ITestamente Elisha 2023
NgoNovemba 20–26. 1 no-2 KaPetro: “Nithokoza Ngentokozo Engakhulumekiyo Netusekayo”


“NgoNovemba 20–26. 1 no-2 KaPetro: ‘Nithokoza Ngentokozo Engakhulumekiyo Netusekayo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoNovemba 20–26. 1 no-2 KaPetro,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uJesu Kristu eshumayela ivangeli ezweni lemimoya

Christ Preaching in the Spirit World [UKristu eShumayela eZweni LemiMoya], nguRobert T. Barrett

NgoNovemba 20–26

1 no-2 KaPetro

“Nithokoza Ngentokozo Engakhulumekiyo Netusekayo”

Ngesikhathi ufunda Izincwadi zikaPetro, kungakhona okungokomoya okufikayo emqondweni wakho. Ngokushesha kubhale lokho ngesikhathi “usekuMoya” (IMfundiso neziVumelwano 76:80) khona uzothola kahle ukuthi uNkulunkulu ukufundisani.

Bhala Imizwa Yakho

Masinyane emva koVuko Lwakhe, uMsindisi wenza isiprofetho okungenzeka samkhathaza uPetro. Wabikezela ukuthi uPetro uyakubulawela ukholo lwakhe, ngokuthathwa “ayiswe lapho [a]ngathandi khona ekhomba ukufa azakumdumisa uNkulunkulu ngakho” (NgokukaJohane 21:18–19). Emva kweminyaka, ngesikhathi uPetro ebhala izincwadi zakhe, wayazi ukuthi ukufa kwakhe okwakuprofethiwe kwase kusondele: “Kuseduze ukususwa kwedokodo lami, njengalokho neNkosi yethu uJesu Kristu yangitshengisa” (2 KaPetro 1:14). Nakuba kunjalo amazwi kaPetro ayengagcwele ukwesaba noma ukungabi nathemba. Esikhundleni salokho, wafundisa abaNgcwele ukuba “bathokoze ngakho,” ngisho noma “nidabukiswa ngezilingo eziyinhlobonhlobo.” Wabayala ukuba bakhumbule ukuthi “ukuvivinywa kokukholwa [kwabo]” kuyoholela “ekubeni-ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu” nakuyo “[insindiso] yemiphefumulo [yabo]” (1 KaPetro 1:6–7, 9). Ukholo lukaPetro kungenzeka lwalubaduduza labo abaNgcwele bakuqala, njengoba lubakhuthaza abaNgcwele namhlanje, “[aba]ngabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe [si]thokoze, [se]thabe nokwethaba” (1 KaPetro 4:13).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

1 KaPetro 1:3–9; 2:19–24; 3:14–17; 4:12–19

Ngingathola ukuthokoza ngezikhathi zezivivinyo nezokuzwa ubuhlungu.

Isikhathi emva kokuBethelwa kukaKristu kwakungesiso isikhathi esilula sokuba ngumKristu, futhi incwadi kaPetro yokuqala iyakuvuma lokho. Ezahlukweni ezine zokuqala, uzoqaphela amagama nemishwana echaza ubunzima: ubunzima, izilingo, izinsizi, umlilo ophakathi kwenu, kanye nezinhlupheko (bheka 1 KaPetro 1:6; 2:19; 4:12–13). Kodwa uzowaqaphela futhi amagama abonakala ejabulisa—ungase uthande ukwenza uhlu lwalokho okutholayo. Isibonelo, ngesikhathi ufunda 1 KaPetro 1:3–9; 2:19–24; 3:14–17; kanye nesahluko 4:12–19, yikuphi okukunika ithemba ukuthi uzokuthola ukujabula ngisho phakathi nezimo ezinzima na?

- Ngabe yini lena ekuthokozisayo ngesu lensindiso kanye nevangeli likaJesu Kristu na?

-

1 KaPetro 3:18–20; 4:1–6

Ivangeli lishunyayelwa kwabafileyo khona bezokwahlulelwa ngokulungile.

Ngelinye ilanga umuntu ngamunye uyoma esihlalweni sokwahlulela “bayakuziphendulela kulowo olungele ukwahlulela abahambayo nabafileyo” (1 KaPetro 4:5). UNkulunkulu angabahlulela kanjani bonke abantu ngokweqiniso uma amathuba abo okuliqonda nokuliphila ivangeli ehlukene kangaka na? Qaphela ukuthi imfundiso eyafundiswa nguPetro encwadini ka1 KaPetro 3:18–20; 4:6 isiza kanjani ukuphendula lombuzo. Ngabe lamavesi aluqinisa kanjani ukholo lwakho ngokulunga kukaNkulunkulu na?

Ukuhlola lemfundiso kabanzi, funda IMfundiso neziVumelwano 138, isambulo esatholwa nguMongameli uJoseph F. Smith ngesikhathi ezindla ngalemibhalo kaPetro. Ngabe yimaphi amaqiniso engeziwe afundwa nguMongameli uSmith na?

-

2 KaPetro 1:1–11

Ngamandla kaJesu Kristu, ngingakhulisa isimilo sami esivela kuNkulunkulu.

Uke uzwe sengathi ukufana noJesu Kristu nokukhulisa izimfanelo Zakhe ngeke kwenzeke na? IGosa uRobert D. Hales lanikeza lomqondo okhuthazayo mayelana nokuthi singazikhulisa kanjani izimfanelo zobuKristu: “Izimfanelo zikaMsindisi … ziyizimilo ezihlangahlangene, ezengeziwe esinye kwesinye, ezikhula kithi ngezindlela ezithintanayo. Ngamanye amazwi, ngeke sikwazi ukuthola isimilo esisodwa sobuKristu ngaphandle kokuthola nokuba nomthelela kwezinye. Ngesikhathi isimilo esisodwa siqina, ngokunjalo nezinye eziningi ziyaqina” (“Becoming a Disciple of Our Lord Jesus Christ,” iLiyahona, ngoMeyi 2017, 46).

Isithombe
indwangu ethungwe ngokuphambaphambene

Isimilo ngasinye sobuKristu esisikhulisayo sisisiza sithunge indwangu yangokomoya yobufundi.

Ngesikhathi ufunda incwadi 2 KaPetro 1:1–11, zindla ngezimfanelo “zesimo sobuNkulunkulu” ezibaliwe kulamavesi. Kulokho owadlula kukho wena, ngabe “zihlangahlangene,” kanjani njengoba iGosa uHales achaza na? Ngabe zakheka kanjani enye phezu kwenye na? Yikuphi okunye okufundayo kulamavesi ngenkambiso yokufana noKristu na?

Ungase futhi uzindle nge “zithembiso eziyigugu nezikhulukazi” uNkulunkulu azinika abaNgcwele Bakhe—kanye nawe (2 KaPetro 1:4). -

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 KaPetro 2:5–10.Ngesikhathi ufunda lamavesi nomndeni wakho, cabanga ngokusebenzisa amatshe ukusiza umndeni wakho ubone ngamehlo engqondo izimfundiso zikaPetro zokuthi uMsindisi “uyitshe legumbi elikhethekile.” Ngabe sifana kanjani “namatshe [aphilayo] aphilileyo” uNkulunkulu awasebenzisayo ukwakha umbuso Wakhe na? Ufundani kuPetro ngoMsindisi kanye nendima yethu embusweni Wakhe na? Yimuphi umlayezo kaPetro emndenini wakho na?

1 KaPetro 3:8–17.“[Singa]hlala [kanjani] silungele ukubaphendula” labo abasibuza ngokholo lwethu na? Umndeni wakho ungakuthokozela ukulingisa izimo lapho umuntu eza kubo nombuzo ngevangeli.

1 KaPetro 3:18–20; 4:6.Umndeni wakho ungenzani ukuzizwa uxhumene nokhokho bawo na? Mhlawumbe ningagubha izinsuku zokuzalwa zokhokho abangasekho ngokulungisa izidlo zabo ababezithanda, ukubuka izithombe, noma ngokuxoxa izindaba zezimpilo yabo. Uma ningakwazi, ningahlela futhi nokubatholela izimiso ethempelini (ukuthola usizo, vakashela ku FamilySearch.org ).

2 KaPetro 1:16–21.Kulamavesi, uPetro wakhumbuza abaNgcwele ngalokho ahlangabezana nakho eNtabeni yokuGuqulwa (bheka futhi NgokukaMathewu 17:1–9). Yikuphi okufundayo kulamavesi ngezimfundiso zabaprofethi na? (bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 1:38). Yikuphi okukunika ukuzethemba ukulandela abaprofethi bethu abaphilayo namhlanje na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

“Hlala ulindele njalo” Amathuba okufundisa okungahleliwe ekhaya angeza futhi ahambe ngokushesha, ngakho-ke kubalulekile ukuthi uwasebenzise uma evela. Ungazama kanjani “ukuhlala ulungele njalo” ukufundisa amalungu omndeni amaqiniso evangeli nokwabelana “[nge]themba elikini” (1 KaPetro 3:15) uma mathuba okufundisa evela na? (Bheka Teaching in the Savior’s Way16.)

Isithombe
UPetro eshumayela eqenjini labantu

Yize noma uPetro abhekana nokuhlushwa kanye nokuphikiswa okuningi, wahlala njalo eqinile ebufakazini bakhe ngoKristu.

Shicilela