ITestamente Elisha 2023
NgoNovemba 27–Disemba 3. 1–3 KaJohane; EkaJuda: “uNkulunkulu uluThando”


“NgoNovemba 27–Disemba 3. 1–3 KaJohane; EkaJuda: ‘uNkulunkulu uluThando,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoNovemba 27–Disemba 3. 1–3 KaJohane; EkaJuda,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu emamatheka ehlezi nezingane

Perfect Love [uThando oluPhelele], nguDel Parson

NgoNovemba 27–Disemba 3

1–3 KaJohane; EkaJuda

“UNkulunkulu uluThando”

Njengoba ufunda iNcwadi kaJohane kanye nekaJuda, funa ugqozi mayelana nokuthi ungalubonisa kanjani uthando lwakho kuNkulunkulu. Bhala okufika emqondweni wakho futhi ukwenze lokho.

Bhala Imizwa Yakho

Ngenkathi uJohane noJuda bebhala izincwadi zabo, imfundiso eyonakele yase iqalile ukuholela abaNgcwele abaningi ekuhlubukeni. Abanye abafundisi babeze babuze ukuthi uJesu Kristu wayevele “enyameni” ngempela yini na (bheka, isibonelo, 1 KaJohane 4:1–3; 2 KaJohane 1:7). Umholi weBandla angenzanjani esimweni esinjalo na? UmPostoli uJohane waphendula ngokwabelana ngobufakazi bakhe boMsindisi: “Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila” (1 KaJohane 1:1). UJohane wabe esefundisa ngothando: uthando lukaNkulunkulu ngathi nothando okufanele sibe nalo Ngaye nakubantwana Bakhe bonke. Phela uJohane wayengufakazi walokho. Wayeluzwile mathupha uthando loMsindisi (bheka KaJohane 13:23; 20:2), futhi wayefuna abaNgcwele baluzwe lolothando. Ubufakazi nezimfundiso zikaJohane othandweni ziqinile njengoba kudingeka namuhla, lapho ukukholwa kuJesu Kristu kungabazwa futhi kwanda izimfundiso zamanga. Ukufunda incwadi kaJohane kungasisiza ukuba sibhekane nobunzima banamuhla ngesibindi, ngoba “akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba” (1 KaJohane 4:18).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

1 KaJohane; 2 KaJohane

UNkulunkulu ungukukhanya, futhi uNkulunkulu uluthando.

Uma ubungakhetha igama elilodwa noma amabili ukuchaza uNkulunkulu, kungaba yimaphi na? Ezincwadini zakhe, uJohane wayevame ukusebenzisa igama elithi “ukukhanya” nelithi “uthando” (isibonelo, bheka, 1 KaJohane 1:5; 2:8–11; 3:16, 23–24; 4:7–21). Njengoba ufunda izincwadi ezimbili zokuqala zikaJohane, cabanga ngalokho uJohane aba nakho ngokukhanya nothando loMsindisi. Isibonelo, cabanga ngalokho uJohane akufunda ezimfundisweni zikaJesu kuNgokukaJohane 3:16–17; 12:35–36, 46; 15:9–14; 19:25–27. Uyakubona yini ukufana phakathi kwalezi zimfundiso nokuthi yini 1 KaJohane ayifundisayo ngokukhanya nothando lukaNkulunkulu na? Yiziphi izehlakalo ezikufundise ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya nothando na?

1 KaJohane 2–4; 2 KaJohane

“Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi.”

Uzothola amagama anjengokuthi “gcina” kanye no “hlala” ephindaphindwa kuzo zonke izincwadi zikaJohane. Bheka lamagama, ikakhulukazi njengoba ufunda 1 KaJohane 2–4 kanye 2 KaJohane. Ucabanga ukuthi kusho ukuthini “ukugcina” noma “ukuhlala” kuNkulunkulu nasemfundisweni Yakhe na? (Bheka 2 KaJohane 1:9). Kusho ukuthini kuwe ukuba noNkulunkulu “agcine” noma “ahlale” kuwe na?

1 KaJohane 2:243:3

Ngingaba njengoJesu Kristu.

Ingabe umgomo wokuba njengoKristu uke ubonakale uphakeme kakhulu kuwe na? Cabangela iseluleko sikaJohane esikhuthazayo: “Bantwanyana, hlalani kuye; ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi … [futhi] sifane naye” (1 KaJohane 2:28; 3:2). Yikuphi okutholayo ku1 KaJohane 2:243:3 okukunika ukuzethemba nenduduzo njengomfundi kaJesu Kristu na? Njengoba ufunda izincwadi zikaJohane, bheka ezinye izimiso noma izeluleko ezingakusiza emzamweni wakho wokuba njengoKristu.

Bheka futhi uMoroni 7:48; IMfundiso neziVumelwano 88:67–68.

1 KaJohane 4:12

Ingabe “akekho umuntu … oke wabona uNkulunkulu noma nini” na?

Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, 1 KaJohane 4:12 kucacisa ukuthi “akukho muntu owake wabona uNkulunkulu noma nini, ngaphandle kwalabo abakholwayo” (bheka futhi NgokukaJohane 6:46; 3 KaJohane 1:11). Imibhalo engcwele ibhala izikhathi ezimbalwa lapho uNkulunkulu uBaba azibonakalise khona kubantu abathembekile, kuhlanganise noJohane uqobo (bheka IsAmbulo 4; bheka futhi IzEnzo 7:55–56; 1 Nefi 1:8; IMfundiso neziVumelwano 76:23; Joseph Smith—uMlando 1:16–17).

1 KaJohane 5

Njengoba ngisebenzisa ukholo kuJesu Kristu futhi ngizalwa kabusha, ngingawunqoba umhlaba.

Ngesikhathi ufunda ku1 KaJohane 5, bheka okufanele sikwenze ukuze sinqobe umhlaba futhi sizuze ukuphila kwaphakade. Ngabe ukunqoba umhlaba kubukeka kanjani empilweni yakho na? -

EkaJuda 1

“[Zakheni] okholweni lwenu olungcwelengcwele.”

EkaJuda 1:10–19 usifundisani ngalabo abalwa noNkulunkulu nomsebenzi Wakhe na? Ufundani kumavesi 20–25 mayelana nokuthi ulugcina kanjani ukholo lwakho kuJesu Kristu luqinile na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 KaJohane 2:8–11.Ukuze usize umndeni wakho uzindle ngezimfundiso zikaJohane, hlanganani ekamelweni elimnyama ukuze amalungu omndeni ezozwa umehluko phakathi kokuhamba “ebumnyameni” nokuhamba “ekukhanyeni.” Inzondo isenza kanjani ukuba sihambe ebumnyameni futhi sikhubeke na? Ukuthandana kuletha kanjani ukukhanya ezimpilweni zethu na?

1 KaJohane 3:21–22.Yikuphi kulamavesi okwandisa “ukuqiniseka” esinakho kuNkulunkulu nasemandleni ethu okuthola izimpendulo zemithandazo yethu na?

Isithombe
umndeni uguqe ndawonye ngomkhuleko

Ukugcina imiyalo kaNkulunkulu kusisiza ukuba sinqobe umhlaba.

1 KaJohane 5:2–3.Ingabe ikhona imiyalo esiyibheka “njengemibi” noma okunzima ukuyilandela na? Uthando lwethu ngoNkulunkulu luyishintsha kanjani indlela esizizwa ngayo ngemiyalo Yakhe na?

3 KaJohane 1:4.Kusho ukuthini “ukuhamba eqinisweni” na? Ungase uthathe leli thuba ukutshela amalungu omndeni ukuthi uwabone kanjani ehamba eqinisweni futhi ukhulume ngenjabulo lokhu okukulethela yona. Amalungu omndeni angase akujabulele ukubhala noma ukudweba amaqiniso awafundile ephepheni futhi asebenzise indlela umndeni wakho ongahamba kuyo ndawonye.

EkaJuda 1:3–4.Ingabe zikhona izingozi ezingokomoya eziye “zangena ngokunyonyoba” ezimpilweni zethu nasemindenini wethu na? (EkaJuda 1:4). Singasilandela kanjani isiyalo sikaJude “sokulwela ukholo” futhi simelane nalezi zingozi na? (EkaJuda 1:3). Yini esingayenza ukuze siqinisekise ukuthi “ ukuthula nothando, kuyanda” emndenini wethu na? (EkaJuda 1:2).

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Thola uthando lukaNkulunkulu. UMongameli uM. Russell Ballard wasifundisa wathi, “Ivangeli liyivangeli lothando––ukuthanda uNkulunkulu nokuthandana omunye nomunye” (“God’s Love for His Childern,” Ensign, ngoMeyi 1988, 59). Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, cabanga ngokuqaphela ubufakazi bothando lukaNkulunkulu.

Isithombe
UKristu ehamba ngasogwini lwechibi

Walk with Me [Hamba Nami], nguGreg K. Olsen

Shicilela