ITestamente Elisha 2023
Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele


“Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Egcwele,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
umama nengane befunda imibhalo engcwele

Amasu Okwenza Ngcono Ukufunda Komndeni Wakho Imibhalo Engcwele

Ukuvama ukufunda imibhalo engcwele ningumndeni kuyindlela enamandla yokusiza umndeni wakho ukuba uzwe umthelela woMoya oNgcwele futhi ufunde ivangeli. Ukuthi nifunda okungakanani nokuthi nifunda isikhathi eside kangakanani akubalulekile njengokuhlezi nenza imizamo yokufunda njalo. Ngesikhathi ukufunda imibhalo engcwele ukwenza kube yingxenye ebalulekile yempilo yomndeni wakho, uzobasiza abomndeni wakho ukuba basondele kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu futhi nokuthi bakhele ubufakazi babo phezu kwesisekelo sezwi likaNkulunkulu. Cabanga ngokwelulekana ndawonye mayelana nemibuzo elandelayo:

  • Amalungu omndeni wakho angakhuthazana kanjani ukufunda imibhalo engcwele ngawodwana na?

  • Yikuphi amalungu omndeni wakho angakwenza ukubakhuthaza ukuba baxoxelane ngalokho abakufundayo na?

  • Ungazigcizelela kanjani izimfundiso ozifundayo kwiTestamente Elisha ngezikhathi zokufundisa zansukuzonke na?

Ukhumbule ukuthi ikhaya yiyona ndawo enhle kakhulu yokufunda ngevangeli. Ekhaya ungakwazi ukulifunda futhi ulifundise ivangeli ngezindlela ezingeke zenzeka ngesikhathi kufundwa eSontweni. Yiba nobuciko ngesikhathi ucabanga ngezindlela ongabasiza ngazo abomndeni wakho ukuba bafunde emibhalweni engcwele. Ake ucabange ngananka amasu alandelayo ukuze nikhulise ukufunda kwenu imibhalo engcwele njengomndeni.

Isithombe
Abaholi bemindeni nabeBandla becula ndawonye ekhaya

Sebenzisani Umculo

Culani amaculo azoqinisa leyo migomo evela emibhalweni engcwele. Ezifundweni zamasonto onke kuhlezi kunamaculo noma amaculo abantwana aphakanyisiwe ukuba angaculwa. Ungabuza imibuzo ngamagama noma ngemishwana ekulawo maculo. Ngaphezu kokucula, abomndeni wakho bangenza lezo zinto ezihambisana neculo noma kulalelwe lawa maculo ngesikhathi kukhona okuthile enikwenzayo. Ukuthola amanye amasu, bheka ku “Including Sacred Music in Your Gospel Learning” kulensiza.

Xoxani Ngaleyo Mibhalo Engcwele Enizuza Kakhulu Kuyo

Nikeza abomndeni wakho isikhathi sokuba baxoxelane nangalokho abazuze kakhulu kukho emibhalweni engcwele ngesikhathi bezifundela.

Sebenzisa Amagama Akho

Bameme abomndeni wakho ukuba basho kafushane ngawabo amagama ukuthi yikuphi abakufundile ngesikhathi kufundwa.

Sebenzisani Okusemibhalweni Engcwele Empilweni Yakho

Emva kokufunda indinyana ethile emibhalweni engcwele, bacele abomndeni wakho ukuba bakhulume ngokuthi leyondinyana bangayisebenzisa kanjani ezimpilweni zabo.

Makubuzwe Umbuzo

Bameme abomndeni wakho ukuba babuze umbuzo oqondene nevangeli, bese bechitha isikhathi bebheka amavesi angasiza kuphendulwe lowo mbuzo.

Bonisa ngoMbhalo oNgcwele Othile

Khetha lelo vesi olithola likuzuzisa, bese ubonisa ngalo lapho amalungu omndeni wakho ezohlezi elibona khona njalo. Mema amanye amalungu omndeni wakho ukuba ashintshane ngokukhetha umbhalo abangakhombisa ngawo.

Isithombe
umama nengane befunda imibhalo engcwele

Yenza Uhla lwamaVesi Athile

Njengomndeni, khethani amavesi ambalwa eningathanda ukukhuluma ngawo ngaleli sonto elizayo.

Yifakeni emakhanda Imibhalo eNgcwele

Khetha amavesi abomndeni wakho abazuza kakhulu kuwo, bese uyabamema ukuba bawafake emakhanda abo ngokuwaphinda phinda njalo noma badlale umdlalo wokukhumbuzana lawomavesi.

Yabelana Ngezifundo Lapho Kusetshenziswa Izinto Ezithile

Thola izinto ezithile ezihambisana nezahluko namavesi eniwafundayo njengomndeni. Bameme abomndeni wakho ukuba bakhulume ngokuthi ngabe leyonto ethile ihambisana kanjani nezimfundiso enizithola emibhalweni engcwele.

Khetha Isihloko Esithile

Vumela amalungu omndeni ashintshane ngokukhetha isihloko umndeni ozosifunda ndawonye. Sebenzisa IsiHloko zemiBhalo eNgcwele(scriptures.ChurchofJesusChrist.org) ukuthola amavesi ahambisana naleso sihloko.

Dweba Isithombe

Njengomndeni, fundani amavesi ambalwa bese nizinika isikhathi sokuthi amalungu omndeni wakho adwebe okuthile okuhambelana nalokho akufundile. Chithani isikhathi nikhuluma ngemidwebo yomunye nomunye.

Lingisani Indaba

Emveni kokufunda ngendaba ethile, bameme abomndeni wakho ukuba bayilingise. Emveni kwalokho, khulumani ngokuthi ngabe leyo ndaba ihambisana kanjani nalokho enidlula kukho ngabanye futhi ningumndeni.

UMongameli uRussell M. Nelson wathi, “Ngiyethembisa ukuthi ngesikhathi usebenza ngokukhuthala ukuguqula ikhaya lakho kube ngelokufunda ivangeli, ngokuhamba kwesikhathi izinsuku zenu zeSabatha ngempela ziyoba nenjabulo. Abantwana benu bazojabulela ukuzifunda futhi nokuziphila izimfundiso zoMsindisi, futhi nomthelela wesitha ezimpilweni zenu nasemakhaya enu uzoncipha. Izinguquko ezenzeka emndenini wakho ziyomangalisa futhi kuyoba ezingapheliyo” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” iLiyahona, ngoNov. 2018, 113).

Shicilela