Isigaba 77
Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, cishe ngoMashi 1832. Umlando ka Joseph Smith uthi “Ngokuphathelene nokuhumusha imiBhalo eNgcwele, ngafumana lencazelo elandelayo yesAmbulo sikaJohane.”
1–4, Izilwane zinemimoya futhi ziyohlala enjabulweni yaphakade; 5–7, Lomhlaba ukhona isikhathi seminyaka eyizinkulungwane eziyisikhombisa; 8–10, Izingelosi ezahlukahlukene zibuyisela ivangeli futhi zisebenza emhlabeni; 11, Ukubekwa uphawu kwabayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane; 12–14, UKristu uzoza ekuqaleni konyaka wenkulungwane yesikhombisa; 15, Abaphrofethi ababili bazovuselwa isizwe samaJuda.
1 Umbuzo: Luyini ulwandle lwengilazi akhuluma ngalo uJohane, isahluko sesine, nasevesini lesithupha lesAmbulo na?Impendulo: Liwu mhlaba, esimweni sawo sokungcweliswa, soku ngabhubhi, nesaphakade.
2 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngezilwane ezine, okukhulunywe ngazo evesini elifanayo na?Impendulo: Yizindlela zokukhuluma zokungathekisa, ezisetshenziswa uMambuli, uJohane, uma echaza izulu, iparadesi kaNkulunkulu, ukujabula kwabantu, nokwezilwane, okunwabuzelayo, nokwezinyoni zezulu; lokho okungoko moya kufana naloko okungokwemvelo; nalokho okungokwemvelo kufana naloko okungoko moya; umoya womuntu ufana nesiqu sakhe somzimba, ngokufanayo nomoya wesilwane, nakho konke okudaliweyo okudalwe nguNkulunkulu.
3 Umbuzo: Ngabe izilwane ezine zimele izilwane ngazinye, noma kungabe zimele izinhlobo zazo noma uhlu lwazo na?Impendulo: Zimele izilwane ngazinye, ezatshengiswa uJohane, ukumela inkazimulo yezinhlobo zezidalwa ohlwini noma ezweni lendalo ezimiselwe lona, entokozweni yokujabula kwazo kwaphakade.
4 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngamehlo nezimpiko, izilwane ezazi nako na?Impendulo: Amehlo azo amele ukukhanya nolwazi, okungukuthi, zigcwele ulwazi; futhi izimpiko zazo zimele amandla, okuhamba, okwenza, njalonjalo.
5 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde nga magosa angamashumi amabili nane, akhuluma ngawo uJohane na?Impendulo: Kufanele siqonde ukuthi lamagosa uJohane awabona, ayengamagosa aye thembekile emsebenzini wokushumayela futhi ayesafa; ayengawa mabandla ayisikhombisa, futhi ngaleso sikhathi ayeseparadesi kaNkulunkulu.
6 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngencwadi ayibona uJohane, eyayi namatheliswe ngemuva ngezimpawu eziyisikhombisa na?Impendulo: Kufanele siqonde ukuthi iqukethe intando eyambuliwe, izimfihlakalo, nemisebenzi kaNkulunkulu; izinto ezicashisiwe zokuphatha kwakhe ngokuphathelene nalo mhlaba ngesikhathi seminyaka eyizinkulungwane eziyisikhombisa zobumo bawo, noma ukubakhona kwawo ngokwemvelo.
7 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngezimpawu eziyisikhombisa eyayinamatheliswe ngazo na?Impendulo: Kufanele siqonde ukuthi uphawu lokuqala luqukethe izinto zeminyaka yenkulungwane yokuqala, nolwesibili futhi lwenkulungwane yeminyaka yesibili, kanjalo kuze kube ngeyesikhombisa.
8 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngezingelosi ezine, okukhulunywe ngazo esahlukweni sesikhombisa, nevesi lokuqala lesAmbulo na?Impendulo: Kufanele siqonde ukuthi bayizingelosi ezine ezithunyelwe nguNkulunkulu, okunikwe kuzo amandla kuwo womane amagumbi omhlaba, ukuhlenga impilo nokubulala; yibo laba abane vangeli laphakade ukuliletha ezizweni zonke, izihlobo, izilimi, nabantu; benamandla okuvala amazulu, ukubabophela ekuphileni, noma ukuphosa phansi ezindaweni zobumnyama.
9 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngengelosi eyenyuka isuka empumalanga, kwisAmbulo isahluko sesikhombisa kwelesibili ivesi na?Impendulo: Kufanele siqonde ukuthi ingelosi eyenyuka isuka empumalanga yilowo okunikwe kuye uphawu lukaNkulunkulu ophilayo phezu kwezizwana eziyishumi nambili zika-Israyeli; ngalokho-ke, ukhala ezingelosini ezine ezinevangeli laphakade, ethi: Ningawoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo. Futhi, uma nivuma ukukwamukela lokhu, lona ngu-Eliyasi owayezofika ukuzoqoqa ndawonye izizwana zika-Israyeli futhi abuyisele zonke izinto.
10 Umbuzo: Ziyofezwa ngasiphi isikhathi izinto okukhulunywe ngazo kulesi sahluko na?Impendulo: Ziyofezwa eminyakeni yenkulungwane yesithupha, noma ngokuvulwa kophawu lwesithupha.
11 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngokubekwa uphawu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, kwizizwana zonke zika-Israyeli—abayizinkulungwane eziyishumi nambili kwizizwana zonke na?Impendulo: Kufanele siqonde ukuthi labo ababekwe uphawu banga baphristi abakhulu abagcotshwe ngokohlelo olungcwele lukaNkulunkulu ukuphatha ivangeli laphakade; ngokuba yibo labo abagcotshwe kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi, nabantu, ngezingelosi okunikwe kuzo amandla phezu kwezizwe zomhlaba, ukuletha abaningi kangangoba bengeza ebandleni le Nkosana.
12 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngokukhala kwamacilongo, okushiwo esahlukweni sesishiyagalombili sesAmbulo na?Impendulo: Kufanele siqonde ukuthi njengoba uNkulunkulu enza umhlaba ngezinsuku eziyisithupha, futhi ngosuku lwesikhombisa wawuqeda umsebenzi wakhe, wawungcwelisa, futhi wabumba umuntu ngothuli lomhlaba, kanjalo-ke, ekuqaleni kweminyaka yenkulungwane yesikhombisa iNkosi uNkulunkulu izowungcwelisa umhlaba, futhi ifeze ukusindiswa komuntu, futhi yahlulele zonke izinto, futhi iyohlenga zonke izinto, ngaphandle kwalokho engakubekanga ngaphansi kwamandla ayo, ngesikhathi lapho izobe isibophe zonke izinto, kuze kube sekupheleni kwezinto zonke; futhi ukukhala kwamacilongo ezingelosi eziyisikhombisa kunguku lungiselela nokuqedela umsebenzi wayo, ekuqaleni kweminyaka yenkulungwane yesikhombisa—ukulungiselela indlela ngaphambi kwesikhathi sokuza kwayo.
13 Umbuzo: Ziyofezwa nini zonke izinto, ezibhalwe kwesesi shiyagalolunye isahluko sesAmbulo na?Impendulo: Kufanele zifezwe emva kokuvulwa kophawu lwesikhombisa, ngaphambi kokuza kukaKristu.
14 Umbuzo: Yini okufanele siyiqonde ngencwadi encane eyadliwa uJohane, njengoba kushiwo kweseshumi isahluko sesAmbulo na?Impendulo: Kufanele siqonde ukuthi kwaku ngumsebenzi wokufundisa ivangeli, nesimiso, sokuthi yena aqoqe izizwana zika-Israyeli; bheka, lona ngu-Eliyasi, okufanele, njengoba kubhaliwe, eze futhi azobuyisela zonke izinto.
15 Umbuzo: Yini okufanele iqondwe ngofakazi ababili, kweseshumi nanye isahluko sesAmbulo na?Impendulo: Labo ngabaphrofethi ababili okufanele bavuselwe isizwe samaJuda ezinsukwini zokugcina, ngesikhathi sokubuyiselwa, nokuphrofetha kumaJuda emva kokuba eseqoqiwe futhi akha idolobha laseJerusalema ezweni loyise.