ITestamente Elisha 2023
Ukufaka Umculo Ongcwele Ekufundeni Kwakho IVangeli


“Ukufaka Umculo Ongcwele Ekufundeni Kwakho IVangeli” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ukufaka Umculo Ongcwele Ekufundeni Kwakho IVangeli,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Ukufaka Umculo Ongcwele Ekufundeni Kwakho IVangeli

Ukucula izingoma Zabantwana nezihlabelelo kungakubusisa wena nomndeni wakho ngezindlela eziningi. Lemibono ingakusiza ukuthi usebenzise umculo ongcwele njengoba uphokophela ukulifunda nokuliphila ivangeli.

  • Funda imigomo efundisayo. Funa amaqiniso afundiswa emaculweni owaculayo noma owalalelayo. Lokhu kungaholela ezingxoxweni zevangeli mayelana nalamaqiniso usuku lonke. Cula noma ulalele izingoma Zabantwana noma amaculo afundisa ngoJesu Kristu nangevangeli Lakhe. Naka izindlela uMoya oNgcwele ofakaza ngazo ngoMsindisi nezimfundiso Zakhe.

  • Wabone amandla omculo. Ukucula noma ukulalela izingoma nezihlabelelo Zabantwana kungaba yisibusiso ngezikhathi zesidingo. Isibonelo, ukucula iculo kungazelisa ingane ngesikhathi sokulala, kwakhe injabulo ngenkathi umndeni wakho usebenza ndawonye, kukhuthaze umakhelwane ogulayo, noma kududuze umuntu ozizwa ekhathazekile.

  • Yabelana ngenidlula kukho. Yabelana ngenidlula kukho wena nomndeni wakho okuhlobene nemilayezo yezingoma. Ungabelana futhi ngezindaba zemibhalo engcwele ezihlobene nezinto enidlula kuzo.

  • Umndeni wakho mawubambe iqhaza. Umndeni wakho uzofunda okuningi ezingomeni uma ubambe iqhaza ngentshisekelo. Ukuze amalungu omndeni abambe iqhaza, ungamema ingane endala ukuthi isize ukufundisa ingoma ezinganeni zakubo ezincane noma umeme izingane ukuthi zifundise umndeni ingoma abayifunde ekilasini labaNtwana. Ungavumela futhi amalungu omndeni ukuba ashintshane ngokuhola ingoma.

  • Yiba nobuciko. Sebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokufunda umculo ongcwele njengomndeni. Isibonelo, ungasebenzisa ukushukuma komzimba okuhambisana namagama nemishwana okusengomeni. Noma ningashintshana ngokulingisa izingxenye ezithile zengoma ngenkathi amanye amalungu omndeni ezama ukuqagela ingoma. Umndeni wakho ungase ukujabulele ukucula izingoma ngejubane elihlukile noma ngamazwi ahlukahlukene. Uhlelo lwe-Gospel Library nohlelo lwe-Gospel for Kids zinokulalelwayo okuqoshiwe nama-video angakusiza ufunde izingoma. Ungenza futhi uhlu lwezingoma ongazilalela.

-

Shicilela