJesusChrist.org.

  • Yiba yisibonelo sendlela yokwabelana ngevangeli ngendlela ejwayelekile. Hlala uqaphele amathuba okwabelana nabanye ngemizwa yakho ngoBaba oseZulwini kanye noMsindisi nezibusiso ozitholayo njengelungu leBandla Lakhe. Mema abanye ukuba bahlanganyele nomndeni wakho kukho konke okwenziwayo eBandleni nasemndenini wakho.

  • Bheka amathuba okuba umndeni wakho uxhumane nabafundisi bevangeli. Bameme ukuba bafundise abangani bakho, noma ubavumele ukuba bafundisele abantu ekhaya lakho. Buza abefundisi bevangeli ngakho konke abadlula kukho nokuthi ukusebenza njengabefundisi bevangeli kubasiza kanjani ukuthi basondelane noJesu Kristu. Phinde ubabuze ukuthi yini abayenzile (noma abafisa ukuthi ngabe bayenza) ukulungiselela ukuba ngabefundisi bevangeli.

  • Uma wake wathunywa, xoxa ngakho konke owadlula kukho ngokukhululeka. Noma meme abangani noma amalungu omndeni ake athunywa ukuba baxoxe ngohambo lwabo. Ungahle futhi ukhulume ngezindlela owabelane ngazo ngevangeli empilweni yakho yonke. Siza umntwana wakho acabange ngezindlela angabelana ngazo ngevangeli.

  • Nikeza umntwana wakho ithuba lokufundisa umndeni wakho ngemigomo yevangeli. Umntwana wakho angahle futhi azijwayeze ukwabelana ngenkolo yakhe nabanye. Isibonelo, ningaxoxa ngemibuzo efana nalena “Singamuzisa kanjani umuntu ongakaze ezwe ngeNcwadi kaMormoni na?” noma “Singasichaza kanjani isidingo sikaMsindisi kumuntu ongasiyena umKristu na?”

  • Siza umntwana wakho ajwayele ukukhuluma nabantu. Ngabe yiziphi izindlela ezinhle zokuqala ingxoxo na? Khuthaza umntwana wakho ukuthi afunde ukulalela ukuthi abanye bathini, aqonde okusezinhliziyweni zabo, futhi abelane ngamaqiniso evangeli angabusisa izimpilo zabo.

  • Bheka amathuba okuba umntwana wakho afunde ngamanye amasiko nezinkolo. Msize abone futhi ahloniphe imigomo emihle neyiqiniso ezinkolweni zabanye.

Ukuya eThempelini—Ukubopha

Ethempelini, umyeni nomkakhe bangashadela ingunaphakade. Lokhu kwenziwa ngesimiso esibizwa ngokuthi ukubopha. Noma lesi simiso sisekude nendodana noma nendodakazi yakho, izinto ezincane nezingelutho, enijwayele ukuzenza ndawonye ngaleyo minyaka zingamsiza alungiselele lesi sibusiso esihle kangaka.

- topics.ChurchofJesusChrist.org.

  • Fundani ndawonye “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” ku- ChurchofJesusChrist.org. Ngabe lesi simemezelo sifundisani ngenjabulo yasemndenini nangomshado onempumelelo na? Ninomntwana wakho, khethani umgomo owodwa kuleyo ebaliwe kulesi simemezelo enizowufunda. Ningabheka imibhalo engcwele ehambisana nalowo mgomo kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele. Ningase futhi nenze izinjongo zokuwuphila lowo mgomo ngokuphelele emndenini wenu. Ngesikhathi niphokophelela ukufeza leyo njongo yenu, xoxani ndawonye ngomphumela okhona ngenxa yokuphila lowo mgomo empilweni yomndeni.

  • - - - - -

  • Uma ushadile, xoxa ngokukhululeka nomntwana wakho ngezinto ozwa sengathi nizenza kahle njengezithandani, izinto ozifundayo, nezindlela enizama ngazo ukwenza kangcono. Uma wena noshade naye seniboshiwe ethempelini, khombisa umntwana ngesibonelo indlela enizama ngayo ukugcina izivumelwano eziphakathi kwenu neziphakathi kwenu neNkosi. Xoxela umntwana wakho ngendlela enizama ngayo ukwenza uBaba oseZulwini noJesu Kristu babe yisizinda sobudlelwane benu nokuthi Bona banisiza kanjani.

  • Uma kufanele kuthathwe izinqumo emndenini, xoxani nibambe imihlangano yomndeni. Qinisekisa ukuthi yonke imibono yamalungu omndeni iyalalelwa futhi ithathwa njengebalulekile. Sebenzisa lezi zingxoxo njengethuba lokwenza isibonelo sokuxhumana okunempilo nesihe kubudlelwane bomndeni, ngisho lapho ningaboni ngaso linye.

  • Uma kunokuphikisana noma ingxabano emndenini, khombisa isineke nozwelo. Siza umntwana wakho abone ukuthi ukuxazulula ingxabano ngezindlela ezifana nezikaKristu kungamsiza kanjani ukuthi alungiselele umshado onenjabulo. Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 121:41–42, bese nixoxe ngokuthi imigomo etholakala kulamavesi ingaphilwa kanjani emshadweni.

Shicilela