ITestamente Elisha 2023
NgoNovemba 6–12. KumaHebheru 7–13: “UmPhristi omKhulu Wezinto Ezinhle Ezizayo”


“NgoNovemba 6–12. KumaHebheru 7–13: ‘UmPhristi omKhulu Wezinto Ezinhle Ezizayo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: IThestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoNovemba 6–12. KumaHebheru 7–13,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UMelkisedeki ebusisa u-Abrama.

UMelkisedeki ubusisa u-Abrama, nguWalter Rane. Isipho sengcweti yemifanekiso

NgoNovemba 6–12

KumaHebheru 7–13

“UmPhristi omKhulu Wezinto Ezinhle Ezizayo”

Ngesikhathi ufunda KumaHebheru 7–13, kungavela imibono ngoMoya oNgcwele. Cabanga izindlela ongayibhala ngayo; isibonelo ungayibhala kuloluhlaka, emaphethweni emibhalo yakho engcwele, ebhukwini lokubhalela noma kwincwajana yezigigaba zosuku.

Bhala Imizwa Yakho

Ngisho nabaNgcwele abathembekile kwesinye isikhathi bahlushwa “ukuhlanjalazwa kanye nezinhlupheko” ezinganyakazisa ukuzethemba kwabo (bheka KumaHebheru 10:32–38). UPawulu wayazi ukuthi amaJuda ayeguqukele kubuKristu ayebhekene noshushiso olunzima ngenxa yokholo lwawo olusha. Ukuze abakhuthaze ukuba bahlale bethembekile ebufakazini babo, wabakhumbuza ngosiko lwesikhathi eside lamakholwa athembekile emlandweni wabo siqu: u-Abela, u-Enoke, uNowa, u-Abrahama, uSara, uJosefa, uMose—“ifu lofakazi bokuthi izithembiso zikaNkulunkulu zingokoqobo futhi zifanelekile ukulindwa (bheka KumaHebheru 11; 12:1). Lolusiko olwakho nawe. Luyifa lokholo elihlanganyelwa yibo bonke ababuka “kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu” (KumaHebheru 12:2). Ngenxa Yakhe, noma yinini lapho ubunzima busenza sifune “ukuhlehla,” esikhundleni salokho “singasondela ngenhliziyo yeqiniso ngesiqinisekiso esigcwele sokholo” (KumaHebheru 10:22, 38). Kithina, njengabaNgcwele basendulo, uJesu Kristu ungowethu, “umpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo” (KumaHebheru 9:11).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

KumaHebheru 7

UbuPristi bukaMelkisedeki bungikhomba kuJesu Kristu.

Emakhulwini eminyaka, amaJuda asebenzisa ubuPristi bukaLevi, obaziwa nangokuthi ubuPristi buka-Aroni. Kodwa ngokugcwala kwevangeli likaJesu Kristu kweza ukubuyiselwa kobuPristi bukaMelkisedeki obukhulu, obanikeza izibusiso ezinkulu nakakhulu. Ufundani mayelana nobuPristi bukaMelkisedeki KumaHebheru 7? Ukhumbula ukuthi inhloso yalencwadi—njengayo yonke imibhalo engcwele—eyokwakha ukholo kuJesu Kristu, ungase unake iziqephu ezifakaza Ngaye.

Nazi izibonelo zamanye amaqiniso ongase uwathole:

Yiziphi izibusiso ozitholile kubuPristi bukaMelkisedeki kanye “nezimiso zabo” na? (IMfundiso neziVumelwano 84:20). UbuPristi bukaMelkisedeki bukusize kanjani ukuthi uze kuKristu na?

Bheka futhi ku Alima 13:1–13; IMfundiso neziVumelwano 121:36–46; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Melkisedeki,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org.

KumaHebheru 9; 10:1–22

Izimiso zasendulo nezamanje zikhomba kuJesu Kristu.

Abafundi bokuqala bamaHebheru balencwadi babejwayelene kakhulu netabernakele lasendulo kanye nezimiso uPawulu azichaza. Kodwa abanye abazange baqaphele ngokugcwele ukuthi injongo yalezi zimiso kwakuwukukhomba emhlatshelweni ohlawulelayo kaJesu Kristu.

Ezikhathini zeBhayibheli, ngeholidi laminyaka yonke elibizwa ngokuthi uSuku Lokubuyisana, umpristi omkhulu wayengena endaweni engcwele kakhulu (noma iNgcwelengcwele) ethempelini laseJerusalema futhi anikele ngembuzi noma iwundlu ukuze ahlawulele izono zika-Israyeli.

Njengoba ufunda incazelo kaPawulu yalezi zimiso, bheka izimpawu kanye nezimfundiso ezikusiza uqonde kangcono umsebenzi woMsindisi wokuhlawulela.

Izimiso esibamba iqhaza kuzo namuhla zihlukile kulezo zesikhathi sikaPawulu, kodwa inhloso yazo iyefana. Izimiso zanamuhla zifakaza kanjani kuwe ngoJesu Kristu na?

-

KumaHebheru 11

Ukholo ludinga ukuthembela ezithenjisweni zikaNkulunkulu.

Uma kukhona ongakubuza ukuthi uchaze ukholo, ungathini? UDade u-Anne C. Pingree wathatha olimini oluvela KumaHebheru 11 ukunikeza lencazelo yokholo: “Ikhono elingokomoya lokukholiswa ngezithembiso ezibonwa ‘kude’ kodwa ezingafinyelelwa kulokhu kuphila” (“Seeing the Promises Afar Off,” iLiyahona, Nov. 2003, 14).

Cabanga ukuthuthukisa eyakho incazelo yokholo njengoba uzindla ngemibono KumaHebheru 11. Izibonelo zabantu okukhulunywe ngazo kulesi sahluko zikufundisani ngokholo? (Bheka futhi kuEtere 12:6–22.)

Yiziphi izethembiso ozibonayo ‘kude’ na? Ungayikhombisa kanjani iNkosi ukuthi “ukholisiwe ngazo, futhi [uzamukele]” na? (KumaHebheru 11:13).

Bheka futhi u-Alima 32:21, 26–43.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

KumaHebheru 10:32–36.Ungase umeme amalungu omndeni ukuba abelane ngokubenzakalele ngokomoya lapho khona bazizwa “bekhanyiselwe” ngeqiniso. Lezi zehlakalo zingasisiza kanjani “ngokuthi singalahli ithemba [lethu]” ngezikhathi zokulingwa noma zokungabaza na?

KumaHebheru 11.Ungawasiza kanjani amalungu omndeni wakho ukuba afunde ezibonelweni zokwethembeka okukhulunywe ngazo encwadini KumaHebheru 11na? Kungase kube mnandi ukulingisa izindaba zezinye zalezi zibonelo. - Noma mhlawumbe umndeni wakho ungaxoxa ngezibonelo zabanye abantu abathembekile enibaziyo—okuhlanganisa nokhokho, abaholi beBandla, kanye namalungu omphakathi wenu. -

KumaHebheru 12:2.Ngokwalelivesi, kungani uJesu ayezimisele ukubekezelela ubuhlungu nokuhlupheka esiphambanweni na? Lokhu kusifundisani ngendlela esingabekezelela ngayo ukulingwa kwethu na? -

KumaHebheru 12:5–11.Kungani iNkosi isijezisa futhi isiqondisa na? Yini esiyibonayo kulamavesi ngendlela iNkosi ebona ngayo ukujeziswa na? Lamavesi ayithinta kanjani indlela esinikeza noma esithola ngayo isijeziso na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa umculo ukumema uMoya futhi ufunde imfundiso. UMongameli Wokuqala wathi, “Umculo unamandla angenamkhawulo okusiyisa [sifinyelele] ebumoyeni obukhulu” (“First Presidency Preface,” Hymns, x). Mhlawumbe iculo elimayelana nokholo linganezela ingxoxo yomndeni evela KumaHebheru 11.

Isithombe
isibonelo seJerusalema lasendulo

Izimpawu nezimiso zethempeli lasendulo zazifundisa ngendima kaJesu Kristu.

Shicilela