ITestamente Elisha 2023
Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni


“Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ukusebenzisa incwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Ukusebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni

Yenzelwe Bani Lensiza Yokufunda na?

Lensiza yokufunda yenzelwe umuntu ngamunye nemindeni kuleliBandla. Yenzelwe ukuba ikusize ufunde ivangeli––uwedwa noma unomndeni wakho. Uma ubungakaze ulifunde njalo ivangeli ngaphambilini, lensiza ingakusiza ukuthi uqale. Uma ubusuvele unayo injwayelo yokulifunda ivangeli, lensiza ingakusiza uzuze kakhulu.

Isithombe
umyeni nomkakhe befunda imibhalo engcwele

Kufanele Ngiyisebenzise Kanjani Lensiza na?

Sebenzisa lensiza ngendlela ezoba wusizo kuwe. Ungayithola ilusizo ukukukhombisa indlela noma usizo ekufundeni imibhalo wedwa noma nomndeni. Ungayisebenzisa futhi ngesikhathi sobusuku bomndeni. Izinhlelo ezikuyo zigcizelela imigomo ebalulekile etholakala eTestamenteni Elisha, zikhombisa amasu okufunda nokungenziwa ngumuntu ngamunye nemindeni, futhi zinika indawo lapho ungabhala khona imizwa yakho.

Insiza ethi Wozani, Ngilandeleni––Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni akuqondiwe ngayo ukuba ithathe indawo yalokho okuhle okwenzayo noma iqophisane nakho. Landela ukuholwa nguMoya ukuze unqume ukuthi ngabe uzolifunda kanjani izwi likaNkulunkulu.

Ingabe Lensiza Ihambisana Kanjani Nalokho Okwenzeka eBandleni na?

Izinhlelo ezikulencwadi zihlelwe ngokulandela uhlelo lokufunda masonto onke. Izinsiza zokufunda ezinesihloko esithi Wozani, Ngilandeleni ze- Primary, ze- Sunday School, kanye neze- Aaronic Priesthood quorums and Young Women classes zilandela uhlelo olufanayo. Ukweseka imizamo yakho yokufunda nokuliphila ivangeli ekhaya, abakufundisayo ebandleni bazokunika amathuba okuba uxoxe ngolwazi lwakho, ngemicabango, nemibuzo mayelana nezindinyana zombhalo ongcwele okade uwufunda ekhaya.

Ngenxa yokuthi Isikole seSabatha sifundiswa kabili ngenyanga, abafundisa iSikole seSabatha kungenzeka bakhethe ukuzeqa noma ukuzihlanganisa izifundo ukugcina ukulandela uhlelo lwamasonto onke. Lokhu kungadingeka futhi (eSikoleni seSabatha kanye nasesikoleni sabaNtwana) emasontweni lapho izinkonzo zangeSonto ezijwayelekile zingabanjwa ngenxa yomhlangano wesikhonkwane noma ngenxa yezinye izizathu. Phakathi nalamasonto uyamenywa ukuba uqhubeke nokuzifundela iTestamente Elisha ekhaya.

Ingabe Kudingekile Yini Ukuba Ngilandele Uhlelo na?

Uhlelo luzokusiza ukuba uqede ukufunda iTestamente Elisha ngokuphela konyaka. Ngaphezu kwalokho, ukulandela uhlelo olufanayo nolwabanye kungaholela ekutheni uzuze kakhulu kulokho okufundayo ekhaya, ebandleni, nakwezinye izindawo. Kodwa ungazizwa ubophekile ukuba ulandele uhlelo noma uzizwe uphoqelekile ukuba ufunde wonke amavesi, uhlelo lingumhlahlandlela nje ngenhloso yokukulekelela ukuba uziqhube. Okubaluleke kakhulu ukuthi uyalifunda ivangeli uwedwa futhi ningumndeni.

Shicilela