ITestamente Elisha 2023
NgoNovemba 13–19. EkaJakobe: “Yibani Ngabalenzayo Izwi, Ningabi Ngabalizwayo Kuphela”


“NgoNovemba 13–19. EkaJakobe: ‘Yibani Ngabalenzayo Izwi, Ningabi Ngabalizwayo Kuphela,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoNovemba 13–19. EkaJakobe,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
intsha ihlanza udonga

NgoNovemba 13–19

EkaJakobe

“Yibani Ngabalenzayo Izwi, Ningabi Ngabalizwayo Kuphela”

Ngesikhathi ufunda iNcwadi kaJakobe, naka imishwana ekugqamelayo. Ngabe ukhuthazeka kanjani ukuba ube “ngumenzi “ walamazwi na? (EkaJakobe 1:22).

Bhala Imizwa Yakho

Kwesinye isikhathi ivesi elilodwa nje vo lingaguqula umhlaba. Incwadi EkaJakobe 1:5 ibukeka iyiseluleko esincane nje esilula—uma udinga ukuhlakanipha, cela kuNkulunkulu. Kodwa ngesikhathi uJoseph Smith owayeneminyaka eyi-14 efunda lelovesi, “kwaba sengathi ungena ngomkhulu umfutho kuyo yonke imizwa yenhliziyo [yakhe]” (Joseph Smith—uMlando 1:12). Esethole ugqozi ngaleyo ndlela, uJoseph wenza lokhu okwakuyalelwa nguJakobe wafuna ukuhlakanipha kuNkulunkulu ngomkhuleko. Futhi uNkulunkulu wapha ngobuhle ngempela, enika uJoseph ukuvakashelwa kwasezulwini okumangalisayo emlandweni wesintu—uMbono wokuQala. Lombono wayishintsha indlela yempilo kaJoseph futhi waholela ekuBuyiselweni kweBandla likaJesu Kristu emhlabeni. Sonke sibusisekile namhlanje ngenxa yokuthi uJoseph Smith wafunda futhi wenza lokhu okusencwadini EkaJakobe 1:5.

Ngabe yini ozoyithola ngesikhathi ufunda iNcwadi kaJakobe na? Mhlawumbe ivesi elilodwa noma amabili azokuguqula noma aguqule umuntu omthandayo. Ungase uthole ukuholeka ngesikhathi ufuna ukufeza umsebenzi wakho emhlabeni. Ungase uthole ukukhuthazeka ukuba ukhulume ngesihe noma ukwazi kangconywana ukuba nomoya wokulinda. Ungase uzizwe ukhuthazeka ukwenza izenzo zakho zihambisane kangconywana nokholo lwakho. Noma yikuphi okukukhuthazayo, vumela lamazwi “angene … kuyo yonke imizwa yenhliziyo [yakho].” Emva kwalokho, uma “namukela ngomoya omnene … izwi,” njengoba uJakobe abhala, nibe ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela (bheka EkaJakobe 1:21–22).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Kwakungubani uJakobe na?

Ngokuvamileyo kunenkolelo yokuthi umbhali weNcwadi kaJakobe wayeyindodana kaMariya, unina kaJesu Kristu, ngakho-ke engumfowabo kaMsindisi. UJakobe uyaphathwa ezincwadini NgokukaMathewu 13:55; NgokukaMarku 6:3; IzEnzo 12:17; 15:13; 21:18; nasencwadini KwabaseGalathiya 1:19; 2:9. Okuvelayo kulemibhalo engcwele ukuthi uJakobe wayengumholi weBandla eJerusalema futhi wayebizwe njengomPostoli (bheka KwabaseGalathiya 1:19).

EkaJakobe 1:2–4; 5:7–11

Ukulinda ngokubekezela kuholela ekuphelelisweni.

Emva kokufunda EkaJakobe 1:2–4; 5:7–11, ungathi kwakuyimuphi umlayezo kaJakobe osemqoka ngokulinda na? - Ngabe yimuphi “umsebenzi ophelelisiwe” wokulinda na? (EkaJakobe 1:4). Singayikhombisa kanjani iNkosi ukuthi sizimisele ukulinda na?

EkaJakobe 1:3–8, 21–25; 2:14–26; 4:17

Ukholo ludinga izenzo.

Wazi kanjani ukuthi unokholo kuJesu Kristu na? Ngabe imisebenzi yakho ilukhombisa kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu na? Cabanga ngalemibuzo ngesikhathi ufunda izimfundiso zikaJakobe ngokholo. Ungase uthande ukufunda futhi ngo-Abrahama noRahabi, izibonelo ezimbili uJakobe aphawula ngazo (bheka UGenesisi 22:1–12; UJoshuwa 2). Bakhombisa kanjani ukuthi babenokholo kuNkulunkulu na?

Ukufunda EkaJakobe 1:3–8, 21–25; 2:14–26; 4:17 kungakusiza ucabange izindlela ongenza ngcono ngazo ekwenzeni izwi. Kubhale phansi lokho, bese wenza amacebo okukwenza lokho.

Bheka futhi u-Alima 34:27–29; 3 Nefi 27:21.

Isithombe
U-Abrahama ekhuleka ngaphandle kwetende lakhe

“U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga” (EkaJakobe 2:23). Abraham on the Plains of Mamre [U-Abrahama EmaThafeni AseMamre], nguGrant Romney Clawson

EkaJakobe 1:263:1–18

Amazwi engiwakhulumayo anamandla okuzwisa abanye ubuhlungu noma ukubabusisa abanye.

Phakathi kwemifanekiso eminingi uJakobe ayisebenzisa encwadini yakhe yonke, olunye ulimi lwakhe olugqame kakhulu lutholakala emyalweni wakhe mayelana nolimi. Cabanga ukwenza uhlu lwezindlela ezahlukene uJakobe achaza ngazo ulimi noma umlomo. Ngabe ukuqhathanisa ngakunye noma umfanekiso kukhombisani ngamazwi esiwakhulumayo na? Cabanga into ongayenza ukubusisa omunye ngamazwi akho (bheka IMfundiso neziVumelwano 108:7).

EkaJakobe 2:1–9

Njengomfundi kaJesu Kristu, kufanele ngithande bonke abantu, ngisho noma ngabe zinjani izimo zabo.

UJakobe wabaqwashisa abaNgcwele ikakhulukazi ekuthandeni abacebile nasekuzondeni abampofu, kodwa ukuqwashisa kwakhe kungasebenza kunanoma yikuphi ukuchema noma ukucwasa esingaba nakho ngabanye. Ngesikhathi ufunda EkaJakobe 2:1–9, ngokukhuleka, bheka inhliziyo yakho futhi ulalele imizwa kaMoya oNgcwele. Kungase kusize ukususa imishwana enjengalena kulamavesi, “nompofu onezingubo ezimbi” (ivesi 2), esikhundleni sawo ufake namanye amagama noma imishwana echaza umuntu ongazama ukumahlulela ngokungafanele. Ngabe ikhona imizwa oyizwayo yoshintsho odinga ukulenza endleleni ophatha noma ocabanga ngayo ngabanye na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

EkaJakobe 1:5.Emva kokufunda EkaJakobe 1:5, umndeni wakho ungazama ukufinqa indaba yoMbono wokuQala (bheka uJoseph Smith—Umlando 1:8–20). Mema amalungu omndeni ukuba abelane ngobufakazi bawo ngomPhrofethi uJoseph Smith nokwabehlela ngesikhathi uBaba oseZulwini ephendula imikhuleko yabo.

EkaJakobe 1:26–27.- Bese ufunda incazelo kaJakobe “[yo]kukhonza okumhlophe” ku EkaJakobe 1:26–27, futhi nixoxisane ngezindlela umndeni wakho ongenza ngayo inkolo yenu ibemhlophe.

EkaJakobe 3.EkaJakobe 3 iqukethe imifanekiso eminingi engakhuthaza isifundo esikhumbulekayo esenziwe ngezinto ukusiza umndeni ukhumbule ukukhuluma ngesihe. Isibonelo, ningabasa umlilo ndawonye bese nikhuluma ngokuthi igama elincane elingenaso isihe, lingadala kanjani umonakalo omkhulu (bheka amavesi 5–6). Noma ungafaka into emuncu entweni ejwayele ukusetshenziswa ekudleni okunoshukela—njengolamula esitsheni soju. Lokhu kungaholela engxoxweni ngokusebenzisa amazwi amahle akhayo (bheka amavesi 9–14).

EkaJakobe 4:5–8.Kungani kumele “[si]sondele kuNkulunkulu” (EkaJakobe 4:8) uma sibhekene nezilingo na?

EkaJakobe 5:14–16.UMongameli uDallin H. Oaks wafundisa ukuthi “abazali kumele bakhuthaze izibusiso zobuphristi kakhudlwana emndenini” (“The Powers of the Priesthood,” Liahona, May 2018, 67). Mhlawumbe ukufunda EkaJakobe 5:14–16 nokwabelana ngokuthola isibusiso sobuphristi kungakhuthaza amalungu omndeni ukuba acele isibusiso uma egula noma edinga amandla angokomoya.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Kuphile lokho okufundayo. Ngesikhathi ufunda, lalela ugqozi olufakwa nguMoya mayelana nokuthi ungakusebenzisa kanjani okufundayo empilweni yakho. Zibophezele ukukulandela lokho futhi uliphile ivangeli ngokugcwele. -

Isithombe
UJoseph Smith efunda iBhayibheli

Iseluleko sikaJakobe “sokucela kuNkulunkulu (EkaJakobe1:5) samufaka ugqozi uJoseph Smith ukuba afune ukuhlakanipha kuNkulunkulu. Isithombe nguChristina Smith.

Shicilela