ITestamente Elisha 2023
Inhloso Yethu Wukuba Siguquke


“Inhloso Yethu Wukuba Siguquke,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Inhloso Yethu Wukuba Siguquke,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
owesifazane efunda imibhalo engcwele

Inhloso Yethu Wukuba Siguquke

Inhloso yakho konke ukulifunda nokulifundisa ivangeli ukujulisa ukuguqukela kwethu kuBaba wethu oseZulwini noJesu Kristu futhi kusisize sifane Nabo. Ngenxa yalesisizathu, uma silifunda ivangeli, asifuni nje kuphela ulwazi olusha, kodwa sifuna ukuba “yisidalwa esisha” (2 KwabaseKhorinte 5:17). Lokhu kusho ukuthembela kuBaba oseZulwini noJesu Kristu ukuba basisize sishintshe izinhliziyo zethu, imibono yethu, izenzo zethu, ngokunjalo nemvelo yethu uqobo.

Kodwa uhlobo lokufunda ivangeli oluqinisa ukholo lwethu noluholela esimangalisweni sokuguquka alwenzeki lonke ngasikhathi sinye. Luqhubekela ngale kwekilasi luye ezinhliziyweni nasemakhaya ethu. Ludinga imizamo engaguquguquki, yansuku zonke yokuliqonda nokuliphila ivangeli. Ukufunda ivangeli okuholela ekuguqukeni kweqiniso kudinga ithonya likaMoya oNgcwele.

UMoya Ongcwele usiholela eqinisweni futhi ufakaze ngaleloqiniso (bheka NgokukaJohane 16:13). Ukhanyisela izingqondo zethu, asheshise ukuqonda kwethu, futhi athinte izinhliziyo zethu ngokwambulelwa okuvela kuNkulunkulu, ongumthombo walo lonke iqiniso. UMoya oNgcwele uhlanza izinhliziyo zethu. Ufaka ugqozi kithi ukuba sibe nesifiso sokuphila ngeqiniso, futhi uyasihlebela izindlela zokukwenza lokhu. Ngempela, “uMoya oNgcwele … uyaku [si]fundisa konke” (NgokukaJohane 14:26).

Ngenxa yalezi zizathu, emizamweni yethu yokuliphila, ukulifunda, nokulifundisa ivangeli, okokuqala naphambi kwakho konke kufanele sifune ukuhambisana noMoya. Lenhloso kufanele ilawule ukukhetha kwethu futhi iqondise imicabango nezenzo zethu. Kufanele sifune konke lokho okumema ithonya likaMoya futhi sikwenqabe konke okulixoshayo lelothonya––ngoba siyazi ukuthi uma singafaneleka ukuba khona phambi koMoya oNgcwele, singafaneleka futhi ukuphila lapho kukhona khona uBaba oseZulwini neNdodana yaKhe, uJesu Kristu.

Shicilela