ITestamente Elisha 2023
NgoDisemba 4–10. IsAmbulo 1–5: “Inkazimulo Namandla, Makube … Kulo iWundlu Kuze Kube Phakade”


“NgoDisemba 4–10. IsAmbulo 1–5: ‘Inkazimulo Namandla, Makube … Kulo iWundlu Kuze Kube Phakade,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoDisemba 4–10. IsAmbulo 1-5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
imvu ihlezi otshanini

NgoDisemba 4–10

IAmbulo 1–5

“Inkazimulo Namandla, Makube … Kulo iWundlu Kuze Kube Phakade”

Cabanga ngokubhala phansi imibuzo onayo ngalokho okufundile encwadini IsAmbulo. Ungabe usuyabheka izimpendulo zemibuzo yakho noma uxoxisane ngayo nelungu lomndeni noma emaklasini eBandla.

Bhala Imizwa Yakho

Wake wezwa kunzima ukuveza kwabanye ukuthi uzweni ngesikhathi usesimweni esinamandla sangokomoya na? Ulimi lwansuku zonke lungezwakala lungenele ukuchaza imizwa nezinto zangokomoya ezikufikelayo. Mhlawumbe yingakho uJohane wasebenzisa izimpawu nemifanekiso eminingi kanjena ukuchaza isambulo sakhe esimangalisayo. Wayengasho kalula nje ukuthi wabona uJesu Kristu, kodwa ukusisiza sikuqonde akubona, wachaza uMsindisi esebenzisa amagama anjengalawa: “Namehlo akhe enjengamalangabi omlilo,” “nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi-zombili,” kanye namagama athi “nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo” (IsAmbulo 1:14–16). Ngesikhathi uyifunda incwadi yesAmbulo, zama ukuthola umlayezo uJohane ayefuna uwufunde futhi uwuzwe, ngisho noma ngabe awuyiqondi incazelo yazo zonke izimpawu. Kungani wayengaqhathanisa inhlangano yamaBandla nezinti zezibani, uSathane nedrako, kanye noJesu Kristu nemvana na? Ekugcineni, awudingi ukuqonda zonke izimpawu encwadini yesAmbulo ukuze uqonde indikimba yazo ebalulekile, okubalwa kuzo indikimba yazo egqamileyo: UJesu Kristu nabalandeli Bakhe bayoyinqoba imibuso yabantu nekaSathane.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Umbono kaJohane ufundisa ngesu likaBaba oseZulwini lokusindisa abantwana Bakhe.

Incwadi yesAmbulo ingaba nzima ukuqondakala, kodwa ungadikibali. Isethembiso sikaJohane singakufaka ugqozi ukuthi uqhubeke uzame: “Babusisiwe labo abafundayo, nalabo abezwa futhi bawaqonde amazwi alesi siprofetho, futhi bagcine lezo zinto ezibhalwe kuso, ngokuba isikhathi sokuza kweNkosi siyasondela” (UkuHunyushwa okwenziwa uJoseph Smith, ISambulo 1:3 [kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele], kwengezwe ukugcizelela).

Indlela eyodwa yokufunda IsAmbulo ukubheka ukuxhumana nesu lensindiso. Lokhu kubuka okufingqiwe ngezansi kungakusiza:

Ngesikhathi ufunda, zibuze uthi, “Ngabe lokhu kungifundisani ngesu likaNkulunkulu na?” Ngabe yini ayenzile uNkulunkulu ukungisiza nginqobe ububi futhi ngiphindele Kuye na? Ngabe yiziphi izethembiso Zakhe kwabethembekileyo na?

Kungase kusize futhi ukwazi ukuthi IMfundiso neziVumelwano 77 ichaza ezinye izimpawu ezisetshenzisiwe encwadini yesAmbulo. Phezu kwalokho, UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kucacisa amavesi amaningi encwadini yesAmbulo, ngakho-ke bheka iziHloko zemiBhalo eNgcwele njalo.

IsiHloko zemiBhalo eNgcwele, “Johane, indodana kaZebedewu,” “Isambulo sikaJohane.”

IsAmbulo 1

UJesu Kristu iyiNdodana ePhilayo kaNkulunkulu oPhilayo.

Isahluko sokuqala sesAmbulo sichaza ngokuvela kukaJesu Kristu kuJohane embonweni. Mhlawumbe ungase wenze uhlu lwakho konke lesi sahluko esikushoyo ngoJesu Kristu, okubalwa kukho ukuthi Ungubani, Usenzelani, futhi nokuthi Unjani.

Ezinye izinto ozifundayo zizovela ezimpawini. Zindla ngokuthi ngabe iNkosi izama ukukufundisani Ngayo ngezimpawu. Isibonelo, qaphela ukuthi uMsindisi Uzibiza “ngesiqalo nesiphetho” kanye nowo “kuqala nowokugcina.” Ucabanga ukuthi kungani lamabizo ebalulekile na? Ngabe lamabizo akufundisani ngoMsindisi na?

IsAmbulo 2–3

UJesu Kristu wazi mina siqu futhi uzongisiza nginqobe izinkinga zami.

Amazwi kaMsindisi encwadini yesAmbulo 2–3 embula ukuthi Wayekuqonda ukuphumelela nokuzabalaza kwegatsha ngalinye leBandla elalibhekene nakho ezinsukwini zikaJohane. Wayitusa imizamo yabaNgcwele futhi wabaqwashisa ngezinto ababedinga ukuziguqula. Ngabe yikuphi okufundayo ngokutusa nokuqwashisa kukaMsindisi na?

UMsindisi uyakuqonda nokwakho ukuphumelela nokuzabalaza, futhi Ufuna ukukusiza. Qaphela izethembiso azipha njalo labo abanqobayo. Yikuphi okukuhlaba umxhwele ngalezi zithembiso na? Ngabe yikuphi iNkosi okungenzeka ifune ukunqobe na? Ngabe yikuphi ongakwenza ukuthola usizo Lwayo?

IsAmbulo 4–5

UJesu Kristu kuphela owayengenza isu likaBaba oseZulwini lenzeke.

Ngabe yikuphi okufundayo ngoBaba oseZulwini encwadini yesAmbulo 4 kanye nangoJesu Kristu encwadiniyesAmbulo 5 na? Cabanga ngokuthi kwakunjani ngesikhathi sonke sesibona ukuthi uJesu Kristu (“iMvana”) wayezokwenza isu likaBaba oseZulwini lenzeke (uMsindisi “wayengavula incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa” [IsAmbulo 5:5]). Kungani kwakunguJesu Kristu kuphela owayengenza lokhu na? Ungalukhombisa kanjani ukholo lwakho Kuye njengoMsindisi wakho na?

Bheka futhi UJobe 38:4–7; IMfundiso neziVumelwano 77:1–7.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IsAmbulo 1:20.Kungani uJesu Kristu aqhathanisa iBandla Lakhe nezinti zezibani na? (bheka NgokukaMathewu 5:14–16). -

IsAmbulo 2–3.Enza sengathi uJohane wayecelwe ukunika umndeni wakho umlayezo njengalowo awunika amabandla ngezikhathi zakhe. Yini ayengathi ihamba kahle na? Yikuphi eningakwenza kangcono na?

IsAmbulo 3:15–16.Emva kokufunda lamavesi, umndeni wakho ungaphuza into entukuntuku enambitheka kangconywana ishisa noma ibanda. Ngabe kuqonde ukuthini ukuba ntukuntuku ngokomoya na?

IsAmbulo 3:20.Khombisa isithombe sikaMsindisi engqongqoza esicabheni (bheka ekugcineni kwalesi sifundo) ngesikhathi umndeni wakho ufunda IsAmbulo 3:20. Kungani uJesu engqongqoza esikhundleni sokuvele angene ngaphakathi nje? Amalungu omndeni angashintshana ngokungqongqoza esicabheni. Emva kwalokho omunye emndenini angabeka umbono wendlela esinga “vula isichabha” ngayo ukuze uMsindisi angene bese singenisa ilungu lomndeni ngaphakathi. Kungezwakala kanjani ukuba noMsindisi ekhaya lakho na?

IsAmbulo 4:10–11.Kusho ukuthini khonza uBaba oseZulwini na? Yini esiyaziyo Ngaye esenza sifune ukumkhonza na?

IsAmbulo 5:6, 12–13.Kungani UJesu Kristu ebizwa “ngeMvana” na? Ngabe leligama lisifundisani Ngaye na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Khuthaza ukubuzwa kwemibuzo. Imibuzo ikhombisa ukuthi amalungu omndeni akulungele ukufunda futhi ibonisa nokuthi akuzwa kanjani lokhu akufundiswayo. Fundisa umndeni wakho ukuthi zitholakala kanjani izimpendulo emibhalweni engcwele. -

Isithombe
uKristu engqongqoza esicabheni

Let Him In [Mngeniseni], nguGreg K. Olsen

Shicilela