ITestamente Elisha 2023
NgoDisemba 25–31. IsAmbulo 15–22: “Onqobayo uyakuLidla Ifa Lalezo Zinto”


“NgoDisemba 25–31. IsAmbulo 15–22: ‘Onqobayo uyakuLidla Ifa Lalezo Zinto,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoDisemba 25–31. IsAmbulo 15–22,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu Kristu ubingelela abantu ekuZeni Kwakhe kwesiBili

The City Eternal [Idolobha laPhakade], nguKeith Larson

NgoDisemba 25–31

IsAmbulo 15–22

“Onqobayo uyakuLidla Ifa Lalezo Zinto”

Ngezinye izikhathi isithiyo esikhulu ekufundeni siwukucabanga kwethu ukuthi akudingeki sifunde—ngoba vele siyazi. Njengoba ufunda imibhalo engcwele, vulekela ukuqonda okusha iNkosi efuna ukukunika kona.

Bhala Imizwa Yakho

Njengoba ungase ukhumbule, incwadi IsAmbulo iqala ngokuthi uMsindisi azimemezele ukuthi “uyisiqalo nesiphetho” (IsAmbulo 1:8). Ngokufanelekile, iphetha ngamagama afanayo: “Mina ngi… [yi]isiqalo nesiphetho” (IsAmbulo 22:13). Ngabe kusho ukuthini lokhu na? Isiqalo nesiphetho sani na? Incwadi yesAmbulo ifakaza ngamandla ukuthi uJesu Kristu uyisiqalo nesiphetho sayo yonke into—sezehlakalo ezinkulu, ezishanelayo zokuba khona komuntu nensindiso. “UyiWundlu elihlatshiwe kusukela ekusekelweni kwezwe” (IsAmbulo 13:8). Futhi uyiNkosi yamakhosi eqeda ububi, usizi, ngisho nokufa ngokwako futhi ungenisa “izulu elisha nomhlaba omusha” (IsAmbulo 21:1).

Nokho ngaphambi kokuba leli zulu elisha nomhlaba omusha kufike, kuningi okufanele sikunqobe: izinhlupho, izimpi, ububi obudlangile—konke lokhu IsAmbulo sikuchaza ngokucacile. Kodwa uJesu Kristu unathi kulengxenye futhi. “Uyinkanyezi yokusa ekhanyayo” ekhanya esibhakabhakeni esimnyama njengesithembiso sokuthi ukusa kuyeza maduze (IsAmbulo 22:16). Futhi khona kuyeza maduze. UYeza. Ngisho nanjengoba Esimema, “Wozani kimi” (NgokukaMathewu 11:28), Naye uyeza kithi. “Ngiyeza masinyane,” usho kanje. Futhi ngethemba nokholo oluye lwahlanzwa emlilweni wobunzima bezinsuku zokugcina, siyaphendula, “Noma kunjalo, woza, Nkosi Jesu” (IsAmbulo 22:20).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IsAmbulo 16–18; 21–22

INkosi iyangimema ukuba ngibaleke eBhabhiloni futhi ngizuze “umuzi ongcwele” njengefa.

Ngemva kokubona ukubhujiswa nobungozi bezinsuku zokugcina, uJohane wabona usuku oluzayo olungafinyezwa esimemezelweni seNkosi esithi “Bheka, ngenza konke kube kusha” (IsAmbulo 21:5). Enye indlela yokuqonda ukuthi lokho kusho ukuthini wukuqhathanisa incazelo kaJohane yeBhabhiloni, uphawu lwezwe nobubi (bheka IsAmbulo 16–18), ngokuchaza kwakhe iJerusalema entsha, efanekiswa nenkazimulo yesilestiyali ebukhoneni bukaNkulunkulu (bheka IsAmbulo 21–22). Lelishadi elilandelayo lingahle likusize:

IBhabhiloni

IJerusalema eNtsha

IBhabhiloni

IsAmbulo 16:3–6

IJerusalema eNtsha

IsAmbulo 21:6; 22:1–2, 17

IBhabhiloni

IsAmbulo 16:10; 18:23

IJerusalema eNtsha

IsAmbulo 21:23–24; 22:5

IBhabhiloni

IsAmbulo 17:1–5

IJerusalema eNtsha

IsAmbulo 21:2

IBhabhiloni

IsAmbulo 18:11, 15

IJerusalema eNtsha

IsAmbulo 21:4

IBhabhiloni

IsAmbulo 18:12–14

IJerusalema eNtsha

IsAmbulo 21:18–21; 22:1–2

Yimuphi omunye umehluko owubonayo na?

Ungase futhi uzindle ngokuthi kusho ukuthini kuwe ‘ukuphuma’ eBhabhiloni (IsAmbulo 18:4). Ngabe yikuphi okutholayo kwisAmbulo 21–22 okukukhuthaza ukuba wenze kanjalo na?

Isithombe
UJesu enabantu ekukhanyeni ngakwesokunene Sakhe nabantu abasebumnyameni ngakwesokunxele sakhe

The Last Judgement [Isahlulelo sokuGcina], nguJohn Scott

IsAmbulo 20:12-15; 21:1-4

Bonke abantwana bakaNkulunkulu bayokwahlulelwa encwadini yokuphila.

Ake sithi umbhali uthembisa ukubhala incwadi ngempilo yakho. Yimiphi imininingwane noma izehlakalo ongathanda zifakwe na? Uma bewazi ukuthi izenzo zakho zesikhathi esizayo nazo zizoqoshwa, ubungayibheka kanjani impilo yakho ngendlela ehlukile na? Cabanga ngalokhu njengoba ufunda IsAmbulo 20:12–15. Yini othemba ukuthi izobhalwa ngawe encwadini yokuphila na? Ungayichaza kanjani indima yoMsindisi empilweni yakho na? Ngokubona kwakho, kungani kubalulekile ukuthi ibizwa ngokuthi “incwadi yokuphila yeWundlu” na? (IsAmbulo 21:27).

Uma umcabango wokuma phambi kukaNkulunkulu ukuze wahlulelwe ungakuphathi kahle, cabanga ukufunda IsAmbulo 21:1–4. Ebhekisela kulamvesi, iGosa uDieter F. Uchtdorf lathi:

“Lolo Suku Lokwahlulela luyoba usuku lwesihe nothando—usuku lapho izinhliziyo ezidabukile zelashwa, lapho izinyembezi zosizi zithathelwa indawo izinyembezi zokubonga, lapho konke kuyolungiswa. Yebo, kuyoba khona ukudabuka okukhulu ngenxa yesono. Yebo, kuyoba khona ukuzisola ngisho nosizi ngenxa yamaphutha ethu, ubuwula bethu, nenkani yethu eyasibangela ukuba siphuthelwe amathuba ekusasa elikhulu kakhulu.

“Kodwa nginethemba lokuthi ngeke nje saneliswe ukwahlulela kukaNkulunkulu; siyomangala futhi sikhungathwe ngomusa wakhe ongapheli, isihe, ukuphana, nothando lwakhe ngathi, bantwana Bakhe” (“O How Great the Plan of Our God!,” iLiyahona,, ngoNov. 2016, 21).

Lamaqiniso ayithinta kanjani indlela obheka ngayo Isahlulelo Sokugcina na? Lamaqiniso akugqugquzela ukuthi ushintsheni empilweni yakho na?

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “INcwadi yokuPhila.”

IsAmbulo 22:18-19

Ingabe lamavesi asho ukuthi awunakuba khona omunye umbhalo ngaphandle kweBhayibheli na?

Abanye abantu baye bacaphune IsAmbulo 22:18–19 njengesizathu sokwenqaba iNcwadi kaMormoni kanye neminye imibhalo engcwele yezinsuku zokugcina. -

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IsAmbulo 15:2–4.Njengoba umndeni wakho uxoxa ngalamavesi, abhekisela “engomeni kaMose” “nasengomeni yeWundlu,” ungase ufunde ingoma kaMose encwadini ka-Eksodusi 15:1–19, kanye nezinye izingoma ezishiwo emibhalweni engcwele, njengeMfundiso neziVumelwano 84:98–102. Kungani labo abazuza “ukunqoba isilo” (IsAmbulo 15:2) bezizwa bethanda ukucula izingoma ezinjengalezi na? Mhlawumbe umndeni wakho ungacula ihubo noma iculo lokudumisa lezingane.

IsAmbulo 19:7–9.Mhlawumbe ungabheka izithombe zomshado emlandweni womndeni wakho noma ukhulume ngesikhathi lapho umndeni wakho wawuhambele umkhosi womshado. Kungani umshado uyisiqhathaniso esihle sesivumelwano seNkosi neBandla Lakhe na? (Bheka futhi NgokukaMathewu 22:1–14.)

IsAmbulo 20:2–3. U-1 Nefi 22:26 usisiza kanjani ukuba siqonde ukuthi kungase kusho ukuthini ngoSathane “ukuboshwa”?

IsAmbulo 22:1–4.Kungasho ukuthini ukuba negama loMsindisi “emabunzini [ethu]” na? (IsAmbulo 22:4; bheka futhi u-Eksodusi 28:36–38; Mosiya 5:7–9; Alima 5:14; Moroni 4:3; IMfundiso neziVumelwano 109:22.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Mema futhi ulandelele okucelwe ukuba bakwenze. “Ngesikhathi ulandelela isimemo sokwenza, ukhombisa [amalungu omndeni wakho] ukuthi uyazikhathaza ngawo nokuthi ivangeli libusisa kanjani izimpilo zawo. Ubanikeza nethuba lokukhuluma ngokwenzeke kubona” (Teaching in the Savior’s Way, 35).

Isithombe
UJesu Kristu egibele ihhashi ehla ezulwini ekuZeni Kwakhe kwesiBili

UKristu egqoke izingubo ezibomvu ehlezi phezu kwehhashi elimhlophe.

Shicilela