ITestamente Elisha 2023
NgoDisemba 18–24. UKhisimusi: “Izindaba Ezinhle zokuThokoza okuKhulu”


“NgoDisemba 18–24. UKhisimusi: ‘Izindaba Ezinhle zokuThokoza okuKhulu,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoDisemba 18–24. UKhisimusi,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
ingane esanda kuzalwa

Little Lamb [IWundlu Elincane], nguJenedy Paige

NgoDisemba 18–24

UKhisimusi

“Izindaba Ezinhle zokuThokoza okuKhulu”

Cabanga ukuthi ukuzindla ngokuzalwa nomsebenzi woMsindisi kungasiza kanjani ukuletha umoya wokuthula nobungcwele enkathini kaKhisimusi.

Bhala Imizwa Yakho

Kungani ukuzalwa komntwana kuletha injabulo enkulu kangaka na? Mhlawumbe ngenxa yokuthi umntwana omusha angaba uphawu lwethemba. Kukhona okuthile ngempilo entsha sha egcwele amathuba okusimema ukuba sizindle ngokuthi ukuphila kungase kumphatheleni lowo mntwana nokuthi yiziphi izinto ezimangalisayo azozifeza. Lokhu akukaze kube yiqiniso njengasekuzalweni kweNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu. Akukaze kube khona ithemba elingaphezulu elibekwe enganeni, futhi akukaze kube khona noyedwa ozalwe enesithembiso esingaka.

Lapho ingelosi imema abelusi ukuba bayofuna usana emkhombeni, yabanikeza nomyalezo ngalowomntwana. Kwakungumyalezo wethemba—ukuthi lomntwana wayezele emhlabeni ukuzofeza umsebenzi ongcwele. Abelusi benza umlayezo wabo “waziwa kabanzi … futhi bonke abezwa bamangala ngalokho ababekutshelwa abelusi. Kepha uMariya wazigcina zonke lezi zinto, ezindla ngakho enhliziyweni yakhe” (NgokukaLuka 2:17–19). Mhlawumbe kungaba kuhle ukulandela isibonelo sikaMariya kuloKhisimuzi: ukuzindla enhliziyweni yakho ngezinto ozifundile ngoMsindisi kulonyaka. Wawufeza kanjani umsebenzi Wakhe wokuhlenga kulezi zindaba ozifundile na? Futhi okubaluleke kakhulu, umsebenzi Wakhe uyiguqule kanjani impilo yakho na? Khona-ke ungase uzizwe ushukumiseleka ukuba ulingise isibonelo sabelusi: uyokwenza kanjani “kwazeke ezindaweni zonke” lokho uJesu Kristu akwenzele kona na?

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 1:18–25; 2:1–12; NgokukaLuka 1:26–38; 2:1–20.

UJesu Kristu wazehlisa ukuba azalwe phakathi kwethu emhlabeni.

Ngisho noma uke wafunda noma wezwa indaba yokuzalwa kukaJesu Kristu izikhathi eziningi ngaphambili, yifunde ngalesi sikhathi unalomcabango engqondweni: “UKhisimusi awuwona nje umkhosi wokuzalwa kukaJesu Kristu ukuthi wavela kanjani uJesu weza emhlabeni kodwa owokwazi futhi ukuthi ungubani UyiNkosi yethu noMsindisi, uJesu Kristu—kanye nokwazi ukuthi kungani Eza” (nguCraig C. Christensen, “The Fulness of the Story of Christmas” [First Presidency Christmas devotional, Dec. 4, 2016], broadcasts.ChurchofJesusChrist.org).

Ngabe yini oyaziyo ngokuthi uJesu Kristu wayengubani ngaphambi kokuba azalwe na? (bheka, isibonelo, NgokukaJohane 17:5; Mosiya 3:5; IMfundiso neziVumelwano 76:13–14, 20–24; Mose 4:2). Ngabe lolu lwazi luyithinta kanjani indlela ozizwa ngayo uma ufunda ngokuzalwa Kwakhe na?

Yini oyaziyo ngokuthi kungani uJesu Kristu eza emhlabeni na? (bheka, isibonelo, NgokukaLuka 4:16–21; NgokukaJohane 3:16–17; 3 Nefi 27:13–16; IMfundiso neziVumelwano 20:20–28). Ngabe lolu lwazi luyithinta kanjani indlela ozizwa ngayo ngoMsindisi na? Ikuyithinta kanjani indlela ophila ngayo na?

Bheka futhi 2 KwabaseKhorinte 8:9; KumaHebheru 2:7–18; 1 Nefi 11:13–33; Alima 7:10–13 “The Nativity” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org.

1 KwabaseKhorinte 15:21–26; KwabaseKholose 1:12–22; 1 KaPetro 2:21–25

UJesu Kristu wafeza umsebenzi Wakhe futhi wenza kwenzeka ukuba ngizuze ifa lokuphila okuphakade.

Nakuba indaba yokuzalwa kukaKristu yayizungezwe izenzakalo ezimangalisayo, Okwakhe kwakuyoba okunye nje ukuzalwa ukube kwakungewona umsebenzi omkhulu awufeza kamuva ekuphileni Kwakhe. Njengoba uMongameli uGordon B. Hinckley akubeka, “Umntwana onguJesu waseBetlehema uzoba ngomunye umntwana ngaphandle kukaKristu ohlengayo waseGetsemane naseKalivari, kanye neqiniso lokunqoba loVuko” (“The Wondrous and True Story of Christmas,” Ensign, ngoDisemba. 2000, 5).

Isithombe
UJesu eguqile eNsimini yaseGetsemane

EGetsemane, nguJ. Kirk Richards

Ubufakazi bomsebenzi wobuNkulunkulu woMsindisi kanye nothando Lwakhe olunamandla kwabanye butholakala kulo lonke iTestamente Elisha. Yiziphi iziqephu noma ukulandisa okufika emqondweni wakho na? Ungabheka emuva kulensiza noma ibhuku lakho lokufunda futhi ubuyekeze okunye owakubhala ngesikhathi kufika emqondweni wakho. Ungaphinde ufunde 1 KwabaseKhorinte 15:21–26; KwabaseKholose 1:12–22; 1 KaPetro 2:21–25 futhi uzindle ukuthi uMsindisi kanye nomsebenzi Wakhe bayibusise kanjani impilo yakho. Yini ozizwa ugqugquzeleka ukuyishintsha empilweni yakho na? Uzowathola kanjani amandla oMsindisi na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 1:18–25; 2:1–12; NgokukaLuka 1:26–38; 2:1–20.Ungakubungaza kanjani ukuzalwa kukaJesu Kristu nomndeni wakho na? Nansi imibono embalwa, noma ungakha eyakho:

  • Fundani noma nilingise izingxenye zendaba Yokuzalwa KukaJesu ndawonye.

  • Bukani “The Christ Child” (ChurchofJesusChrist.org).

  • -

  • -

  • -

  • Yenza isenzo sokusebenzela.

  • Cela amalungu omndeni ukuthi abheke imininingwane endabeni Yokuzalwa kukaJesu ebanika imibono yezisekeli noma imihlobiso abangayenza ukuze ibakhumbuze uJesu Kristu.

1 KwabaseKhorinte 15:21–26; KwabaseKholose 1:12–22; 1 KaPetro 2:21–25.Kungani sibonga ngokuthi uJesu Kristu wazalwa na? Yiziphi izipho asinike zona na? Singamkhombisa kanjani ukubonga kwethu na? -

UKristu Ophilayo: Ubufakazi babaPhostoli.”Uma ufuna ukusiza umndeni wakho ugxile kuMsindisi ngesikhathi sikaKhisimusi, mhlawaumbe ningachitha isikhathi nifunda ndawonye “UKristu Ophilayo: Ubufakazi babaPhostoli” (ChurchofJesusChrist.org). Mhlawumbe ningafunda ngekhanda izindima ezitholakala ku “Kristu Ophilayo: Ubufakazi babaPhostoli” noma nibheke izincazelo zempilo yoMsindisi kwiTestamente Elisha ezisekela imisho etholakala kuwo. Ungamema ilungu lomndeni ngalinye ukuba libhale ubufakazi balo ngoJesu Kristu futhi, uma uzwa ugqugquzeleka, libufundele umndeni.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka uJesu Kristu. Imibhalo engcwele isifundisa ukuthi yonke into ifakaza ngoJesu Kristu (bheka uMose 6:62–63), ngakho kufanele simubheke kuzo zonke izinto. Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, cabanga ngokuqaphela noma ukudwebela amavesi akufundisa Ngaye. Zinike isikhathi ezinsukwini eziholela kuKhisimuzi ukuze ubheke izinto ezikuzungezile ezifakaza ngoJesu Kristu.

Isithombe
UMariya, uJosefa, nabelusi bezungeza umntwana uJesu

The Nativity [UkuZalwa kukaJesu], nguBrian Call

Shicilela