ITestamente Elisha 2023
NgoDisemba 11–17. IsAmbulo 6–14: “Banqoba … ngeGazi leWundlu”


“NgoDisemba 11–17. IsAmbulo 6–14: ‘Banqoba … ngeGazi leWundlu,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoDisemba 11–17. IsAmbulo 6–14,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu emi phakathi kwezinkanyezi

Ubuciko obuhlanganiswe ngu-Eric Johnson: The Grand Council [UMkhandlu Omkhulu], nguRobert T. Barrett; star cluster courtesy of European Space Agency

NgoDisemba 11–17

IsAmbulo 6–14

“Banqoba … ngeGazi leWundlu”

UMongameli uBoyd K. Packer weluleka wathi: “Uma ulimi lwemibhalo engcwele ekuqaleni lubonakala luxakile kuwe, qhubeka ufunde. Ngokushesha uzobubona ubuhle namandla atholakala kulawo makhasi” (“The Key to Spiritual Protection,” iLiyahona, Nov. 2013, 27).

Bhala Imizwa Yakho

Cabanga ngowesifazane ‘obeletha, esezinhlungwini zokubeletha. Manje cabanga “ngodrako omkhulu obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi’ ondiza phezu kowesifazane, elungele ‘ukushwabadela umntwana wakhe lapho nje ezalwa” (IsAmbulo 12:2–4). Ukuze uqonde lamavesi esambulo sikaJohane, khumbula ukuthi lezi zithombe zimele iBandla nombuso kaNkulunkulu kanye nobungozi ababezobhekana nabo. KwabaNgcwele ababhekana nokushushiswa okukhulu ngosuku lukaJohane, ukunqoba ububi kwakungahle kubonakale kungenakwenzeka. Lokhu kunqoba kungase kube nzima ukukubona kusengaphambili osukwini olufana nolwethu, lapho isitha “sesilwa nabangcwele” futhi sinamandla … “phezu kwezihlobo zonke, izilimi, kanye nezizwe” (IsAmbulo 13:7). Kodwa isiphetho sesambulo sikaJohane sibonisa ngokukhazimulayo ukuthi okuhle kuyobusa phezu kobubi. IBhabhiloni iyokuwa. Futhi abaNgcwele bayophuma “osizini olukhulu” bembethe izembatho ezimhlophe—hhayi ngenxa yokuthi izingubo zabo zazingakaze zibe namabala kodwa ngenxa yokuthi abaNgcwele “bayobe bahlanze izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu” (IsAmbulo 7:14).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IsAmbulo 6–11

UJohane wabona izehlakalo eziningi zomlando womhlaba, ikakhulukazi lezo zezinsuku zokugcina.

Kulezi zahluko uzofunda ngencwadi enezimpawu eziyisikhombisa. Uma uzibuza ukuthi kusho ukuthini lokho, awuwedwa. UmProfethi uJoseph Smith naye wayenjalo. INkosi yembulela uJoseph ukuthi lencwadi kanye nezimpawu zayo zimelela indaba “yokuphila okwesikhashana” komhlaba, uphawu ngalunye lumelele iminyaka eyinkulungwane (bheka IMfundiso neziVumelwano 77:6–7). Ungase ukuthande ukwazi ukuthi izehlakalo zezimpawu ezine zokuqala zifingqwa embonweni kaJohane ngamavesi ayisishiyagalombili kuphela (IsAmbulo 6:1–8). Amavesi amathathu alandelayo achaza uphawu lwesihlanu (emavesini 9–11). Izehlakalo zezimpawu ezimbili zokugcina zithatha ingxenye enkulu yencwadi esele IsAmbulo. Ngamanye amazwi, umbono kaJohane ugxile kakhulu ezinsukwini zokugcina—izinsuku zethu. Njengoba ufunda, zindla ukuthi kungani kubalulekile ukwazi lokho uJohane akuloba mayelana nezinsuku zokugcina.

Njengoba ufunda ngezehlakalo uJohane aprofetha ngazo, cabanga iziphakamiso nemibuzo elandelayo:

IsAmbulo 12–13

Impi eyaqala ezulwini iyaqhubeka emhlabeni.

Asazi okuningi ngeMpi yaseZulwini, kodwa kunencazelo ecacile kodwa emfushane ngayo IsAmbulo 12:7–11. Njengoba ufunda lamavesi, zibone uyingxenye yaleyo ngxabano yangaphambi kwasemhlabeni. Ufundani ngendlela uSathane anqotshwa ngayo na? (bheka uvesi 11).

Impi eyaqala ezulwini isaqhubeka emhlabeni, njengoba uSathane ephikelela “ekulweni [nalabo] abanobufakazi bukaJesu Kristu” (IsAmbulo 12:17). Ufundani kwisAmbulo 13 ngokuthi uyilwa kanjani leyo mpi namuhla na? Igazi leWundlu” kanye “nezwi lobufakazi bakho” lisebenza kanjani (IsAmbulo 12:11) ukuqhubeka nokukusiza kulempi na?

Bheka futhi 1 Nefi 14:12–14; Moroni 7:12–13; Mose 4:1–4; IMfundiso neziVumelwano 29:36–37; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Impi yaseZulwini,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

IsAmbulo 14:6–7

“Ngabona enye ingelosi … inevangeli laphakade.”

Okunye ukugcwaliseka kwesiprofetho kulamavesi kwenzeka ngesikhathi uMoroni evela kuJoseph Smith futhi emholela emibhalweni ayihumusha futhi ayishicilela njengeNcwadi kaMormoni. Lencwadi iqukethe “ivangeli laphakade” esithunywe ukuba silishumayele “kuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, kanye nabantu”(IsAmbulo 14:6).

Ukufunda ngezinye izingelosi ezibambe iqhaza ekubuyiseleni ivangeli laphakade, bheka IMfundiso neziVumelwano 13; 27:5–13; 110:11–16; 128:20–21.

-

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IsAmbulo 7:9, 13–15.Lamavesi angasifundisani ngokuthi kungani sigqoka izinto ezimhlophe zokubhabhadiswa kanye nokwenza izimiso zasethempelini na?

IsAmbulo 7:14–17.Cabanga ngokumema amalungu omndeni ukuthi abelane ngemizwa yawo ngezithembiso zeNkosi kulamavesi. Izethembiso Zakhe zingasisiza kanjani lapho “sisosizini olukhulu” na? (ivesi 14).

IsAmbulo 12:7–11; 14:6.Amanye amalungu omndeni angase ajabulele ukudweba izithombe zemibono echazwe kwi IsAmbulo. Isibonelo, ukudweba izithombe ezimayelana nesAmbulo 12 kungaholela engxoxweni emayelana neMpi yaseZulwini (bheka kumavesi 7–11). Izithombe ezisuselwe kwisAmbulo 14:6 zingaholela ezingxoxweni mayelana nokuBuyiselwa kwevangeli.

Emva kokufunda IsAmbulo 14:6 ndawonye, cabangani ngokubonisa izithombe zengelosi uMoroni kanye nezinye izingelosi ezasiza ekubuyiseleni ivangeli osukwini lwethu (bheka izithombe ekugcineni kwaloluhlaka). Mhlawumbe amalungu omndeni angashintshana ngokuphakamisa esinye sezithombe futhi abelane ngezizathu zokubonga ukuthi izingelosi zafika “ziphethe ivangeli laphakade ukuzolishumayela [kithi].”

IsAmbulo 12:11.Ingase isho ukuthini inkulumo ethi “izwi lobufakazi babo” na? Ubufakazi bethu ngoJesu Kristu busisiza kanjani thina kanye nabanye ukunqoba uSathane na?

IsAmbulo 13:11–14.Imiphi imicabango amalungu omndeni wakho anayo ngesilo esikhohlisayo na? Siyibona futhi siyigweme kanjani inkohliso esiyibona emhlabeni namuhla na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Gxila emibhalweni engcwele. UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa ukuthi, “Ukuzicwilisa kwansuku zonke ezwini likaNkulunkulu kubalulekile ukuze usinde ngokomoya, ikakhulukazi kulezi zinsuku zokwanda kwezinkinga” (“Hear Him,” iLiyahona, ngoMeyi 2020, 89). Kusho ukuthini “ukucwiliswa ezwini likaNkulunkulu” kuwe na?

Isithombe
uKristu engqongqoza esicabheni

Kusuka ngokwesinxele phezulu kuya ngokwesokudla: Moroni Delivering the Golden Plates [UMoroni Eletha Izingcwephe Zegolide], nguGary L. Kapp; Upon You My Fellow Servants [Phezu kwenu Zinceku Zami], nguLinda Curley Christensen kanye noMichael T. Malm (UJohane uMbhabhadisi unikeza uJoseph Smith ubuPristi buka-Aroni); Keys of the Kingdom [Izihluthulelo zoMbuso], nguLinda Curley Christensen kanye noMichael T. Malm (uPetro, uJakobe, kanye noJohane banika uJoseph Smith ubuPristi bukaMelkisedeki; Vision in the Kirtland Temple [Isiboniso eThempelini laseKirtland], nguGary E. Smith (UMose, u-Eliya, kanye no-Eliya babonakala kuJoseph Smith kanye no-Sidney Rigdon).

Shicilela