ITestamente Elisha 2023
Ngo-Okthoba 30–Novemba 5. KumaHebheru 1–6: “UJesu Kristu ‘Yisisusa sokuSindiswa’”


“Ngo-Okthoba 30–Novemba 5. KumaHebheru 1–6: ‘UJesu Kristu “Yisisusa sokuSindiswa,”’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Okthoba 30–Novemba 5. KumaHebheru 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UKristu emi nentombazane esencane

IBhalisamu lakwaGileyadi,, ngu-Annie Henrie

Ngo-Okthoba 30–Novemba 5

KumaHebheru 1–6

‘UJesu Kristu, “Yisisusa sokuSindiswa”

Ukubhala okufika emqondweni ngokukamoya kukusiza ukuthi ubone lokho uMoya oNgcwele ofuna ukukufundisa kona. Ukwenza ngokubona kwakho kukhombisa ukholo lwakho ukuthi lezo zixwayiso ziyiqiniso.

Bhala Imizwa Yakho

Umuntu ngamunye kithi kufanele alahle okuthile ukuze amukele ivangeli likaJesu Kristu—imikhuba emibi, izinkolelo ezingalungile, ukuzihlanganisa okungalungile, noma enye into. KwabeZizwe eSontweni lobuKristu lakuqala, ukuguquka ngokuvamile kwakusho ukulahla onkulunkulu bamanga. KumaHebheru (noma amaJuda), ukuguquka kwabonakala, kunzinyana, noma kuba inkimbinkimbi. Phela, izinkolelo zabo namasiko ababewathanda ayegxile ekukhulekeni uNkulunkulu weqiniso nasezimfundisweni zabaphrofethi Bakhe, okwaqhubeka izinkulungwane zeminyaka. Nokho umPhostoli wafundisa ukuthi umthetho kaMose wawugcwalisekile kuJesu Kristu nokuthi umthetho ophakeme manje wawuyindinganiso yamakholwa. Ingabe ukwamukela ubuKristu kuyosho ukuthi amaHebheru kumele alahle izinkolelo nomlando wabo wangaphambili na? Incwadi eya kumaHebheru yayifuna ukusiza ekuphenduleni imibuzo enjalo ngokufundisa ukuthi umthetho kaMose, abaphrofethi, nezimiso zonke zibalulekile, kodwa uJesu Kristu nguye omkhulu kunazo (bheka KumaHebheru 1:1–4; 3:1–6; 7:23–28). Eqinisweni, zonke lezi zinto zikhomba futhi zifakaza ngoKristu njengeNdodana kaNkulunkulu noMesiya othenjisiwe amaJuda ayemlindile.

Ukuguquka, ngalezo zinsuku zakuqala nanamuhla, kusho ukwenza uJesu Kristu isizinda sokukhulekela kwethu kanye nempilo yethu. Kusho ukubambelela eqinisweni nokudedela lokho okusiphazamisayo Kuye, ngoba Nguye “yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo” (KumaHebheru 5:9).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Ubani owabhala incwadi eya kumaHebheru na?

Ezinye izazi ziye zangabaza ukuthi ngabe uPawulu wabhala yini incwadi eya kumaHebheru. Indlela yokubhala yamaHebheru ihluke ngandlela thile kwezinye izincwadi zikaPawulu, futhi izinguquko zangaphambilini zombhalo azizange zisho umlobi. Nokho, ngenxa yokuthi imibono evezwe kumaHebheru ihambisana nezinye izimfundiso zikaPawulu, abaNgcwele Bezinsuku zokuGcina, ngokuhambisana nosiko lobuKristu, baye bakwamukela ngokuvamile ukuthi uPawulu wayebandakanywa ekubhaleni lencwadi.

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Izincwadi zikaPawulu.”

KumaHebheru 1–5

UJesu Kristu “umfanekiso” kaBaba oseZulwini.

AmaJuda amaningi akuthola kunzima ukwamukela uJesu Kristu njengeNdodana kaNkulunkulu. Naka ukuthi Incwadi eya kumaHebheru ifakaza Ngaye. Isibonelo, ngesikhathi ufunda izahluko ezinhlanu zokuqala, ungahle wenze uhla lweziqu zikaJesu Kristu, izindima, izimfanelo, nemisebenzi othola kukhulunywa ngayo. Lezi zinto zikufundisani ngoMsindisi na? Ngabe kukufundisani ngoBaba oseZulwini na?

Isitatimende esilandelayo esivela kwiGosa uJeffrey R. Holland sengezani ekuqondeni kwakho izimfundiso ezikulezi zahluko na? “UJesu … weza ukuzothuthukisa umbono womuntu ngoNkulunkulu futhi nokubancenga ukuthi bathande uBaba wabo waseZulwini njengoba ehlale ebathanda futhi eyohlala ebathanda. Ngakho-ke ukondla abalambileyo, ukulapha abagulayo, ukukhuza ukuzenzisa, ukuncenga ukholo—lokhu kwakunguKristu esibonisa indlela kaBaba” (“The Grandeur of God,” iLiyahona, Nov. 2003, 72).

KumaHebheru 2:9–18; 4:12–16; 5:7–8

UJesu Kristu wahlupheka ngakho konke ukuze angiqonde futhi angisize uma ngihlupheka.

Ingabe uyezwa ukuthi “ungeza ngesibindi esihlalweni somusa” futhi ufune umusa na? (KumaHebheru 4:16). Omunye umlayezo weNcwadi eya kumaHebheru uthi ngaphezu kwezono zethu nobuthakathaka bethu, uNkulunkulu uyangeneka futhi umusa wakhe uyafinyeleleka. Yikuphi okutholayo KumaHebheru 2:9–18; 4:12–16; 5:7–8 okuqinisa ukuzethemba kwakho ekutheni uJesu Kristu uzokusiza ngezinselele zakho zasemhlabeni na? Cabanga ukubhala encwadini yakho yokuloba izinhlelo zosuku imicabango kanye nemizwa yakho ngalokho uMsindisi asekwenzele kona.

Bheka futhi Mosiya 3:7–11; Alima 7:11–13; 34.

KumaHebheru 3:74:11

Izibusiso zikhona kulabo “abangazenzi lukhuni izinhliziyo zabo.”

Ngokulandisa indaba yama-Israyeli asendulo, uPawulu wayenethemba lokukhuthaza amaJuda ukuba agweme iphutha elenziwa okhokho babo—benqaba izibusiso zikaNkulunkulu ngenxa yokungakholwa. (Ungayifunda indaba uPawulu ayebhekise kuyo kuINumeri 14:1–12, 26–35.)

Cabanga ngokuthi okutholakala KumaHebheru 3:74:11 kungase kusebenze kanjani kuwe. Ukwenza lokhu, ungahle ucabange imibuzo ekanje:

  • Ama-Israyeli ayithukuthelisa kanjani iNkosi na? (bheka KumaHebheru 3:8–11). Ngabe yini imiphumela yokuba nenhliziyo elukhuni na?

  • Ngiyivumele nini inhliziyo yami ukuba ibe lukhuni na? Ingabe zikhona izibusiso uNkulunkulu afuna ukunginika zona engingazitholi ngenxa yokungabi nokholo na?

  • Yini engingayenza ukuze ngibe nenhliziyo ethambile futhi edabukile na? (bheka Etere 4:15; IZaga 3:5–6; Alima 5:14–15).

Bheka futhi 1 Nefi 2:16; 15:6–11; Jakobe 1:7–8; Alima 12:33–36.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

KumaHebheru 1:8–9.UJesu ubonise ngaziphi izindlela ukuthi uthanda ukulunga futhi uzonda ububi na? Uma sinezifiso ezingalungile, yini esingayenza ukuze siziguqule na?

KumaHebheru 2:1–4.Ungasicabanga isifundo esiwusizo sokusiza umndeni wakho ukuthi uqonde ukuthi kusho ukuthini ukugcina ubambelele ngokuqinile emaqinisweni evangeli “esiwazwile” na? Lokhu ungakufanekisa ngento okunzima ukubambelela kuyo. Imizamo yethu yokugcina ubufakazi ifana kanjani nokubamba nokubambelela kulento na? Singaqiniseka kanjani ukuthi “izinto esizizwile” “azisuki” kithi na? (ivesi 1).

KumaHebheru 2:9–10.Ukuze uhlole inkulumo ethi “induna yensindiso yabo,” ungase uqale ngokuxoxa ngalokho okwenziwa ngukaputeni. Kusho ukuthini ukusindiswa na? UJesu Kristu ufana kanjani nokaputeni wethu nensindiso yethu na?

KumaHebheru 5:1–5.Lamavesi angakusiza ukuba ube nengxoxo ngokuthi kusho ukuthini ukubizwa nguNkulunkulu ngumuntu onegunya. Yini esingayifunda esibonelweni sikaJesu Kristu mayelana nokwamukela nokugcwalisa ubizo na?

Isithombe
UMose egcoba u-Aroni

“Akakho ozithathela lolu dumo, kuphela lowo obizwe nguNkulunkulu njengo-Aroni” (KumaHebheru 5:4). Moses Calls Aaron to the Ministry [UMose Ubizela u-Aroni eNkonzweni], nguHarry Anderson

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Zama izindlela ezahlukene. Esikhundleni sokufunda imibhalo engcwele ngendlela efanayo ngaso sonke isikhathi, cabanga imibono eyehlukahlukene yokufunda. Uma ufuna eminye imibono bheka futhi “Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni” ekuqaleni kwalensiza.

Isithombe
uJesu Kristu

Light of the World [Ukukhanya koMhlaba], nguWalter Rane

Shicilela