ITestamente Elisha 2023
Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele


“Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Kwakho Imibhalo Engcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Kwakho Imibhalo Engcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
owesifazane efunda imibhalo engcwele

Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele

Nazi izindlela ezilula zokukhulisa ukufunda kwakho izwi likaNkulunkulu emibhalweni engcwele.

Bheka Amaqiniso ngoJesu Kristu

Imibhalo engcwele isifundisa ukuthi zonke izinto zifakaza ngoKristu (bheka ku 2 Nefi 11:4; uMose 6:63), ngakho-ke cabanga ngokudwebela lawo mavesi afundisa ngoMsindisi nokuthi ungamulandela kanjani.

Bheka Amagama Nemishwana Ekufaka Ugqozi

Kungenzeka uthole ukuthi amagama nemishwana ethile emibhalweni engcwele ikuhlaba umxhwele, sengathi yayibhalelwe wena uqobo. Kungaba sengathi iqondene nawe uqobo futhi ingakufaka ugqozi. Cabanga ngokuyidwebela leyomishwana emibhalweni yakho engcwele noma uyibhale encwadini yakho yokufunda.

Bheka Amaqiniso Evangeli

Kwesinye isikhathi amaqiniso evangeli (avame ukubizwa ngemfundiso noma imigomo) abekwa kucace, kwezinye izikhathi kukhulunywa ngawo esibonelweni esithile noma endabeni ethile. Ngesikhathi ufunda, ake uzibuze uthi, “Ngabe yimaphi amaqiniso aphakade okufundiswa ngawo kulamavesi na?”

Lalela uMoya oNgcwele

Naka imicabango nemizwa yakho, ngisho noma ibonakala ingahlangene nalokho okufundayo. Leyomizwa kungenzeka kube yizona zinto uBaba oseZulwini afuna uzifunde.

Yifanise Nempilo Yakho Imibhalo Engcwele

Cabanga ngokuthi ngabe izindaba nezimfundiso ofunda ngazo ziyithinta kanjani impilo yakho. Isibonelo, ungazibuza uthi, “Ngabe yiziphi izinto engidlule kuzo ezifana nalokhu engikufundayo na?” noma uthi “Ngingasilandela kanjani isibonelo salomuntu osemibhalweni engcwele na?”

Buza Imibuzo Ngesikhathi Ufunda

Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, kukhona imibuzo engafika engqondweni yakho. Lemibuzo kungenzeka ihambisane nalokho okufundayo noma nempilo yakho nje yonke. Dlinza ngalemibuzo futhi ufune izimpendulo ngesikhathi usaqhubeka nokufunda.

Isithombe
umfana efunda imibhalo engcwele

Sebenzisa Okungakusiza Ukufunda Imibhalo Engcwele

Ukuze uthole olunye ulwazi olufihlakele emavesini owafundayo, sebenzisa izenezelo, kanye ne ziHloko zemiBhalo eNgcwele, (scriptures.ChurchofJesusChrist.org), nokunye okungakusiza ufunde.

Cabanga Ngomongo Wendaba Emibhalweni Engcwele

Ungathola izimfundiso ezibalulekile ngombhalo ongcwele uma ucabanga ngokuthi wawubhalwe esimweni esinjani—izimo noma indawo yombhalo ogcwele. Isibonelo, ukwazi ngemvelaphi nezinkolelo zabantu umprofethi ayekhuluma nabo kungakusiza ube nokuqonda ngenhloso yamazwi akhe.

Yibhale Phansi Imicabango Nemizwa Yakho

Ziningi izindlela zokubhala imizwa efika kuwe ngesikhathi ufunda. Isibonelo, ungadwebela lawomagama noma imishwana enenzuzo kuwe bese imicabango yakho uyibhala khona emibhalweni engcwele ngesikhathi ufunda. Ungazigcinela futhi incwajana ozobhala kuyo ulwazi olusithekile, imizwa yakho, nemicabango efikayo kuwe.

Funda Amazwi abaPhrofethi nabaPhostoli beziNsuku zokuGcina

Funda lokho abaPhrofethi nabaPhostoli abakufundisayo ngemigomo oyithola emibhalweni engcwele (isibonelo, bheka ku conference.ChurchofJesusChrist.org kanye namaphephabhuku eBandla).

Xoxela Abanye Ngolwazi Olutholayo

Ukukhuluma ngolwazi olutholayo ngesikhathi ufunda akuyona nje kuphela indlela enhle yokufundisa abanye, kepha kuyasiza futhi ukuqinisa ukuqonda kwakho kulokho okufundile.

Kuphile Lokho Okufundayo

Ukufunda imibhalo engcwele akufanele nje kusifake ugqozi kuphela kepha kufanele kusiholele ekutheni siguqule indlela esiphila ngayo. Lalela lokho uMoya okukhuthaza ukuba ukwenze ngesikhathi ufunda, bese uzinikela ukuthi ukwenze lokho okhuthazwa ngakho.

IGosa uDavid A. Bednar lasifundisa lathi: “Akufanele silindele iBandla njengenhlangano ukuba lisifundise noma lisitshele konke esidinga ukukwazi nokumele sikwenze ukuze sibe ngabafundi abazinikele nababekezela ngokuqina kuze kube sekugcineni [bheka IMfundiso neziVumelwano 121:29]. Kepha, isibopho sethu wukuba sifunde lokho okufanele sikufunde, siphile ngendlela esazi ukuthi kufanele siphile ngayo, futhi sibe yilokho iNkosi ethanda sibe yikho. Futhi-ke amakhaya ethu yiyona ndawo yokugcina lapho singafunda khona, siphile khona, futhi sibe wutho khona” (“Prepared to Obtain Every Needful Thing,” iLiyahona, ngoMeyi 2019, 102).

Shicilela